Ngabe uZuma unguLula da Silva wakuleli?
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Cishe bambalwa abangaphikisa ubungqwele baloyo owayenguMengameli wezwe noKhongolose uMnu uZuma. Lo mholi odume ngamava akhe emdlalweni welabaninzulu, i-chess, ubukeka kwampilo yakhe injengalo mdlalo. Lonke ubishi angena kulo nezindlela zokuphuma kulo zibukeka zihleliwe ngobuchule, uma ulandela ungasho ukuthi sengathi ubuka ingqayi uqobo. Muva nje kulandelana unqobe neqembu lakhe elisha imizuliswano emqoka kwezomthetho.
Impumelelo yokuqala ibe ngesikhathi iNkantolo Yokhetho iphikisa isicelo se-African National Congress (ANC) sokuba igama uMkhonto Wesizwe alingafakwa ohliwni njengoba ngokwaleli qembu igama leli “lebiwe” ngele-ANC selokhu kwathi nhlo. Sekungumlando ukuthi iNkantolo ikuchithile lokho. Okumqoka kulo mlenze wukuthi abe-IEC bebehambisana naye uZuma bephikisa uKhongolose.
Akuphelanga zinsuku zingaki uZuma ubesehujwa yiyo i-IEC embangweni wesinqumo sayo sokuthi uZuma akangabi sohlwini loMkhonto Wesizwe Party (MK). Nalapha sekungumlando ukuthi iNkantolo ivune uZuma odabeni. UZuma uzoba sohlwini lweMK. Ngokocwaningo nakanjani iqembu lakhe lizongena ePhalamende. Ngokwezibalo zakamuva ezenziwe ngabeSocial Research Foundation (SRF) ngalesi sikhathi i-ANC izothola ama-37% iMK yona ingahle ithole ama-13%. Lesi sibalo sikhulu eqenjini elisha futhi siyingozi ku-ANC ngoba kusho ukuthi uma lingazithole izibalo ezingaphezulu kunalokhu kuyophoqeleka ukuthi uHulumeni wakhiwe ngamaqembu ehlukene. NgoLwesithathu kuthiwa lezi zinombolo seziqalile ukuguqisa irandi kuthiwa abatshalimali kabeneme.
Njengakumlingani wakhe
Impilo kaZuma kuze kube yimanje ifana ncamashi neyaloyo onguMengameli waseBrazil uLuiz Inácio Lula da Silva. Le mpunga esibe nguMengameli amahlandla amaningana eBrazil iphuma ezikhindini ngamacala okuhambe kwahamba kwavela ukuthi abe akhiwe zimbangi zakhe ngenhloso yokumkhipha embangweni. NgoNtulikazi wezi-2017 uda Silva waboshwa ngamacala okukhwabanisa imali. Isigwebo sakhe senza wahlala izinsuku ezingama-580 ezikhindini.
UZuma yize kungakabi bikho ubufakazi ngakolwakhe uhlangothi ngaphandle, njalo uma ethole ithuba ukhala ngamazondo namatulo anhloso yawo ukumqinda, ukuthi zonke izinkinga zakhe zakhiwa ngabantu. Ekhuluma nabalandeli bakhe ngaphandle kweNkantolo kuleli sonto sakubhuqa uZuma uthe yena kaqedanga ayekwenza kepha wakhishwa esikhundleni.
Ukunqoba kwakhe imizamo yokumvimba ukuba angenele ukhetho kusho ukuthi njengoda Silva owanede waphuma ejele wabe esengenela ukhetho usethubeni lokuba nguMengameli. Ungowokuqala ohlwiuni lweqembu kanti futhi ungubuso balo obusebenza emaphepheni okuvota. Uma kukhona okungamvimba ekubeni yilungu noMengameli sekungaba yimithetho yePhalamende njengokusho kweNkantolo Yokhetho esinqumweni sayo.