Now Reading
Igcagcele esokeni emacikweni ngemibuthano yokhetho
Dark Light

Igcagcele esokeni emacikweni ngemibuthano yokhetho

Ukuba yinoni kweleNdlovukazi uMthaniya emaqenjini ezepolitiki njengoba sezihubela sakusha ngokhetho lukazwelonke sekwenze namaciko akulesi sifundazwe abekhala ngendlala aphuma kulolu sizi. Selokhu kuqale ukuvunguza komoya wokhetho kuzwelonke, iKwaZulu-Natal isiphenduke inkundla yamaqembu ehlukene. Inkundla enkulukazi eThekwini iMoses Mabhida kuze kube yimanje kuseyiyo enguzibuthe ezinkundleni ezikhona ezweni.

Le nkundla izihola phambili ngokuba nogazi emaqenjini ezepolitiki ethula imiqulu yezethembiso zokhetho. Kuqale nge-Economic Freedom Fighters (EFF) ekuqaleni kwenyanga, kusasa i-African National Congress (ANC) izokwenza esifanayo eMabhida. Mhla zili-10 kuNdasa le nkundla izophenduka ikhaya le-Inkatha Freedom Party (IFP).

Ngaphandle kweMabhida nezinye izinkundla ezincane ezindaweni zomphakathi kulezi zinsuku zisetshenziswa kakhulu ngamaqembu ezepolitiki emibuthanweni yayo. Muva nje inkundla yomphakathi KwaXimba igcwale phama iqembu uMkhonto Wesizwe yenze umbuthano wokunxenxa abantu. Kudlule isonto uKhongolose wanikela kule ndawo uyokwenza esifanayo. Kuyona yonke le mibuthano kusuke kuthe shayi abalandeli bamaqembu bemagange ukuzozwa imiyalezo eyethulwa ngabaholi bawo.

Akuzona nje izinkulumo kuphela ezidala ukuba izinkundla zigcwale phama, nobumnandi obulethwa ngamaciko kusuka kubaculi, abahayi bezinkondlo, abadansi, abazivocavocayo kunomthelela. Amaciko athi ncinci kamdoli ngalesi sikhathi sokhetho ngoba yilapho eba matasa khona kakhulu kunakuqala futhi ahleka wodwa ngenxa yemali esheshayo ayenza ngokunandisa.

Ephawula ngalokhu uKhuzani “Khuba” ongomunye wamaciko anyakazisa inkundla ashiya abalandeli bomculo kamasikandi besafuna impinda embuthanweni we-EFF eMoses Mabhida Stadium uthi kumqoka ukuthokozisa abalandeli ngobuciko ababuthandayo. “Uma kukhulunywa ngokuthandwa ngabantu kusuke kushiwo into eyenzeka ‘kule mibuthano’. Ngiyaxolisa kulabo abafika sekuhambe isikhathi bangangibona nginandisa eMabhida ngenxa yobude bosuku, kwazise ngangisaphuthuma nakwezinye izindawo.”

Phela leli kuphinde kube yithuba elingandele bani emphakathini lokuzibonela abaculi ababathandayo eduze kwabo bhusende. Kubaculi abavuswe imikhankaso yokhetho yamaqembu kubalwa kubo noThina Zungu, uMthandeni, uBongekile Simelane owaziwa kakhulu emculweni ngoBabes Wodumo weGqom. Lo mculi usesematheni namanje kulandela ukunandisa embuthanweni we-EFF. Abalandeli bakhe abebekulo mbuthano batshela elaboHlanga ukuthi babengazitsheli ukuthi uzophinde abajabulise kanje emuva kokushayeka ngokudlula emhlabeni komyeni wakhe uMandla Maphumulo owayaziwa ngelikaMampintsha.

See Also

Nosomahlaya okubalwa kubo uMondli Mzizi, uSizwe Mdlalose naMawele AseChesterville abasalanga ngaphandle njengoba nabo beba yingxenye yabanandisa kule mibuthano.

Okuyikho okuqaphelekayo kule mibuthano inhlonipho nothando lwabalandeli nokuqonda kwabo indlela amaciko asebenza ngayo. Phela amaciko adume ngokuba novalo entanyeni uma ezonandisa emibuthanweni yamaqembu ezepolitiki ehlukene ngenxa yengcindezi yokumataniswa nawo, nokuyaye kuwadonsele amanzi ngomsele kwabanye abalandeli.

Scroll To Top