Now Reading
Ezamaqembu: UMntwana usabonakala eyilangabi lakade
Dark Light

Ezamaqembu: UMntwana usabonakala eyilangabi lakade

 

Impelasonto esikuyo ingemqoka emlandweni weqembu Inkatha Freedom Party (IFP). Ngokwesifiso somholi weqembu uMntwana waKwaPhindangene, lesi yisikhathi  lapho lo mholi  ezobeka phansi izihlangu. Lokhu kuyolandelwa yinqubo yeqembu yokuqoka umholi omusha nozothatha izihlangu zoMntwana kuya phambili.

Kumalungu eNkatha njengoba kunjalo nakuso isiThelezi impilo yoMntwana akuyona eyeqembu kepha sekwaba ngeyabantu baseNingizimu Afrika, e-Afrika nasemhlabeni jikekele.  Sikhuluma emcimbini wokubungaza iminyaka engama-90 yokuzalwa koMntwana, ISILO sakugcizelelela lokhu lapho sithi: “Kithi njengeNdlunkulu kaZulu uMntwana ungomunye wethu. Nokho siyakwemukela ukuthi uyilungu lomndeni waseNingizimu Afrika nomhlaba jikelele.

Usuku lwanamuhla luwubufakazi balokho ukuthi lo esihlangene ngaye ungowesizwe. Ekudumaleni nasekulileni kwethu ngokulahlekelwa yilaba bethu abathathu, siyambonga uNkulunkulu ngokusigcinela uMntwana njengobufakazi bokuthi kulabo abaphuma embizeni yakhe yobuholi obuqotho akuphelile. UMntwana uwubufakazi bobuholi obuqotho, nomholi ozinikele enkonzweni yesizwe,” kusho oMdala. Ongangezwe Lakhe kagcinanga lapho: “UMntwana kadingi abantu abazomncengela kumuntu, thina njengomndeni wakhe siyakwazi akwenze kithi nakwenzele isizwe,” kusho ISILO.

Kungenxa yaleli qiniso kule mpelasonto idolobha uLundi lizobe liphithizela amalungu eqembu azothamela ingqungquthela, amaKhosi, osomaqhinga bamazwe, osomabhizinisi kanye nabezindaba. Siye koshicilela ingasekho indawo yokulala kusuka eShowe ngenxa yomhlangano we-IFP.    

Njengomholi uMntwana umlando wamubeka endaweni enzima ngeminyaka lapho lelizwe labe ligubuzwele wunya lobandlululo. Kungalesi sikhathi lapho amaqembu aboHlanga ayesekhaleni lokulwela inkululeko ayevalwe imilomo. Akugcinanga lapho kepha abaholi bomzabalazo babesemajele, abanye besekudingisweni. Kwabe kumnyama ezweni. Ngalesi sikhathi iNingizimu Afrika ngaphakathi ezweni yabe idinga izwi elabe lizokhuluma egameni laboHlanga kwazise abaholi abafana noMnu uRobert Mangaliso Sobukwe noMnu uBantu Biko ababengekho ejele ayesethonyiwe ngandlela thizeni. Lapha uMntwana waba lubhaqa  olwakhanya kumnyama.

Usomlando uSolwazi uJabulani Maphalala uthi usalukhumbula sengathi yizolo usuku lapho uMntwana aba nguMengameli ngaleso sikhathi elabe libizwa nge-Inkatha yeNkululeko Yesizwe. USolwazi uthi akulona ihaba ukuthi umlando uMntwana  wamfaka emphandwini wezimpisi njengoba ukuba yizwi laboHlanga ngaleso sikhathi kwakungasho nokufa uqobo.

“Babengabaningi ababengaphakamisa isandla ngaleso sikhathi njengoba ubuholi baboHlanga babusemajele, ekudingisweni obunye sebusenhlabathini. Ukusukuma kwakhe kwaba ngumnikelo esizweni ngoba kusuka ngonyaka wezi-1975 ube yisisebenzi sesizwe,” kusho uMsuthu.

USolwazi utuse ubuchule boMntwana ekukwazini ukuguduza ezimweni ezinzima. “Ebuholini bakhe ukwazile ukuthunga uZulu, uhulumeni kanye nepolitiki okuyinto elukhuni. Angingabzi ukuthi e-Afrika ababaningi, futhi empeleni abekho  abakwazi ukukwenza lokho.”

Inkalipho nobuqotho

Omunye ungoti  wepolitiki uSolwazi uSomadoda Fikeni uthe uMntwana ungomunye wabaholi i-Afrika eyabakhiqiza ngezikhathi ezinzima wabe eselila ekutheni kungenzeka ukuthi iNingizimu Afrika ne-Afrika  kayimsebenzisanga  ngokuphelele.

“Noma ngabe uyavumelana naye noma cha, iqiniso limile ekutheni kuMntwana unomholi obukhali noqotho. Uyinqanawe, isigomagoma ongeke wasifihla. Ngenxa yesigubu namava akhe ukwazile ukuba ngumholi ohlonishwayo nomqoka kule minyaka engaphezu kwamashumi amane.  Empeleni iqembu lakhe noma umholi oyomlandela kuyomele enze okweqile ukufika ezingeni lakhe. Akuyona imfihlo ukuthi nemiphumela lena yakamuva yokhetho kube ngenxa yobukhona bakhe nokwamukeleka kwakhe kwizinhlaka ezahlukene.  Emphakathini,” kusho uSolwazi uFikeni.

USolwazi utusa ukuzihlonipha koMntwana nathe yikho obese kuyinomfi ehlanganise iPhalamende lakuleli obesekubonakala ukuthi inhlonipho nesithunzi salo sihudulelwa phansi ngamalungu alo. Ebuzwa ngokuthi ngabe iNingizimu Afrika ikwazile yini ukugadla ngoMntwana ezindabeni ezithinta i-Afrika, uSolwazi uthe kube yishwa ukuthi lokho akwenzekalanga.

“Akukho ukungabaza ukuthi uMntwana kwipolitiki yase-Afrika usesigabeni sikaKaunda waseZambia kubaholi abasadla anhlamvana. Elakuleli belingamsebenzisa ezimweni ezahlukene ngoba iqiniso lithi abaholi abaningi e-Afrika bamthatha njengengwevu futhi bayamhlonipha,” kusho uFikeni. Omunye ungoti wezepolitiki uMnu u-Aubrey Mashiqe uthe kumqoka ukwazi ukuthi uma ukhuluma ngoMntwana ukhuluma ngobani ngoba ungumholi onamakhono amaningi kupolitiki yaseNingizimu Afrika.

See Also

“KuMntwana sithola okuningi okwehlukile nokwenza abantu babe nempikiswano. Kuye sinethambo laseNdlunkulu, uNdunankulu weSILO kanye nomuntu ozigqaja ngobuyena. Kulo mkhakha wakwazi ukuphakamisa uZulu nobuholi baboHlanga. Nakwenze ngisho kwakukhona ababemphikisa njengoMntwana uMcwayizeni.Ngakolunye uhlangothi sithola usomaqhinga wepolitiki owakwazi ukunqaba ukuya ejokeni ngesikhathi kwakhiwa ozimelegeqe. Khona lapho simbona engena ethunzini elibi ngesikhathi sekukhona ukugqubuzana phakathi kwe-Inkatha ne-ANC okuyisimo amaBhunu asisebenzisa kakhulu, “kusho uMashiqe.

Uthe phezu kwakho konke lokho akekho ongaphikisa ubumqoka bakhe kupolitiki yakuleli. Naye njengoFikeni ulumbanise ukunqoba kweqembu nobukhona boMntwana athe kuhle kubi. “Umbuzo ohlalele amalungu e-IFP ngothi ngabe ukhona yini oyofana naye (uMntwana) uzokwazi ukumisa iqembu enze lithandwe futhi lihlonishwe ngabantu. Kungenzeka yini ukuthi uHlabisa uthatha izihlangu ezisindayo? Yonke leyo mibuzo ilukhuni iyophendulwa ngumlando, ngoba nakhona ukuthi uzomahlulela kanjalo uMntwana sonke asazi , kepha esikusho manje wukuthi lo ngumholi onohlonze nohlonishwayo nhlangothi zonke,” kuphetha uMashiqe.

Kwezentuthuko

USolwazi uMaphalala uthi okunye  uMntwana okumele atuswe ngakho yikhono  lokuhlanganisa, ngesikhathi kwakhiwa Inkatha Yenkululeko Yesizwe, izingcithabuchopho zaboHlanga. Uthi akagcinanga lapho kepha wakwazi ukuhlanganisa izifundiswa, amaKhosi nabantu emazingeni ehlukene ngaphansi kophawu olulodwa lobuzwe nepolitiki yesimanje.

“Ngaphansi kobuholi bakhe kuphume abaholi abaningi abahlonishwayo. Abanye baze baya kwamanye amaqembu kanti abanye babethi uma bephuma emajele noma ekudingisweni basondele kuye uMntwana, abaholi abafana nomufi uStalwart Simelane, uSolwazi uSibusiso Bengu, uDkt u-Oscar Dhlomo nabanye. Akugcinanga ngalaba baholi ngoba nabalandela abafana noMfu uMusa Zondi, uNkk uZanele KaMagwaza Msibi, uMnu uBlessed Gwala, uMnu uVelenkosini Hlabisa, uMnu u-Albert Mncwango nabanye abaningi,” kusho uSolwazi.

Okunye akuvezile wukuthi uMntwana wabumba Inkatha esebenzisana  nezingwevu zangaleso sikhathi lapha ubalule uSobaba u-Alpheus  Zulu kanye noMnu uNgobese ababenolwazi olunzulu. UNgobese wabe enomlando we-Inkatha kaZulu.  USolwazi uthi uSobaba uZulu wabe engomunye wabantu ababekwazi ukuphikisana  ngokwakha noMntwana futhi naye uMntwana ekwamukela  lokho.

Kwezemfundo uthi wakwazi ukusebenza kanzima ebambisene nemiphakathi noBukhosi okuyinto athe yabe iyisimanga. Wenze isibonelo ngohlelo olwalaziwa ngeRand for Rand lapho imiphakathi yabe ibambisana noHulumeni ukwakha izikole. Uveze nokuthi udaba lwemfundo lwabe luhamba phambili kuMntwana ngoba njalo uma enabatshalizimali wabe ebanxusa ukuba baxhase imfundo. “Isikhungo iMangosuthu University iyisibonelo sentshisekelo yakhe kwezemfundo,” kusho uMsuthu.

Scroll To Top