Babhonga emswaneni ngokudlula kukaBeekay woKhozi
Abasakazi boKhozi FM bakhumbule uzakwabo uBheka “Beekay” Mchunu odlule emhlabeni izolo ngoLwesibili kulandela ukuxinwa ukugula.
Lo msakazi ubedume ngohleko olude obelulandelwa isiqubulo sakhe esithi, “rathatha”.
Lo msakazi udabuka eMpangeni ngaphansi kweNkosi uZungu esigodini uMhlanga.
Ngaphambi kokuqala kohlelo uJabul’ujule olushayelwa uDudu “Lady D” Khoza, lomsakazi ekanye noSipho “Sgqemeza” Mbatha bachaze uBheka njengomsakazi obezinikele kwakwenzayo futhi uma esekhombise ukumkhonza umuntu angafihli. Bamkhumbule nangamancoko akhe abevame ukuwaxoxa uma bengekho emoyeni. Kuzwakale kunzima kuLady D ukuqala uhlelo okwenze uSgqemeza wakhuluma ngengoma athe bayishiywa nenye inkakha yomsakazi ongasekho uCyril Bongani Mchunu uKansas City ethi, ‘Show Goes On’ kaBruce Springsteen.
Kubuye kwangena umculi kaMaskandi uThokozani Langa obezwakala ukuthi ulimele emoyeni. Uqale ngokukhalisa umndeni ngokulahlekelwa. ” Silahlekelwe insizwa ebinamancoko egiye ezinhlelweni eziningi zomsakazo. Ngithi dudu kuSABC, abalandeli nabaculi bakaMaskandi”
Uthe bebesondelene kakhulu naye bebizana ngoShlobo lapho behlangana khona.
Kusuka kuzwakale izindaba zokwedlula kwakhe, imiyalezo yokukhalisana nomndeni ingena ilakanyana. Ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bakhe bathi zibashaqe kakhulu izindaba zokwedlula kwakhe, kanti balokhu beqhubeke njalo ngokumkhumbula ngamancoko akhe.
UMphathi siteshi womsakazo uKhozi FM uNks uSbongi Ngcobo naye uhambe emazwini abasakazi, waphinde wadlulisa amazwi enduduzo nasemndenini womunye uzakwabo uJoe Maruping odume kakhulu efunda izindaba emsakazweni kusukela ngowezi-1999 kuya kowezi-2016. UMaruping obeqashwe kwaSABC News yena odlule ziyi-10 kwephezulu. “Kubuhlungu kakhulu impela lokhu, njengesiteshi izinhlelo zethu zizobakhumbula futhi sizobabikela abalaleli bethu ngamalunngiselelo okubaphelezela,” kuphetha uNks uSbongi.
UBeekay uqale ukusebenza oKhozini ngowe-2011 aphinde abe ngumqondisi wesikole sokulekelela abafundi ukwenza ngcono imiphumela kamatikuletsheni.
Usebenze ezinhlelweni ezahlukene kusuka kuSigiya Ngengoma, Sibhukuda kwesimanzonzo.