Now Reading
UKaunda uzomemezela ukuphela kwesiteleka eThekwini
Dark Light

UKaunda uzomemezela ukuphela kwesiteleka eThekwini

Isiteleka sezisebenzi kuMasipala iTheku abangaphansi kwenyunyana iSouth African Municipal Workers Union (SAMWU) siyaqhubeka nokuzwela kubahlali bakuleli dolobha njengoba kwezinye izindawo amanzi sebewezwa ngendaba kokunye kunqanyulwa ugesi ngenhloso.

Sekuphele amasonto amabili imfucuza ithe saka ezitaladini zaleli dolobha nasezindaweni zomphakathi. Ngenxa yokusabela ukusabalala kwezifo, eminye imiphakathi isiqashe izinkampani ezizimele ukuba ziqoqe udoti lapho ukhokha khona uR10 ngoplastiki owodwa omnyama. Ukufunda ezikoleni zakuleli dolobha kuphazamisekile njengoba kudingeka abafundi badedelwe ngaphambi kwesikhathi sokuphuma kokunye banxuswe ukuthi bangezi nhlobo. 

NgoLwesibili isimo sishube kakhulu endaweni yomntakabani eWestville ngesikhathi kunqanyulwa ugesi ebusuku. Izingxenye zedolobha iHillcrest zishayeke ngokuphela kwamanzi. Kusuka ngoMsombuluko abafundi ezikoleni zalapha banxuswa ukuba baziphathele amanzi. NgeSonto eledlule iningi lezikole eHillcrest zagcina ukufunda ngoLwesine ngenxa yamanzi. Ngaphambi kokunqanyulwa kwawo kwasabalala umyalezo ezinkundleni zokuxhumana unxusa abantu ukuba bazihlinzeke ngamanzi ngoba abasebnzi abatelekile bazowavala kulezo zindawo okwabe kungezabaMhlophe. 

Lesi siteleka siphazamise izinhlelo eziningi zikaMasipala ezihlanganisa ukulungiswa kwengqalasizinda yamanzi. Ngesikhathi sokuloba lapha bekusanda kusongwa umhlangano obuphakathi kwabaholi benyunyana neziphathimandla zikaMasipala ebeziholwa iMeya uMnu uMxolisi Kaunda neMeneja yeTheku uMnu uMusa Mbhele. ElaboHlanga lithole ukuthi emuva kwezingxoxo kuvunyelwene ngezinto ezithile nenyunyana. IMeya uKaunda kulindeleke ukuthi namuhla enze isimemezelo ngokuphela kwesiteleka. Ukufinyelela esivumelwaneni kwezinhlangothi zombili kuholele ekutheni kuhoxiswe nemashi ebihlelwe uMkhonto Wesizwe ngoLwesibili ikhala ngokungcola kweTheku nokuthi uMasipala ukhokhele abasebenzi ngendlela eyamukelekile uma udinga ukuthi leli dolobha lihlale lihlanzekile.

Ekhuluma nabezindaba ngeledlule uNobhala weSAMWU eThekwini  uMnu uSiya Dladla,  wathi izisebenzi ziyabika emadepho nasezindaweni zokusebenzela. “Izisebenzi  bezivele zibika emadepho nasezindaweni ezisebenzela kuzo nsuku zonke. asisho ukuthi siyawuhlonipha umyalelo wenkantolo owakhishwa ngesonto eledlule owawuvimba ukuba izisebenzi ziqhubeke nesiteleka ngoba kuthiwa asikho emthethweni,” kusho uDladla. Ukukhuluma kwakhe kwakha isithombe sokuthi iSAMWU yabe isigobe uphonde ngezimfuno zayo emuva kokungenelela kukaHulumeni Wesifundazwe oholwa nguNdunankulu uNomusa MaDube Ncube. 

See Also

UDladla waveza ukuthi izikhalo zabo kuMasipala zindala kakhulu futhi iziphathimandlka zeTheku ziyazi ngazo. waveza ukuthi mhla zingama-21 kuMandulo wezi-2023 bahambisa incwadi yezikhalo kuMeya uMnu uMxolisi Kaunda kepha kwanhlanga zimuka nomoya. Yize kubhekeke ukuthi uKaunda amemezele ukuphela kwesiteleka kodwa usizi lwamanzi beluvele lukhona eThekwini ngaphambi kokuqala kwesiteleka. Umphakathi wase-Adams Mission, eMzinyathi, KwaNyuswa eBothas Hill, eMgababa nezingxenye zeNtuzuma ne-Inanda sekuyiminyaka umphakathi ozakhele udonsa kanzima ngenxa yamanzi. Abasebenzi bakaMasipala bebefuna ukunyuselwa amaholo kufinyelele kuCatergory 10 njengozakwabo bakwezinye izifundazwe emadolobheni amakhulu.

Isitatimende sikaSihlalo weSouth African Local Government Association (Salga) KwaZulu-Natal uMnu uThami Ntuli sagxekwa kakhulu iSAMWU ngokuthi usebenzisa ipolitiki ngokuphawula ngezinto zaseThekwini njengoba engumholi we-Inkatha Freedom Party. UNtuli wasola izisebenzi zaseThekwini ngokuthi zithole ulwazi olungeyilo ngendlela okunyuswa ngayo amaholo kwabanye omasipala njengase-Ekurhuleni. Uthe kuze kube yimanje uMasipala awukalusebenzisi uhlaka olusha.

Scroll To Top