Inkinga yamanzi eKing Cetshwayo ingahle ibe yizolo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
OMasipala abangaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo balokhu beqhubeke njalo nokuqhamuka nezixazululo zokuqeda izinkinga zamanzi.
Namuhla iMeya kaMasipala uMfolozi uMnu uXolani Bhengu uthe bazimisele ukuqeda lezi zinkinga, njengoba kukhona abaxoxa nabo.
UMnuz uBhengu uveze lokho ngesikhathi kade kunomhlangano womphakathi kanye namakhansela aholwa nguye, nalapha izakhamuzi bezizolalela lokho osekwenziwe nguMasipala uMfolozi kunyakamali wezi-2023/24. Lo mhlangano ububanjelwe eMarikana Sport Field ngaphansi kuWard 8.
“Siyayazi yonke inkinga ebhekene nabantu bakithi, okuyinkinga yamanzi. Kubuhlungu ukuthi lapha eKing Cetshwayo asinayo ingqalasizinda yamanzi. Kodwa ngingakusho ukuthi sisezingxoxweni ukuthi umfula iNsezi engaphansi kukaHulumeni kube iwona osabalalisa amanzi lapha eMfolozi,” usho kanje.
Eqhuba uthe: “Emasontweni amabili edlule sihlangane noMnu uSenzo Mchunu onguNgqongqoshe Wezamanzi Nezenhlanzeko sakhuluma ngodaba lwamanzi. Kube nesivumelwano ukuthi kuzomele kube nedamu lamanzi okumele likhandwe, amanzi elizowathola emfuleni omkhulu obizwa ngokuthi uMfolozi ohlanganisa uMasipala uMfolozi noMasipala uMkhanyakude. UMnu uMchunu ushilo wathi kunemali ezobekwa eceleni ukuba kwenzeke lokhu abakufisayo,” kubeka uBhengu.
Isifunda iKing Cetshwayo esiholwa uMnuz uThami Ntuli, sinconywa kakhulu ngokungazibeki phansi ekutheni abantu bewakhe egcekeni amanzi.
Inkinga yamanzi ikhona yonke izindawo, ngisho ezindaweni zasemalokishini abantu bakhona amanzi bawathola kanzima.
“Kubalulekile ukuthi abantu bakithi sibabikele ngezinhlelo zethu kanjalo nalokho abafisa sikwenze njengoba ngoNhlangulana okuyilapho okuzoqala unyakamali omusha. Sikwazile ukwenza okuningi lokho umphakathi obusithume ukuthi sibenzele khona okufaka phakathi imigwaqo amahholo kanye nezinkulisa. Njengamanje kumele futhi basithume ukuze sizogijima sibenzele lokhu abakufisayo, syathokoza kakhulu ngeqhaza abalidlalayo ukuqinisekisa ukuthi uma bebona kungahambi kahle besibikele ukuze sizosukuma silungise” kubeka uMnu uBhengu.
Ubalule ukuthi imbangela yokubeka abantu eqhulwini, ingoba ibona ababekile lapho abekhona ingakho izicelo zabo bezisukumela phezulu.
“Ngaphandle kwamanzi ngikuqinisekisa ukuthi kumaWard ali-18 esinawo eMfolozi sizokwakha izindlu ezili-17 sakhela abantu abaphila ngokukhubazeka. Lezo zindlu zizobhalwa ngaphansi kwabo,” kubeka uMnu uBhengu.