Now Reading
Kusale abayisi-9 enkundleni bedubulana namaphoyisa eMariannhill
Dark Light

Kusale abayisi-9 enkundleni bedubulana namaphoyisa eMariannhill

Amaphoyisa athi asezithendeni zabanye abasolwa abafunwa uthuli ngochungechunge lwezigameko zokuhlukumeza umphakathi ezindaweni ezakhelene neMariannhill kulandela isigameko sanamuhla ezintatha lapho kubulawe khona abesilisa abayisi-9.

Laba kuthiwa bazame ukudubulana namaphoyisa kwaDesai abephansi phezulu ethungatha amadoda asolwa ngokudlwengula abesifazane nokugqekeza imizi kule ndawo.

Amaphoyisa ngomlomo womkhulumeli wawo uColonel Robert Netshiunda uthe ezikaDalawane zinikele kule ndawo emuva kolwazi oluyimfihlo lobunhloli ngendawo lapho abasolwa behlala khona.

UNetshiunda uthe lapho amaphoyisa efika nje kuzwakale isigwagwagwa sibhekiswe ngakuwo, abe eseyaziphendulela kwalala uyaca. Uveze ukuthi ekufikeni kwamaphoyisa kule ndawo aqonde emzini okungewona angqongqoza nokuyilapho ehlangabezane khona nenhlamvu. “Kwelinye icala abasolwa abebefunelwa lona ngolokudlwengula beshintshisana ngentombazane phambi kukanina, abanye bezitapela impahla yakulo muzi. 

Okunye amaphoyisa akutholile ukuthi bebephezu kwezinhlelo zokusoconga umuntu othile wendawo,” kusho uNetshiunda. Lesi sekuyisigameko sesithathu ukwenzeka eMariannhill lapho amaphoyisa etholana ngenhlamvu nabasolwa. ngonyaka odlule eTshelimnyama kwabulawa abasolwa abane ababebandakanyeka ezenzweni zobugebengu endaweni.

See Also

Laba okuthiwa babesatshiswa okwenyoka babhadanywa emzini othile ababewudle ngenkani lapho kuthiwa babegila khona imikhuba. Kwesinye isigameko kwasala enkundleni abasolwa abayisithupha kulandela ukudubulana namaphoyisa. Kulesi sigameko abasolwa bakwazi ukubaleka namanxeba okudutshulwa emzimbeni bagcina ngokuphelela endleleni. 

Abasolwa bahlasela owesilisa osebenzela kule ndawo bathatha yonke imishini yakhe yokusebenza. UNetshiunda uthe badlulela komunye umuzi onendawo yokulungisa izimoto  nakhona benza esifanayo beba impahla badubula nomnikazi wendawo nabanye abantu ababili bashaya bachitha. Amaphoyisa asebenzisana nezinhlaka zokulwa nobugebengu emphakathini anikela emzini othile oyisidleke sobugebengu athola abasolwa bezithokozisa nalapho kwaba nokudubulana abayisithupha basala enkundleni.

Scroll To Top