Now Reading
Intsha yaKwaMakhutha ibona i-EFF njengomalamulela
Dark Light

Intsha yaKwaMakhutha ibona i-EFF njengomalamulela

Ukugqoza kwentuthuko nokuba ngogombela kwesabo kwekhansela nabasondelene nalo kube yizinto eziseqhulwini lwezikhalo zentsha yaselokishini KwaMakhutha eziyidlulisele ebuholini be-Economic Freedom Fighters (EFF).

Emuva kweminyaka iningi lomphakathi wakuleli lokishi weseka uKhongolose kubonakala seligaya ngomunye umhlathi. Ukungenisa kwe-EFF kushayelwe isipikili ukuhambela komholi waleli qembu uMnu uJulius Malema njengengxenye yokunxenxa amavoti. Intsha yakuleli lokishi iningi layo eliphase umatikuletsheni kodwa engakwazi ukuqhubeka nezifundo ithi I-EFF ibona kuyiyo eyokwazi ukuyikhipha osizini ebhekene nalo ngoba ku-ANC kuya ngokuthi usondelene kangakanani nekhansela ukuze usizakale. 

USiyanda Ntuli oneziqu zeHuman Resources azizuza eminyakeni emine edlule eDurban University of Technology (DỨT) uthi yize etohoza kwesinye sezitolo enxanxatheleni yezitolo iGalleria ekude buduze naleli lokishi, kodwa akenzi ngqo umsebenzi awufundela. “Siyaye sibone kwezinye izindawo intsha ingashiywa ngaphandle ezintweni ezenzakalayo ezindaweni ehlala kuzo kepha lapha esikhulele khona thina asazi nokuthi kwenzakalani ngoba azikho izinhlaka eziqondene ngqo nathi. 

Ngisho kukhona umqondo onawo ngento engasiza intsha uma uthi uyoyethula ehhovisi lekhansela uNkk uHlomuka uphebezwa abasizi balo, ugcine uphela amandla,” kuzikhalela uSiyanda. Uthi into abayenzayo nje ehhovisi lekhansela ukunikeza umphakathi izincwadi eziwubufakazi bokuthi bahlala kuphi ngale kwalokho akukho okunye. Le nsizwa eneminyaka engama-25 ehlala esigcemeni sako-21 ibiyingxenye yezinkumbi zabantu ezihambele umbuthano we-EFF kuleli lokishi.  

See Also

Uthi yize amaqembu ecishe akhulume ulimi olufanayo ngezethembiso kubantu, kodwa ubona uMalema nezakhe bezokwazi ukubatakula. “Bheka nje kuyimanje sihambe sihlala ngoba sadilizelwa izindlu zomxhaso kuthiwa zakhiwa kabusha kodwa sanganikezwa indawo yesikhashana kwathiwa umuntu akazibonele. Nakhona lapho satshelwa isigubhukane ukuthi izindlu zizodilizwa, angikhumbuli kubizwa umhlangano saziswa ngendlela”. Uthi kuyamjabulisa ukubona kungenisa ezikaMalema kuleli lokishi ngoba intsha ithathelwa phezulu ku-EFF.

Inkulumo yakhe ifakazelwe uSimingaye Dlamini othe okwenze waba yingxenye ye-EFF yingoba uthemba ukuthi izozenza izinguquko endaweni yangakubo.  “Kuhlukile ukuzwa izinkulumo ezihlala zibeka amabala I-EFF ikakhulukazi ngalokho ekholelwa kukho ngabantu bokufika kuleli, kodwa uma uMalema esenaba kabanzi ngolokho uyawuthola umongo wakho. Uthi bakwazile ukudlulisa ku-EFF izinto ababona ukuthi ingazilungisa ngokubambisana nomphakathi. Ekhuluma lapha uMalema uthe sesiphelile isikhathi sokuthi abantu baqhubeke nokuhlala eqenjini ngenxa yokuthi bathembekile kulo kepha alibayisi phambili. Uphonsele inselelo umphakathi ukuthi unikeze i-EFF ithuba ukuze ubone okwehlukile ngoba lapho benikezwe khona umsebenzi wokuphatha komasipala bayithwalisa kanzima i-ANC.

Scroll To Top