Now Reading
UNdunankulu ufuna izindawo ezingumongo wezolimo
Dark Light

UNdunankulu ufuna izindawo ezingumongo wezolimo

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNomusa MaDube Ncube useyalele uNgqongqoshe Wezolimo Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya ukuthi aphuthumise ukusebenza kwezinhlelo zokuxhasa abalimi.

Enkulumweni yakhe yokuvula unyaka, iNkulumongqangi Yesifundazwe, uMaDube Ncube uthe: “Sengijube uNgqongqoshe ukuthi akhe uhlaka lwekhethelo olubhekana ngqo nama-agrihub kanye nohlelo lokulimela imiphakathi”.

Uqhube wathi inhloso yalokhu ngukuthi kwandiswe umkhiqizo, kuheheke abatshalizimali, kuvuleke izimakethe ngaphakathi nangaphandle kwezwe. Enye inhloso yokuba nalolu hlaka ngukuthi ‘imbongolo kufanele idle emgodleni’, okusho ukuthi kufanele luziphilise lona. UNdunankulu ubeka ngokuthi lolu hlaka kufanele luthole abatshalizimali nokuthi luziphilise nje izinhlelo zikaHulumeni zichaphazeleke kakhulu ngokwehliswa kwesabelomali.

ElaboHlanga libike nyakenye ngokuthi kwehle kakhulu esilulwini sikaHulumeni WaseNingizimu Afrika okuholele ekutheni uNgqongqoshe Wezezimali, u-Enoch Godongwana ayalele iminyango nezifundazwe ukuba zinciphise izindleko. Lokhu kwaholela ekutheni amanye amaprojekthi ayesehleliwe amiswe. “Izinhlelo zokwehlisa izindleko kuHulumeni kuchaphazele ukutholakala kokudla”, kusho uNdunankulu uMaDube Ncube.

Uhlelo lwama-agrihub lubandakanya ukuthuthukiswa kwezindawo ezihlonziwe ukuba zibe yisizinda sezolimo, kutshalwe kuzo izimali, kwandiswe umkhiqizo nezinsiza zokulima. UNdunankulu waKwaZulu-Natal wayalela uMnyango Wezolimo ukuba uqalise ngokwakha ama-agrihub ezindaweni ezine esifundazweni. Umqondo wama-agrihub usiza nangokuthi abalimi bahlanganyele ngamakhono, imishini, uhlelo lokuthenga kakhulu, nezinye izinsiza zokuphumelelisa ezolimo.

See Also

UNdunankulu uMaDube Ncube uncome kakhulu uHulumeni Wesifundazwe ngendlela owenze ngayo kuleli hlandla leminyaka emihlanu eliphela nonyaka. “Kusukela ngowezi-2019 uMnyango Wezolimo Nokuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya  usuxhase abakhiqizi abancane abayizinkulungwane ezili-17.2, kanti uhlelo lweMulti-Planting Season lutshale amahhakela ayizinkulungwane ezingamakhulu ali-150 ukukhiqiza ukudla”.

Olunye uhlelo lwekhethelo kwezolimo yi-Agribusiness Development Agency eyasungulwa ngowezi-2009 ngenhloso yokulekelela abalimi ekutheni bangagcini ngokutshala nokufuya kepha bahlomule ngokuzibandakanya nangemikhiqizo.

Scroll To Top