Now Reading
Kusho ukuthini ukunyuka kwezibalo zabangasebenzi kwaboHlanga?
Dark Light

Kusho ukuthini ukunyuka kwezibalo zabangasebenzi kwaboHlanga?

Isibalo sabantu abangasebenzi nabalahlekelwe imisebenzi kusukela ngonyaka odlule siyethusa, sizwisa ubuhlungu futhi silahlisa ithemba. Ukumenyezelwa kwezibalo zikamuva zabantu abangasebenzi, kudale okukhulu ukukhathazeka kubantu abasha ikakhulu labo ababephothula iziqu zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme ezinsukwini ezendlule. Ukwentuleka kwemisebenzi kanye nezibalo zabantu abahamba phambili ngokwentula amathuba omsebenzi akusiyo into entsha kwabohlanga. Uma uhambela amalokishi amaningi kuleli, abantu abavuka bathamele ilanga, lapho ezinye izinhlaka zivuka ziya emisebenzini nasebamabhizinisini azo, yibo abohlanga.

Into ebuhlungu ukuthi abantu bakithi basalindele ukuthi uMengameli azobakhulula kulelijele lendlala kanye nokhwantalala olubangwa ukungasebenzi.

Ukunyuka kwezibalo zikamuva zabantu abangasebenzi zisho izinto eziningi, kodwa kwabohlanga zisho lokhu okulandelayo. Ngifisa ungizwe kahle futhi ungacabangi ukuthi angizwelani nesimo izwe lonke esibhekene naso futhi ngifisa kungezwakali sengathi angizwelani nalabo ababhekene nengcindezi yokuvuka bangazi ukuthi bazothatha ini bayihlanganise nani. Kungakho ngiye ngikuveze kumuntu omusha ukuthi ukwentuleka kwemisebenzi yinto ehlasele izwe lonke, kanye nomhlaba wonke. Lokho ngisuke ngikusho ngiqaphela ukungezwakali sengathi ngisibukela phansi isimo asuke ebhekene naso loyo engisuke ngikhuluma naye.

Ukunyuka kwezibalo zabantu abangasebenzi kusho ukuthi kudingeka abantu abasha abazoshintsha indlela abacabanga ngayo. Kusho ukuthi isidingo sokudala amathuba omsebenzi sidalelane thina sodwa singabohlanga sesifikile. Akusiso isikhathi sokukhomba omunye esweni lesi. Isikhathi sokuthi sisukume sibambisane singabohlanga futhi sivulelane amathuba. Uma wazi ukuthi kunethuba elikhona lapho osebenza khona, tshela abaseduze kwakho, ikakhulu abohlanga ngalo nokuthi bangenza kanjani ukuze baphumelele. Lokhu kufaka phakathi amathuba amabhizinisi.

Akuyona imfihlo ukuthi ezinye izinhlanga ziyabhekelelana, okuyiso isizathu esenza ungabatholi bedelezele imali yesibonelelo sikaHulumeni. Asiyekeni umona kodwa sithandane okwangempela. Akunankinga ukuthi ithuba ulinike ubani, inqobo nje uma ulinike umuntu omnyama ofana nawe. Into yokubukelana phansi kanye nokungabazana singaboHlanga ayiphele. Indlela esethemba ezinye izinhlanga ukwedlula abantu bakithi iyathusa kakhulu. Sivumele ukukhohliseka isikhathi eside saze sacabanga ukuthi amanga okuthi asikwazi ukwenza izinto ayiqiniso. SingaboHlanga, asiyeke ukunikana ithuba ngoba engekho owezinye izizwe esingamnika, kodwa asiziqhenye ngokuba aboHlanga. Le nto yokuthi owoHlanga uyisehluleki akulona iqiniso.

Njengoba izibalo zinyukile iqiniso ukuthi kunyuke izibalo zabantu aboHlanga kakhulu, okusho ukuthi thina sidinga ukwenza okuthize ukuze zehle. Sidinga ukuthi siphume kwezombusazwe kanye nasekucabangeni ukuthi osopolitiki bazosephula kule ngwadla esibhekene nayo. INcwadi Engcwele encwadini kaJeremiya ithi “uqalekisiwe umuntu othemba kubantu” futhi ithi “uyakuba njengesihlahla esiyize ehlane, angaboni ukuthi kuyeza okuhle, uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane, ezweni likasawoti elingahlalwa muntu”. Leli lizwi lisivezela ngokusobala ukuthi ngisho noMdali akathokozi uma esibona sibeka ithemba lethu komunye umuntu.

Okubalulekile manje ukuthi uhlale phansi wenze ucwaningo futhi uzibuze lemibuzo elandelayo.
Okokuqala udinga ukuthi uzibuze ukuthi iliphi iqhaza ongalibamba ekulweni nengwadla yokwentuleka kwamathuba omsebenzi. Isikhathi sokuhlala ekhaya kanye nesokukhangeza siphelile. Ngifisa ungizwe kahle, angisho ukuthi ungaluceli usizo uma kukhona ovule izandla zakhe ukuthi akwelekelele lapho udinga khona usizo. Indlela elula yokubona ukuthi iliphi iqhaza ongalibamba ukuthi ubheke iziqu onazo. Uma ngikhuluma ngeziqu ngikhuluma ngazo zonke izitifiketi onazo kusukela kumatikuletsheni. Yizo kanye iziqu eziyokukukhombisa ukuthi uyophuma ubhekephi. Uma uneziqu zokulima angeke uphume uyofuna amathuba okuba ngumgcini mabhuku ngoba akuyona into oyifundele.

See Also

Okulandelayo, udinga ukuthi uzibuze futhi ubhale phansi wonke amakhono onawo. Kungaba amakhono owafundele esikoleni, ekhaya noma empilweni nje. Isikhathi sokuhlala ekhaya ngoba awutholakali umsebenzi wokuba usonhlalakahle ube ukwazi ukwenza ezinye izinto siphelile. Angisho ukuthi thatha noma ngabe yiliphi ithuba elivelayo kodwa ngithi awukwazi ukuhlala ekhaya ngoba ungekho umsebenzi kodwa ube ukwazi ukubhaka amakhekhe. Isikhathi esiningi uma ngikhuluma nabantu bakithi abasha, sibonisana ngezomsebenzi kanye nokuqashwa, kuyavela ukuthi iningi labo linawo amakhona angaxosha ikati eziko.

Yiwo kanye lawo makhona afunekayo kulesikhathi esiphila kuso. Kusukela namuhla, ngifisa uzibuza ukuthi ulambe ngoba angekho amathuba noma ungafuni ukusukuma wenze ushintsho empilweni yakho. Kukabili, ungahlala ulindele ukudatshukelwa, okuzothatha isikhathi eside, noma uzosukuma wenze umehluko empilweni yakho kanye nasempilweni yabantu abaningi.

Okokugcina futhi okubalulekile ukuthi uphume ungena uziveze ukuthi nawe ukhona futhi unawo amakhona abawadingayo abaqashi. Into emnandi kulesikhathi samanje ukuthi awudingi ukuthi ugibele uye edolobheni ukuze ufake isicela sakho somsebenzi. Uyakwazi ukuzikhangisa ezinkundleni sokuxhumana, kanti nabo abaqashi bakhona ezinkundleni zokuxhumana ukuzofuna bona abantu abafuna amathuba.

Scroll To Top