Now Reading
I-ANC esilingweni sokujezisa uMvikeli WoMphakathi
Dark Light

I-ANC esilingweni sokujezisa uMvikeli WoMphakathi

Ikomiti lePhalamende livule amasango ukuthi kwenzeke noma yini ngo-Adv uBusisiwe Mkhwebane

Njengawo wonke amaqembu epolitiki emhlabeni i-African National Congress (ANC) inotwayi lwayo. Kule minyaka emihlanu eyedlule utwayi lolu lusabalale nomzimba wonke njengoba ukwehlukana kwemibono kwabaholi namalungu kudale ukungqubuzana okungakaze kubonwe. Kule minyaka kube ngokokuqala ukuthi amalungu anqwamane  neqembu ezinkantolo.

Isimo sibe sibi kakhulu KwaZulu-Natal nayilapho iqembu lilahlwe yinkantolo. Kuyiwa eNasrec nje isivele imagwala mabili, nokho kube nethemba ngesikhathi kwedlula ingqungquthela nangesikhathi wonke amalungu ayo ezibophezela ekubumbeni iqembu elabe selimantwenguntwengu ngenxa yombango wobuholi wangaphakathi. Sekungumlando ukuthi lesi sifiso sobumbano siselutalagu njengoba nsukuzaphuma kuzwakala izindaba ezikhomba khona ukuthi indwangu kaKhongolose iyaqhubeka nokudabuka.

Muva nje lokhu kudabuka akukhonjwa ngaphakathi noma emaqenjini epolitiki kepha kukhonjwa eHhovisi loMvikeli WoMphakathi. Kusuka kuRamaphosa luqobo kuya kulabo abamesekayo u-Adv uBusisiwe Mkhwebane uyenzile indaba, wawavula amasango, walivula inxeba kuHulumeni nasebuholini bukaRamaphosa. Uphenyo ngomkhankaso kaMengameli kanye nezincomo kwembule izinqe uMengameli kwafaka iqembu elibusayo kwenkulu inhlekelele.

Namuhla uRamaphosa njengomholi  weqembu ubamba eyeka ngenxa yophenyo nezincomo. Ngenxa yalokhu amanye amalungu kaKhongolose nalaba abadlelana nawo sebeqalile ukushaya amakhala ngoMvikeli WoMphakathi nokwenza kube lukhuni ngoba ekuqaleni yibo ababemthwele ngeqoma. Kwala ngisho iqembu eliphikisayo iDemocratic Alliance (DA) ishaya amakhala uKhongolose wama ekutheni u-Adv uMkhwebane ukulungele ukuhola. Njengoba kwenzeka kuMengameli uZuma owaqoka u-Adv uMadonsela owagcina ngokuqhamuka nophenyo nezincomo ezamhudulela phansi, uRamaphosa wenziwe esifanayo kuMvikeli WoMphakathi owabe ethwelwe ngeqoma yiqembu aliholayo.  

Ithuba lokugadla

Kuleli sonto uKhongolose ubhekene nethuba eliyinqabakutholwa ‘lokuziphindiselela’ ku-Adv uMkhwebane njengoba udaba olwaqalwa yiDA ngomlomo kaSotswebhu wayo uMhlonishwa uJohn Steenhuisen  ngesicelo sokuba iPhalamende libuyekeze ukusebenza kuka-Adv uMkhwebane kugcine kufikile eKomitini lasePhalamende. Ngokwezibalo iDA ngokwezinombolo ayinawo amandla okwenza lokho ekade yakufuna okuwukubona umhlane ka-Adv uMkhwebane. Ngakolunye uhlangothi uKhongolose ungalekelelwa qembu unamandla okuxosha uMvikeli WoMphakathi. Lokhu kungabajabulisa abanye ngaphandle nangaphakathi kuKhongolose kepha kwabanye kungavusa imibuzo engabuye igadle kuwo uKhongolose. Njengamanje ayikho imithetho emile eshoyo ukuthi uMvikeli WoMphakathi angaphenywa kanjani yiSishayamthetho, ngaphandle kwemiyalelo ekuMthethosisekelo ethi isivumelwano sokususa uMvikeli WoMphakathi kufanele samukelwe ngamavoti avumelana nalokho okungenani amabili kokuthathu amalungu ePhalamende eNdlu.

See Also

Emhlanganweni wangoLwesibili iKomiti Lezobulungiswa lithathe isinqumo sokuba udaba lokubuyekezwa kokuqashwa kuka-Adv uMkhwebane ludluliselwe eKomitini ngokwemitheshwana yekomiti.  Lesi senzo yize kuthiwa sizobheka zonke izakhiwo ezibizwa ngeZakhiwo ZeSahluko 9 okuhlanganisa izinhlaka ezifana neKhomishini Yobulili, iKhomishini Yamalungelo Abantu kanye neKhomishini Yokhetho Ezimele udaba olusematheni ngeloMvikeli WoMphakathi.

Kulo mhlangano omele uKhongolose uNkk uNomathemba KaMaseko Jele ukugcizelele ukuthi lolu daba alungabheki uMvikeli WoMphakathi kuphela noma luphume naye iqhubu, kepha alithinte zonke izinhlaka ezilawulwa yiSigaba 9 soMthethosisekelo. “Kufanele sibuke kabanzi sikwazi ukubheka zonke izinhloko zeZakhiwo ZeSahluko 9, singacini ngoMvikeli WoMphakthi. Kufanele kubuye kubhekwe labo abahlasela uMvikeli WoMphakathi. USihlalo Wekomidi uGratitude Magwanishe uvumelene nokuthi kulandelwe inqubo ezokwengamela zonke izinhlaka zombuso ezesekwa inqubo yedemokhrasi ngokuhambisana noMthethosisekelo “Kufaka zonke iZakhiwo ZeSahluko 9.

Kunokuvumelana ngalokho. Sizobhalela uSomlomo futhi yimina ozoyisayina namhlanje ukuze uSomlomo ayithole namhlanje. Sizonxusa ukuthi lokhu kwenzeke ngokuphuthuma,” kusho yena. Manje wonke amehlo asethe njo kuKhongolose ekutheni uzothi ungalungisa imitheshwana yasePhalamende bese uvumelana neDA ekududuleni u-Adv uMkhwebane “oselimoshe kakhulu leli qembu” ngombiko nezincomo kubaholi bayo abaphezulu okubandakanya uMengameli kanye nongqongqoshe. Lesi yisilingo okuyomele i-ANC isicubungule kabanzi ngoba kungagcina kwenzeka ebingakuqondile.

Scroll To Top