Abazali baneqhaza elikhulu kwababhalayo



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Sesiphinde safika leso sikhathi lapho izingane zebanga leshumi nambili zibhala izivivinyo. Njengomeluleki wezemfundo nempilo yabantu abasha, ngibafisela inhlanhla futhi ngifisa bazi ukuthi siyaziqhenya ngabo. Kuningi okuye kube khona futhi nokwenzekayo kulesikhathi kodwa sinethemba singaboHlanga ukuthi yonke into izohamba kahle.
Ngicabanga ukuthi kuyisikhathi esihle sokubonga kuhulumeni kanye nothisha ngeqhaza abalidlalile ezinganeni zethu kusukela zifika esikoleni. Kungabukeka kunganakekile abakwenzayo ezinganeni zethu kodwa kukhulu ababhekene nakho futhi buningi ubunzima abahlangabezana nabo imihla namalanga. Ukufika kokhuvethe kuthele usawoti esilondeni esibhibhayo, kwenza ukufunda kwezingane kwaba lukhuni kakhulu. Uma ngicabanga ubunzima abadlule kubo othisha kanye nezingane, ngifikelwa ukuziqhenya ngabo.
Njengoba abafundi beqalile ukubhala, umzali uneqhaza elikhulu okumele alibambe ukuze bephumelele. Ngiyazi abazali abaningi bayasebenza futhi abanye abafundile, okwenza kubenzima ukungizwa uma ngithi kuneqhaza elikhulu okumele balidlale ezinganeni ezibhalayo. Okubalulekile manje ukuthi usale ukhohlwa ukuzibona uyisehluleki mzali. Abazili abaningi babona ingekho into abangayenza ngoba bengakwazanga ukuba sempilweni yengane unyaka uqala, bakhohlwe ukuthi bakwenzile okusemandleni abo.
Iqhaza lokuqala elibalulekile, ukunaka ingane yakho kulezi zinsuku. Izingane eziningi ziyafihla ukuthi zidlula kwenkulu ingcindezi, okwenza kubaluleke kakhulu ukuthi wena njengomzali uyinake kakhulu futhi uzinike isikhathi sokumlalela. Uma usebenza kude, cela umuntu othize ozokwenzela lo msebenzi ngoba ubalulekile. Izingane ziyakudinga ukukhuthazwa, zikhuthazwa abazali kanye nezihlobo zazo ngale nkathi.
Ezinye zezinto ezenza abafundi befihle ukuthi banengcindezi, amagama abazali abawashilo enganeni. Abazali abanaki uma bekhuluma nezingane zabo. Uma sithi siyabakhuthaza, sibatshela ngemali eningi esiyikhokhile sikhokhela imfundo yabo, okwenza besabe ukuza kithi uma benezinkinga. Basuke besaba ukuthi sizothetha sibathethisele ukuthi bayadlala badlala ngemali esiyichithe sibafundisa futhi sibakhulisa. Kuyingozi ukuthi singababuzi ukuthi bazizwa kanjani njengoba bebhala, ngoba iningi labo uma liphuma ukuyobhala liyaxoxa ngesifundo abasibhalile okwenza abangabhalanga kahle bezibone beyizehluleki. Ungakwazi ukuyinqanda lengcindezi njengomzali uma ungahlala phansi nengane njalo uma ibuya ukuyobhala uzwe ukuthi ibhale kanjani.
Iqhaza lesibili, uthando. Uthando lubalulekile enganeni ebhalayo njengamanje. Ngiyazi ukuthi kungenzeka ukuthi ikuphoxile ingane ngezinto eziningi, kodwa zidinga uthando lwethu kakhulu ngalenkathi. Asehlise umoya njengabazali senze sengathi ayikho into abayenzile embi kulonyaka noma eminyakeni edlule. Indaba yothando kubantwana ababhalayo isidinga sonke singumphakathi, futhi sidinga ukuthi sibenze bazizwe bebalulekile. Ngiyazi amakhaya amaningi abhekene nobunzima obuhlukahlukene, abanye balahlekelwe izihlobo zabo, abanye balahlekelwe imisebenzi futhi abanye bayagulelwa kodwa bengifisa ukuthi kuko konke lokho abafundi ababhalayo sibenze bangazizwa bethwele wonke lowo mthwalo wasekhaya. Uma kudinga ukuthi sibafihlele ezinye zezinto ezenzakalayo, asibafihlele ukuze bengaphazamiseki.
Iqhaza lesithathu, elibalulekile, ukunika izingane isikhathi esinokuthula. Iqiniso ukuthi abafundi abaningi bayaselekelela singabazali ekwenzeni imisebenzi yasekhaya, kodwa bayasidinga isikhathi sokufunda. Ngiyazi ukuthi ezinye izingane ngezezingane, kodwa kubalulekile ukuthi sibalekelele kakhulu njengoba bebhala. Uma singakwazi ukuthi sithole umuntu esingamuqasha ukuze ingane ebhalayo ithole isikhathi, kungelekelela kakhulu ekususeni umthwalo kezinganeni. Ayikwazi ingane ukubuya isebenze kanzima kulesi sikhathi ngoba kumele ingqondo kanye nomzimba usebenzi kahle.
Ukukhathala komzimba kwenza ukuthi ungabe usakwazi ukufunda. Umphakathi owakhele umunzi ohlala izingane zodwa ngenxa yokudlula kwabazali emhlabeni, udinga ukuthi ubambisane naleyo ngane ebhalayo kulelo khaya. Esikhathini esiningi kuvamise ukuthi loyo obhalayo kube nguye omdala okubhekeke ukuthi anakekele izingane zakubo. Kungakho ngithi singumphakathi sidinga ukulima enkulu indima sibambisene ngokuambisana.
Iqhaza lesine, ukuhlala ethembeni nokwethemba ingane yakho. Ngiyazi angizwakali kahle ngoba njengomzali uyayazi ingane yakho futhi unayo imiphumela yezivivinyo ezedlule kodwa ngicela uhlale ethembeni. Ngaphandle kokuthi ithemba alibulali, ukuba nethemba kunika ingane ithemba. Isikhathi sokukhulekela imimoya emibi engaphazamisa ukubhala kwezingane. Njengomzali wengane kubalulekile ukuthi umkhulekise futhi ubakhulekele bonke besabhala. Ukuba nethemba ngengane yakho kwenza izizwe ikhuthazekile nayo. Asingathethisi izingane futhi asingabenzi bakhubeke kulesi sikhathi. Noma ngabe yini eyenzakalayo, thola indlela elula yokuyixazulula kunokuthi kuphazamiseke ingane efundayo.
Asihlale ethembeni futhi sibatshele ukuthi bazophumelela. Ngiyabazi ubuhlungu bokungathenjwa ngisho umzali okuzalayo. Ubaba ongizalayo waze wabheja ngemali, ethi uyazi ukuthi ngeke ngize ngiphumelele. Angiphumelelanga ngoba ngalahla ithemba ngemuva kokuzwa lawo magama. Asiqaphele ukuthi sithini ezinganeni zethu kulesikhathi. Abadingi ukuzwa ngathi ukuthi ngeke baphumelele, nanoma ngabe uyabona ukuthi bengazimisele unyaka wonke.