Usehlonze azohlasela ngabo izizwe uDesiree
Imi ngomumo iBanyana Banyana ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjelwa eParis eFrance ngonyaka ozayo.
Namuhla emini, umqeqeshi weBanyana uDesiree Ellis umemezele iqembu azogadla ngalo emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo ku-Olympic Games.
IBanyana izodudulana neTanzania ngoLwesihlanu ngo-3 ntambama eDar es Salaam bese yamukela leli lizwe eMbombela Stadium, eNelspriut, eMpumalanga ngoLwesibili ngelesi-7.30 ebusuku emlenzeni wesibili.
Izwe elizonqoba lizozibekisela indawo kuma-Olympic Games azodlalwa ngonyaka ozayo.
U-Ellis utshele abezindaba ukuthi ngeke bayithathe kancane iTanzania.
“Sinalo ulwazi ngezitha. Sezizibuke kaningi zidlala. Ngakho siyazi okumele sikulindele kuzona nokumele sikwenze kangcono ukuze sizibeke ethubeni elihle lokunqoba umdlalo. Badle iTogo kuWomen’s Africa Cup of Nations. Basanda kuthela othulini iBotswana ukuze bazibekisele indawo kulesi sigaba. Sonke siyalazi izinga leBotswana. Siyakwazi okwenzeka ngokwedlule. Ngakho asiyithathi kancane iTanzania,” kuchaza u-Ellis.
U-Ellis umemezele iqembu labadlali abangamashumi amabili nantathu ngemuva kokuchitha isikhathi ekhempini nabadlali abangamashumi amathathu.
“Sisebenze ngokukhulu ukuzikhandla kuleli sonto. Abadlali abaqhamuka phesheya kwezilwandle sizohlangana nabo phambili bese siqhubeka namalungiselelo ethu omdlalo. Ithimba labahlaziyi lenze umsebenzi oncomekayo ukwenza ucwaningo ngezitha. Kumqoka ukuthi sibe sezingeni eliphezulu ukuze siphumelele. Iyona indlela yokuthola imiphumela,” kuqhuba u-Ellis.
Eqenjini lakhe ufake uLesego Nkoane weTS Galaxy FC.
“Kudala simlandela uLesego. Wenza kahle kakhulu kuTS Galaxy. Sidlale sibheke izindlela zokuthuthukisa iqembu ngabadlali abanekhono, uLesego ungomunye wabo. Uzokwenza umehluko eqenjini. Muhle uma ephethe ibhola futhi uphasa kamnandi. Okunye okungichaza ngaye wukuthi uyakwazi ukudlala izikhwepha.” kuphetha u-Ellis.
Onozinti: u-Andile Dlamini [Mamelodi Sundowns Ladies], noKaylin Swart [JVW FC], uKatlego Moletsane [Royal AM].
Izitobha: Karabo Dhlamini [Mamelodi Sundowns Ladies], uNoko Matlou [SB Eibar], uFikile Magama [UWC], u-Asanda Hadebe [Sunflower FC], uLonathemba Mhlongo [UWC], noLebohang Ramalepe [Mamelodi Sundowns Ladies].
Esiswini: uKholosa Biyana [Mamelodi Sundowns Ladies], uLinda Motlhalo [Racing Louisville], uNomvula Kgoale [TS Galaxy], uSphumelele Shamase [UJ], u-Amogelang Motau [UWC], uThalea Smidt [Tuks Ladies], noLesego Nkoane [TS Galaxy].
Abagadli: uNicole Michael [TS Galaxy], uGabriela Salgado [JVW FC], uNoxolo Cesane [UWC], uNthabiseng Majiya [Mamelodi Sundowns Ladies], uJermaine Seoposenwe [Monterrey], uHildah Magaia [Mazatlan FC], noThembi Kgatlana [Tigres UANL].