Now Reading
Kazi iyozala nkomoni- Liyoduma lithathe uMkhonto okanye uKhongolose
Dark Light

Kazi iyozala nkomoni- Liyoduma lithathe uMkhonto okanye uKhongolose

Liyothi lishona elanamuhla kube sekucacile ukuthi ngabe lidume ledlula noMkhonto Wesizwe okanye uKhongolose uzobe uhambela phezulu njengoba kubhekwe ukuthi iNkantolo Yezokhetho eBloemfontein ikhiphe isinqumo ecaleni elingombango ngokubhaliswa kweMK njengeqembu lezepolitiki.

NgeSonto kusihlwa bese kusabalele ezinkundleni zokuxhumana izinkulumo ezithi i-ANC iphumelele esicelweni sayo sokuba ukubhaliswa kweMK kwakungekho emthethweni. Emuva kokusababa kwale mibiko kulandele isitatimende saleli qembu lapho limema khona abezindaba esithangamini esizobanjelwa komkhulu iLuthuli House kuzokwaziswa izwe ngesinqumo senkantolo. 

Uma iMK ikhala ngaphansi eNkantolo kuzosho ukuthi angeke ikwazi ukungenela ukhetho oluzobanjwa zingama-29 kuNhlaba. Lokho kunganika i-ANC ithuba lokuphefumula ikakhulukazi KwaZulu-Natal lapho leli qembu lingaphansi kwengcindezi ngenxa yokwesekwa koMkhonto. Akuyona i-ANC neMK kuphela ababheke ngabomvu isinqumo sanamuhla, namaqembu amakhulu namancane abambe umoya.

Ukuvumbuka kukaMnu uJacob Zuma ememezela ukweseka iMK kwaba nomthelela omkhulu emaqenjini amancane nalawo amadala ayesebheke ukuthola abavoti abangasayizwisisi kahle i-ANC. Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu uJulius Malema akakufihlanga ukuthi wayefisa ukuthi uZuma eseke i-EFF kodwa uma kwenzeka bangasebenzisana neMK. I-ANC yafaka enkantolo iKhomishini Ezimele Yokhetho neMK iphonsela inselelo uhlelo olwalandelwa ngesikhathi kubhaliswa leli qembu eliholwa ngowayenguMengameli uZuma. Okwagqama kwizethulo zabameli bamaqembu womabili ukuthi igama uMkhonto Wesizwe akulona okwaphikiswana ngalo kakhulu ngalo, kepha kwagxilwa emigudwini eyalandelwa yiNhlangano Ezimele Yokhetho. 

See Also

Ngesikhathi la maqembu abesalinde isinqumo senkantolo, kugqame kakhulu ukuthi imikhankaso yawo yokhetho iyiqinisile. UMengameli we-ANC uMnu uCyril Ramaphosa uqale ukukhankasa KwaZulu-Natal, wadlulela e-Eastern Cape naseTshwane. UZuma uhambele eMsinga esizindeni se-Inkatha Freedom Party, wadlulla eLimpopo. Sekukhona ukukhuluma okuthi uma iMK ikhala ngaphansi ingasebenzisana neqembu likaMnu u-Ace Magashule i-African Congress Transformation.

Scroll To Top