Now Reading
Isadla lubi eyokudunwa kwezimoto ziweliselwe eMozambique
Dark Light

Isadla lubi eyokudunwa kwezimoto ziweliselwe eMozambique

Isikhalo seminyaka sabantu baseNingizimu Afrika ikakhulukazi ezindaweni ezisenyakatho yeKwaZulu-Natal nesifundazwe iMpumalanga abadunwa izimoto ziweliswe umngcele waseMozambique kubonakala sisekude ukuxazululeka.

Ingaphezulu kweli-15 iminyaka oHulumeni balawa mazwe besayina izivumelwano zokusebenzisana ekuqedeni lesi sihlava kujike kufane. Eminyakeni edlule leli phephandaba lwalelusa lolu daba nalapho kwavela khona ukuthi izikhulu zamaphoyisa eMozambique zinesandla ekutheni ukudunwa kwezimoto ziweliswe umngcele kube nzima ukunqotshwa.

Leli phephandaba lakuveza ukuthi izimoto eziyinyama yilezo eziphakeme ama-4×4 ezitete amasondo emhlane. Nakuzo akubi noma yiziphi izigilamkhuba ziduna kakhulu ezakwaTotoya njengeFortuner neHilux. Imizamo yaphambilini zokusebenzisana phakathi kwamaphoyisa aseMozambique nawakuleli akuthelanga zithelo. EsenguMkhuzi Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele imizamo yakhe yokunqanda lobu bugebengu yaphelela emoyeni.

Ukudlondlobala kokudunwa kwezimoto sekuholele ekutheni oHulumeni balawa mazwe bakubuyekeze ukusebenzisana ekulweni nobugebengu. Kuleli sonto uNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele uhlangane nozakwabo Wezangaphakathi eMozambique uMnu uPascoal Ronda bephelezelwa ngoKhomishana bamaphoyisa emazweni womabili.

Obekuseqhulwini kulo mhlangano ukubheka iqhingasu elingalekelela ekulweni nobugebengu. Okuvelile kulo mhlangano ukuthi akubona nje kuphela ukudunwa kwezimoto okudla lubi phakathi kwalawa mzwe kepha muva nje sekunokudlondlobala kokushushumbiswa kwezidakamizwa, ukuweliswa kwabantu besuka eMozambique befakwa kuleli ngaphandle kwamaphepha asemthethweni nokuthunjwa kwabantu.

URonda uthe unethemba lokuthi ukusebenzisana kwabo kuzoba nemiphumela emihle kusuka ekulweni nobugebengu, ukuqinisekisa ukuthi abantu bahamba ngokukhululeka phakathi kwalawa mazwe futhi banazo nezincwadi ezisemthethweni nokugqugquzela kuphinde kwandiswe ukuhwebelana. UCele uthe kusuka bebuyekeze ukusebenzisana sebephumelele ukulwa kokushushumbiswa kwezidakamizwa phakathi kwala mazwe. “Sekubanjwe izidakamizwa ezilinganiselwa ezigidini ezi-R98 esikhathini esifushane. 

Ukudunwa kwezimoto 

See Also

Ngokwezibalo zamaphoyisa ukudunwa kwezimoto kuseyinselelo enkulu. Kuze kube yimanje amaphoyisa athi zingama-300 izimoto ezadunwa kuleli eziseMozambique. Kulezi zimoto amaphoyisa aphumelele ukubamba ezingama-23 kuphela ezibuyiselwe kubanikazi bazo eNingizimu Afrika. Isikhulumi samaphoyisa kuzwelonke uBrigadier u-Athlenda Mathe uthe lezi zimoto ezingama-23 ezitholiwe kubathathe unyaka ukuba zivundululwe.

Odabeni lokuthinteka kwezikhulu zamaphoyisa eMozambique ngokuthi yizo ezithenga lezi zimoto emaseleni, uBrigadier Mathe uthe abanalwazi ngalezi zinsolo kodwa uphenyo lwabo lubheka nxa zonke.

“Asibhekile kuphela ukudunwa kwezimoto sigxile nakobunye ubugebengu njengokushushumbiswa kwezidakamizwa nabantu,’ kuphawula yena. Uthe kusemqoka ukuthi umphakathi usebenzisane nabo kuyona yonke lemizamo ngoba ngaphandle komphakathi kuyoba nzima ukunqoba impi yobugebengu.

Scroll To Top