Intsha ihlela ukhukhulelangoqo wemashi yokushenxisa uNzimande
Namuhla kuphela isonto lesibili kuvulwe ngokusemthethweni izikhungo zemfundo ephakeme kodwa kusenezinkulungwane zabafundi abasaduve emaphaseji abanye bambondelene emahholo amanyuvesi ngoba kucwebe iziziba ngoxhaso lweNational Student Financial Aid Scheme (Nsfas).
Ngonyaka odlule kuze kube ngophezulu wezi-2024 ibe nkulu imvunge ngokuthi ukubhimba kohlelo ekuxhasweni kwabafundi kunomthelela omkhulu wenkohlakalo nokugxambukela kwezepolitiki.
Akuseyona imfihlo ukuthi uNsfas ugubuzelwe inkohlakalo. Lokhu kufakazelwe nawumbiko oholele ekunikweni ikhefu eliyisipesheli kwesikhulu kulesi sikhwama, abanye bamiswa. Ukuvela kwezindaba zokuthi iSouth African Communist Party (SACP) yathola intshontsho kulesi sikhwama kwazise uNgqongqoshe uDkt uBlade Nzimande onguNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme ungumholi wamaKhomanisi ngezinye zezizathu ezibekwayo ngokungathenjwa kukaNsfas.
Izolo uNzimande uthe kuyishwa ukuthi yize umuntu wakwaNsfas obeyamaniswa nokweseka ngezimali iSACP ekuphika lokho kukhona abaqhubeka nokukubhedla. UNzimande uyavuma ukuthi njengoba uNsfas kade uphenywa kukhona lapno kulahleke khona ukungathenjwa kodwa bayaqhubeka nokusiza abafundi. Enyuvesi iKwaZulu-Natal ophikweni lwaseMgungundlovu kunokukhuluma okuthi kungaqala isiteleka uma abafundi bengalutholi usizo.
Kuleli sonto ezinkundleni zokuxhumana kusabalale izithombe zabafundi eCape Penintsula University of Technology bembondelene ehholo lapho belala khona ngoba abayitholile imali yokukhokhela izindawo zokuhlala.
Izinhlangano zabafundi bezide zikufakazela ukuthi kukhona okushaya amanzi ngendlela okwabiwa ngayo uxhaso, futhi izinto seziguquke kakhulu endleleni obekwenzeka ngayo phambilini. Ngakolunye uhlangothi iziphathimandla kuNsfas bezivikela iso lazo zimi kwelokuthi okudala ukuhamba kancane kohlelo lokuxhaswa kwabafundi inkohlakalo edla lubi ngasohlangothini lwabo nezinyunyana zabafundi emanyuvesi.
Namuhla uphiko lwentsha lwenhlangano uMkhonto Wesizwe eGoli luhlele ukhukhulelangoqo wemashi lapho bethi bafaka ingcindezi yokuba ehle esikhundleni uNzimande. Le mashi ezosukela eChurch Square ePitoli izoholwa umdidiyeli kazwelonke wentsha yaleli qembu uBonginkosi Khanyile wodumo lomkhankaso iFees Must Fall.
Ngokusho kwagabagqugquzeli bathi esitatimendeni banxusa bonke abafundi ukuba babe yingxenye yemashi kuzona zonke izigaba zezikhungo zemfundo ephakeme.
Inhlangano yomphakathi elwa nenkohlakalo i-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa) ikhiphe umbiko ongamakhasi angama-51 ngoMasingana oqukethe izinkulumo eziqoshiwe emihlanganweni emibili eyabe iphakathi kukaSihlalo weNsfas uMnu uKhoza nenkampani esebenzisana nalesi sikhwama. Ngokwalo mbiko kulezi zinkulumo kuvela ukuthi uNzimande, uKhoza neSouth African Communist Party (SACP), kukhona intshontsho abalithola ngokuvikela izinkampani ezinikwe umsebenzi wokusebenzisana neNsfas. UNzimande uthi bazoqhubeka nokusiza abafundi. “Kumanje kunabafundi abangaphansi kwesigidi izicelo zabo eseziphasisiwe.”
Unyaka ophezulu uthe uqala zabe seziqalile ukuzwakala izikhalo zaminyaka yonke kubafundi ngokungalazi ikusasa labo ngenxa yengcindezi abayithola kwaNsfas. ElaboHlanga labika ukuthi kuqala unyaka owedlule wezi-2023 isikweletu sabafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme sasiyizigidigidi ezili-R16.5.
Umatikuletsheni wangonyaka wezi-2022 wenza kahle uma kuqhathaniswa neminyaka eyayandulela ngenxa yoKhuvethe, kepha namanje kusekhona abafundi abaphasa ngalowo nyaka abasaduve emakhaya ngoba bengalutholi uxhaso , abanye bashiye phakathi emanyuvesi. Naphezu kwezinkulumo zaminyaka yonke zokuqala unyaka zokuthi zonke izinhlelo zokulekelela abafundi zizoshintsha, ngokuhamba kwesikhathi konke lokhu kuphelela emoyeni.

