Now Reading
Abalimi bakamoba bakhala ngentela kashukela
Dark Light

Abalimi bakamoba bakhala ngentela kashukela

Njengoba sekusondele isikhathi sokuthi uNgqongqoshe Wezezimali, u-Enoch Godongwana ethule isabelomali sonyakamali wezi-2024/25, injolozela, phakathi kokunye, ikwezolimo. Ezolimo zithathwa njengomkhakha ongumalamulela ngamathuba omsebenzi, phezu kokuba ngumalmulela wokondla isizwe.

Kepha embonini kashukela injolozela isenteleni kashukela, iHealth Promotion Levy eyaqala ngekaMbasa ngowezi-2017. Lentela yaqalwa nguhulumeni njengendlela yokwenza ngcono impilo yabantu baseNingizimu Afrika ngenxa yezingqinamba zezempilo ezibangwa wushukela. Lapha kubalwa ukunona ngokweqile okuholela esifweni somfutho wegazi, isifo senhliziyo, nesifo sikashukela.

Abalimi sebenesikhathi bekhala ngale ntela efakwa emikhiqizweni esebenzisa ushukela ezifana neziphuzo nokudliwayo. Ngenxa yale ntela izimboni sezehlise inani lashukela eziwuthengayo. Lokho kuchaphazela imboni kashukela ngokwehlisa inzuzo nenani labantu abaqashwa kulemboni.

ISouth African Canegrowers Association emele abalimi bomoba abalima ngokuncane, okuphakathi, nabakhulu seyinxenxe uMengameli uCyril Ramaphosa ukuthi aqinisekise ukuthi kwisabelomli sanonyakamali ingenyuswa lentela. Le nhlangano ikhala ngokuthi lentela yenza kube lukhuni ukwenza izinguquko ezihlomulisa aboHlanga kulemboni. Imboni yomoba inabalimi abalima ngokuncane abayizinkulungwane ezingama-20, iningi labo okungaboHlanga.

See Also

Nyakenye iSouth African Sugar Association yakhala ngokuthi kusukela kwangena le ntela imboni seyilahlekelwe yimali eiyizigidigidi eziyi-R1.2 ngonyaka.

UNgqongqoshe Wezezimali u-Enoch Godondwana uzokwethula inkulumo yesabelomali sikanyakamali wezi-2024/25 zingama-21 kwekaNhlolanja.

Scroll To Top