Now Reading
Intengo yeFord Puma ihambisana nokuthola kuyo
Dark Light

Intengo yeFord Puma ihambisana nokuthola kuyo

Emuva komxokozelo ezinkundleni zokuxhuma ngokwethulwa konyanyavu olusha lakwaFord, iqhina ligcine liphumile embizeni bethula iPuma. Le moto ifike ngesikhathi lapho le nkampani bese yaziwa kakhulu ngokugxila ezimotweni ezingamaveni njengeRanger eyenza kahle emakethe. Ukukhuluma okukhulu ngaphambi kokwethulwa kwayo bekuthi izovala isikhala se-EcoSport, kodwa emcimbini wokwethulwa kwayo kwaFord bakucacisile ukuthi empeleni ithatha indawo yeFiesta.

Ngingomunye wabantu okwaba nzima ukwamukela isimemezelo sakwaFord sokuthi angeke besaqhubeka nokwethula umdobi wabantu iFiesta obekuyimoto yale nkampani eyawina izicoco eziningi emhlabeni. Yize iPuma ingeke isivale thaqha isikhala seFiesta, kodwa indlela eyamukelwe ngayo emakethe kungethuse uma igcina isigabavula ukuyedlula ngezibalo zokuthengwa kwayo. Into ehlala ibhekwe kakhulu ezimotweni ezintsha kuba intengo yayo, kube ngesifanayo nakuyona iPuma iningi lingayizwisisi intengo, kodwa uma usungemuva kwesiteringi uzobona ukuthi kwaFord bafinyelele kanjani kule ntengo ngoba inazo zonke izinto ongazicabanga. Ngiyayavumelana ngokugcwele nabakwaFord uma bethi iphethe isitayela, iyawujija umqala iphinde ibe yisporty. Okufakazela lokhu amalambu eLED daytime running akapakela nangemuva iLED taillights.

Lolu bhememe lutholakala ngezinhlobo ezimbili okukhona iTitanium neST-Line kulabo abathanda ijubane. Ngiyabancoma kwaFord ngokusebenzisa injini yabo endala kwiPuma i-EcoBoost engu 1.0 litre.  Ngaphandle kwamandla le njini iyonga kuphethroli. Iwububanzi obingama-4 207 mm, ubude bayo bungu-33 mm

Injini ye-EcoBoost ikhiqiza amandla afinyelela kuma-92kW netorque engama-170Nm. Idonsa ngo gearbox onamagiya ayisikhombisa obizwa nge dual clutch ongumshini ozishintshayo, bese idonsa ngamasondo angaphambili. Uma lezinhlobo ezimbili zePuma ziphambi kwakho, akulula ukuwubona umehluko kodwa ngokusondela uzoqaphela ukuthi iTitanium iphuma namasondo ali-17 inch bese kuthi ethe thuthu iST-Line iphume nogqinsi lika-18 inch. Ngesikhathi yethulwa emigwaqeni ewubuthebelele yaseKapa, kube yithuba elikahle lokudlala ngobuchwepheshe besimanje obutholakala kule moto.

Zisuka nje amadaka ungakwazi ukuyishayela ngezindlela ezehlukene ezinhlanu kusuka kwejwayelekile iNormal, Eco, Sport, slippery kuze kuyoshaya kuTrail. Uhlobo lweTitanium ngikuqaphelile ukuthi kuphethroli aludli kakhulu ngoba ngebanga le-100km icaphuna phakathi kwe-5.4 kuya ku 5.7 litres uma uzohamba ngesivinini esingeqile kuma-120km/h. Esiqale ngayo ukuyivivinya nozakwethu uNiresh kube ngengaphansi iTitanium sisuka esikhumulweni sezindiza eKapa. Iphuma nezihlalo zohlobo lwe-Ebony bese kuthi iST- iphume nezithi azibe yisikhumba bese zigqiza ngendwangu. Isiteringi sakhona siyisikhumba okwenza sibambeke kalula ngisho nasemajikeni adinga uqaphe eqolo njengonwabu iChapmans Peak.

Ingaphakathi liwumumpu

Angikusho ukuthi ingaphakathi lihlanganiswe laba wumumpu futhi ayikhalisi nangendlela kwaFord abenze ngayo izinto zaba sobala ngayo. Ngaphambili kunamakhosombe amaningi ongabeka kuwo izinto njengesikhwama esincane semali, ukubeka itiye nesikhala esanele kumshayeli nohleli ngaphambili ngoba izihlalo ziyakwazi ukuya phambili zibuye ziphushelwe ngemuva. Isizungu uzosizwa ngendaba ngoba iphuma neSYNC 3 nescreen esingu-8 inch esikwazi ukuxhuma i-Apple CarPlay ne-Android Auto. Endleleni yokuyiivinya sikwazile ukuthola ithuba lokuvulela iradio zasho phezulu izipikha ezilishumi zohlobo lweBang nr Olusen olutholakala kuhlobo lweTitanium.

See Also

Ukuphepha nobuchwepheshe

Asikhalisi neze isikhala sebhuthi ngemuva esiwubukhulu obungama-456 litres okusho ukuthi ungakwazi ukulayisha isikhwama segalofu nomunye umthwalo kujike kusale indawo. Ngesikhathi siyidedela emigwaqeni emazomezombe bekungekho nhlobo ukwesaba ngoba kwaFord benze isiqiniseko sokuthi bayibeka ezingeni eliyifanele kwezokuphepha. Iphuma nama airbag ayisithupha, kusuka kweyangaphambili evikela umshayeli nephansenja, ezinhlangothini neyaphezulu ebizwa ngekhethini. Okunye okuhle ngePuma icruise control, iLane Keeping System, i-ABS i-Electronic Brake Assist kuze kuyoshaya kuHill Start Assist. Uma uzoshintsha amalanes iyakwazi ukukuxwayisa ngobuchwepheshe beLane Departure Warning noma uhlehla iyakutshela uma usuzoshayisa ngama sensor angemuva. Ngaphezu kakho konke lokhu kwaFord baphinde banika abathengi bale moto iDriver Assistance Pack umuntu angazikhethela ukuthi uyayidinga noma cha  nayo ephuma nezinto eziningana njengema sensor angaphambili uma upaka i-Intelligence Adaptive Cruise Control. IPuma yakhiwa eHungary ifike kuleli isilungele ukudayiswa. 

  • IWarranty: 120 000km okanye ibanga leminyaka emine
  • IService Plan: Umthengu uyazikhethela ihambisana nesamba esithile semali’

Intengo

  • Titanium: R569 900
  • ST-Line: R613 900
Scroll To Top