Now Reading
“ElikaMapisa-Nqakula liveze ukungalingani kwabantu”
Dark Light

“ElikaMapisa-Nqakula liveze ukungalingani kwabantu”

Kungakapheli namahora angama-24 iNingizimu Afrika igubhe usuku Lwamalungelo Abantu oluqhakambisa uSomqulu Oqukethe Amalungelo Abantu, iBill of Rights, ukungalingani nokusebenza komthetho kuvele obala ngesikhathi uSomlomo Wephalamende uNkk uNosiviwe Mapisa-Nqakula evimba ukuboshwa kwakhe ngokulandela Isigaba 40 okanye 43 ngaphansi koMthetho iCriminal  Procedure Act, 51 ye-1977.

Izolo ekuseni abaphenyi Bophiko Lukazwelonke Lwezokushushisa bagasele emzini kaMapisa-Nqakula ePitoli okuphele isikhashana bengaphakathi kwabuye kwabonakala izimoto ezimhlophe abebehamba ngazo seziphuma. Emuva kwalokho kulandele uheheba lomqulu ongamakhasi angama-94 ophuma kubameli bakhe uqondiswe kuMqondisi Kazwelonke Wezokushushiswa Komphakathi u-Advocate uShamilla Batohi, uNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele nabanye abathathu. Kulesi sicelo esiphuthumayo uMapisa-Nqakula ufuna lonke ulwazi nemininingwane ngecala okuthiwa uthweswe lona. Kulesi sicelo umisa konke okuthinta ukuboshwa kwakhe kuze kube kuvezwa obala yonke imininingwane.

Lesi sicelo siveza nokuthi inhloso yakhe ukuvikela isithunzi sakhe nokuvikela ilungelo lakhe elikumthethosisekelo lokukhululeka. “Ngivikela ilungelo lami elikumthethosisekelo lokuvikelwa kwesithunzi, ukugcina igama lami lilihle nesithunzi sami”. Uveza nokuthi izinsolo abekwa zona zigqugquzelwa ukusondela kokhetho inhloso enkulu yazo ukumehlisa isithunzi ukuze kuvukuzwe umthetho we-ANC othi ilungu elisenkohlakalweni kumele lishenxe. Ufuna nokuthi abaphenyi becala baxhumane nabameli bakhe uma kuhlelwa ukuvela kwakhe enkantolo, kube yinkantolo esesifundeni akuso ezohlalela leli cala.

Ukusabalala kwale ncwadi kuqede ukukhuluma obese kusabalele okuthi uMapisa-Nqakula zimkhalele izolo ekuseni ezinkundleni zokuxhumana abantu abapholisanga maseko bekhala ngokungalingani phambi komthetho. USlyvester Ngudle ubhale wathi, “Ukube imina nawe besizokwazi yini ukuvimba ukuboshwa lapho sebuqoqiwe bonke ubufakazi obusihlanganisa necala”. Abantu basho ngazwi linye ukuthi abanotho benza konke ukuba ngaphezulu komthetho futhi lokho kuyabavuna, wena ongenalutho uphelela ejele.

USomlomo ufaka lesi sicelo nje ngoLwesine ubhalele uMengameli uCyril Ramaphosa nePhalamende efaka isicelo sokuhlaba ikhefu ngesikhathi esagubuzelwe izinkinga. Ngesikhathi esifanayo iDemocratic Alliance ifake isiphakamiso sokungamethembi uSomlomo. USotswebhu we-ANC uNkk uPenny Majodina uthe njengeqembu bayameseka uSomlomo kukho konke kuze kube utholwa enamacala.

UMapisa-Nqakula ubhekene nezinsolo zokwamukela intshontsho lezigidi ezi-R2.3 okuyimali eyabe ilayishwe kocwazi iphuma kumuntu owayesebenzisana noMnyango Wezokuvikela ngesikhathi esenguNgqongqoshe Wezokuvikela.

Zimkakile kulokhu

UMapisa-Nqakula kudala ephunyuka bemphethe lapho esolwa khona ngokusebenzisa isikhundla sakhe kwezokuvikela ukufeza izinhloso zakhe. Amaqembu aphikisayo agcina ehlanze ngedele emizamweni yawo yokuba abhekane necala ngokusebenzisa indiza yombuso i-Airforce Jet elibangisa eDemocratic Republic of Congo eNhlokodolobha iKinshasa eyolanda intombazanyana uMichelle Wege owayeminyaka engama-22 ngonyaka wezi-2014.  

See Also

Le ntombazane yayiboshwe ezitokisini esikhumulweni sezindiza iKinshasa International emuva kokubanjwa izama ukugibela ibhanoyi lakwaSAA elalisuka eDRC liya e-OR Tambo eGoli. Yaboshelwa icala lokusebenzisa amaphepha angekho emthethweni. 

Kwavela ukuthi uMapisa-Nqakula wayesebenzisana nodadewabo uNosithembele Nontobeko Mapisa owayesebenza ezindlini zenxusa eBurundi ngaleso sikhathi. IPassport kaWege yayithi ungowokuzalwa eDRC igama lakhe ngu-Amina Yambayamba, kodwa wabanjwa ukuthi akakwazi ukukhuluma isiFrench nezinye izilimi zomdabu.

UMapisa-Nqakula wazulazula nale ntombazane wayojika e-Addis Ababa emhlanganweni we-AU ngaphambi kokubuyela nayo eNingizimu Afrika. I-ANC yamvikela kulokho ePhalamende, imizamo yamaqembu aphikisayo yokuthi asuswe esikhundleni yachithwa, esikhundleni salokho zakhwela wagixabezwa ngesikaSomlomo.

Scroll To Top