Now Reading
Amabhande amqoka asale eMtshezi osomankomane benza ezibukwayo
Dark Light

Amabhande amqoka asale eMtshezi osomankomane benza ezibukwayo

Usale echichima yinjabulo umqhathi okungowesifazane uHlengiwe Jobe obehlele indumezulo yesibhakela esiqhwiza umentshisi ngempelasonto yePhakisa e-Escourt Town Hall.

Kulo mcintiswano kaJobe bekunamabhande amathathu amakhulu abelelwa ngabashayisibhakela bakhe.

Wonke agcine esale e-Estcourt okuyinto eshiye uJobe eqhilika izihlathi.

“Ngijabule kakhulu ukuthi umcintiswano ube yimpumelelo. Abashayisibhakela baseTanzania yibona ebesibasaba kakhulu. UNkulunkulu emuhle njalo konke kuqhubekile kwahamba kahle. Bonke abafana bami bakwazile ukunqoba amabhande baphinde babashaya bonke abashayisibhakela baseTanzania,” kuchaza uJobe ngemuva kwezimpi.

UNkosingiphile Sibisi wenze ezibukwayo enqoba ibhande laseNingizimu Afrika ngaphansi kwesigaba seFlyweight.

Ungqimuze uTrevor Nghonyama ngamaphuzu empini ebihlelelwe imizuliswano eyishumi nambili.

“IHle-Jobe yenze edume ngazo. Vele sesikujwayele ukuthi uma sihlele izimpi zamabhande bese esala ngakithi wonke. Bengazi ukuthi laba bafana baphekiwe. Bengingangabazi ukuthi amabhande azosala ngakithi wonke. ISibongile Boxing Gym ngiyazi iyabajimisa laba bafana. Ngifuna ukudlulisa ukubonga kubaqeqeshi. Ngicela baqhubeke nalo mgqigqo,” kuqhuba uJobe.

See Also

UMxolisi Zuma wenze into yamehlo kuqhude manikiniki Boxing Tournament enqoba ibhande leWBF Intercontinental ngomzuliswano wokuqala. Umuhluze uRhamadani Milonzi ngomngqimuzo womlalisa phansi.

“IHle-Jobe ikhula ngokudlondlobala. Idle amabhande yonke indawo lapho ihamba khona. Abenzi ngemilingo kodwa bayazimisela abafana. Basuke beyilambele le nto ngoba bayazi ukuthi ikhona imihlomule emihle abasuke bezoyizuza.” kubeka uJobe.

Kwenye impi yebhande lomhlaba uLindelani Sibisi uhlule u-Ally Said ngomzuliswano wokuqala kubangwa eleWBF International.

Scroll To Top