Now Reading
Sezincijo izimpondo zenyathi: Umkhankaso wehlandla lesibili
Dark Light

Sezincijo izimpondo zenyathi: Umkhankaso wehlandla lesibili

UMfo kaSamuel uzihlela kabusha. Kanti nomfo kaNgcinamazwi uyala ukuguqa 


Kulabo abaqaphela umgqigqo wepolitiki yakuleli kuyacaca ukuthi kukhona okwenzakalayo. Kanti futhi kusobala ukuthi lokhu kwendlalela okukhulu okuzayo. Kusuka odabeni lukalowo owayenguMengameli wezwe, uMnu uZuma lokhuhlehlelwa yisifuba sakhe sempi, okungabameli. 

Ukusondela kwezinsuku zomqamulajuqu kuNobhala Jikelele kaKhongolose, uMnu uMagashule nabanye ukuba behle ezikhundleni. Ukumiswa kowayenguNdunankulu waseNorth West, uMnu uMahumapelo eqenjini elibusayo nokumenyezelwa kosuku lokhetho.

Kukho konke lokhu abalingisi abamqoka nabahamba phambili nguMfo kaNgcinamazwi (uZuma) noMfo kaSamuel (uRamaphosa). Abezindaba ngemibiko yabo sebenze kwamukeleka ukuthi ‘abahambisana’ noZuma yilabo abafuna izinguquko emnothweni wezwe (Radical Economic Transformation) kanti labo okuthiwa bahambisana noRamaphosa ngokuthiwa balwisana nenkohlakalo uZuma okuthiwa wayengubhongoza wayo.

Yize kule minyaka eyedlule laba baholi bebezamile ukuba ukunqubuzana kwabo kube okuhamba phansi izimo kupolitiki yangaphakathi nangaphandle kweqembu isibaphoqe ukuthi badwebe umugqa. Namuhla akusemfihlo ukuthi kayihoshelani sebehlanganiswe nje wubulungu beqembu. Ekhuluma nobuholi beqembu obenziwe ngamalungu ayisithupha, uZuma kakufihlanga ukuthi ubona amalungu eqembu lakhe eyizimbulu. Waphuma noRamaphosa iqhubu embiza ngembulu enyathela ngamanyikwe amabili, engumuntu othi uyamzwela kepha ebe elumbimbi nezitha zakhe neqembu.  

Lapha uZuma wenza isibonelo sesigameko lapho amanye amalungu kaKhongolose avota nezimbangi ezifungelwe zikaKhongolose iDemocratic Alliance (DA) ngesikhathi bezama ukumdudula ukuba kube nevoti lokungabethembi ubuholi bakhe.

“Amaqabane ami avukuza ukuba ngikhishwe aze asebenzisana neqembu eliphikisayo ukuba kususwe uMengameli we-ANC ePhalamende – into engakaze icabangeke. Kuze kube namhlanje, angiqondi ukuthi yini eyabanga lokhu, ngibabuzile abanye benu ukuthi yini embi engayenza ukuba ngifanelwe ukususwa esikhundleni ngaphambi kokuphela kwesikhathi,” kusho uZuma.

KUXABENE IZINGANE ZENDODA: UMfo kaSamuel noMfo kaGcinamazwi osekwehlukene izindlela  Isithombe: GCIS

Okunye akuphawula wubufarisi athi benziwa ngabaholi bakhe kuKhongolose odabeni oluthinta ukungaboni ngasolinye phakathi kwakhe neKhomishini eholwa nguMehluleli uZondo nephenya izinsolo zokugwamandwa kwamandla ombuso. Lapha uZuma washiya angalazi:

“Maqabane, namhlanje nize kimina ukuba nizongikhombisa ukuthi ngiyaphambuka ngokungayi kwami kuKhomishini yokugwamandwa kwamandla ombuso ephethwe yiSekela loMehluleli Omkhulu uRaymond Zondo. Niza nizenza abangizwelayo futhi nizongicinelela ukuba ngethule ubufakazi kuKhomishini. Lo mhlangano eqinisweni awuphathelene nezinto engaziphakamisa, okufanele ngabe nikhathazekile ngazo, kodwa umbukiso womphakathi oqonde ukukhombisa amandla okungesiwo awe-ANC ukuze ningidonsele kule nto.” 

Kukho konke lokhu kukhuluma uRamaphosa waziphungela washo nokuthi kuMsholozi ungumuntu omubi nathi akulona iqiniso.

“Emqondweni wakho kungenzeka ukuthi uthi: “uCyril Ramaphosa ubehlala ephikisana nami futhi efuna ukuba ngivalelwe ejele. Akangeseki, emacaleni engethweswe wona, nokunye okuningi.

 “Kungaba yindlela obona ngayo leyo, kodwa nakhu engifuna ukukusho – angifuni nokuthi kufanele ungikholwe – angikaze ngibe nokucabanga okunjalo. Ngikubona njengomholi wami, nengqwele yami ku-ANC,” kusho uRamaphosa.

Kusuka ngalelo langa lo mhlangano kubonakale izinhlangothi zombili ziphansi phezulu kokunye zisebenzisa abezindaba ukudayisa lokho okuwumbono wazo kanye nendlela okumele izwe lihumushe ngakho ukwenzeka kwezindaba.

Umzuliswano omqoka kuRamaphosa

Kulokhu kubukeka uRamaphosa enecebo lokuphuma ngasezintanjeni njengoba selokhu aqala ukuba nguMengameli weqembu nowezwe ubebukeka engaphansi kwengcindezi yalabo abanye bezindaba nabahlaziyi ababiza ngezimpisi namaqola abegwamanda amandla ombuso.

Ubeze asolwe ngisho yilabo abamesekayo ngaphakathi nangaphandle kweqembu bethu untekenteke. Lesi sithombe ngaye kubukeke esesibonile ukuthi singahle simdlisele ogageni senze kube lula nasezimbangini zakhe ukuthi sisophe ukumketula aphenduke uMengameli wehlandla elilodwa uma sekukhethwa obunye ubuholi ngaphakathi eqenjini maduze nje. 

Ukuze aqede lesi sithombe kudingeke agembule, hhayi kancane kepha kakhulu. Ekwenzeni njalo udayise umbono kulabo anabo nabangahambisani noZuma nezakhe ukuthi ukusuka kwakhe kusho ukusuka kwabo ezikhundleni. 

Lokhu kubukeka kumsebenzele ngoba kwenze nabanye esigungwini esikhulu seqembu bakwazi ukumeseka uma ephakamisa ukuthi umgoga awubekele izimbangi zakhe awucishwe. Lo mgoga yilowo wezinsuku ezingamashumi amathathu omusa kulabo abahamba amacala. Yize lo mthetho ungasho umuntu oyedwa kepha inhlanzi enkulu lapha ozobuya nayo nguMagashule.

Kuthe kusenjalo kuzo lezi okuthiwa ngezikaZuma lakhala ikhanda lapha eNorth West ngesikhathi omunye wamashoshozela eRedical Economic Transformation, uMahumapelo ethola isinqumo sokumiswa kobulungu bakhe okwesikhashana.  

Lapha icala athweswa lona ngelokuphehla uzwathi egqugquzela abantu ukuba bangasilandeli isinqumo seqembu sokuba abanamacala behle ezikhundleni esikhathi esiyinyanga. Kuthiwa ubufakazi ‘obuqandula ikhanda’ kwenzeka mhla zingama-22 kuNdasa ngesikhathi ekhuluma. Okunye okuweza uRamaphosa kulezi zinsuku zinqumo zezinkantolo ezivuna ayekwenzile zichithe uZuma. 

See Also

Esakamuva nje isinqumo yileso esithinta isinqumo sakhe sokumisa abashushisi ababeqokwe nguZuma. Kulolu daba uMehluleli uthe uRamaphosa wenza ngakhona.

Kanti okunye okwamanje wukuphuma kwezindaba zezinsolo zenkohlakalo kuKhomishini kaZondo nezikhonjwa kulabo abasondelene noZuma. Nokho lokhu kungaguquka njengoba uRamaphosa njengowayenguMholi Wezindaba ZikaHulumeni kuHulumeni kaZuma neSekela Mengameli esazobizwa nguZondo. 

Akungabazeki ukuthi izimbangi zakhe zizosebenza zingalali ukuzama ukumninda naye uma kukhona okuwumsanka. Sekukhona vele abathi kachaze ngezindaba ezithinta u-Eskom nokunye.

Isifiso neqhingasu ngokhetho

Kuleli sonto uRamaphosa umemezele usuku lokhetho loHulumeni Bendawo nathe luzoba khona mhla zingama-27 kuMfumfu nonyaka. Lapha kulindeleke ukuba akhomoze ezakhe ukuba zidle umhlanganiso. 

Okukhulu kuye wukubuyisa izinduku kanti okunye wukuqinisekisa ukuthi wakha isigaba sabaholi boHulumeni Bendawo abalandela umcabango wakhe. Lokhu kuzocaca kakhulu uma sekuphakanyiswa amagama alabo abazoqokelwa kwezobukhansela. Kulindeleke ukuthi ezikaRamaphosa zigqishe labo abahambisana nabo kududulwe ezikaZuma. 

Uma bephumelelile ukwenza lokho kungaba yindlela enqamulelayo yokuyophatha izinhlaka zeqembu emazingeni omphakathi nokuyiwo amqoka uma sekuvotwa. Ngalolu khetho uRamaphosa uyozwa amanzi ngobhoko ngakho nezakhe bazokwenza konke okusemandleni.

Ukuqoka lolu suku lwamhla zingama-27 kuMfumfu kuveze ubumqoka nobuchule lo mkhankaso wakhe wehlandla lesibili azosukuma ngabo. Lolu wusuku oluthinta abaholi abamqoka bakaKhongolose namaKhomanisi. Kumqoka ukuthi aphumelele ngoba uyazi ukuthi ingozi yomholi ophethe ihlandla lesibili eqenjini. 

UMbeki zamudla zamkhafula ngehlandla lesibili esehlehlelwa zikhuni ngoba ababemeseka sebenokwesabela nokucabangela ikusasa. Kwabanjalo nakuMsholozi zamudla kwangathi kazimazi nakhona sezicabangela ikusasa. 

Okusobala yikuthi inyathi (okuyigama abizwa ngalo uRamaphosa) ikucijele okuzayo ngoba iyazi ukuthi kungahle kube nguwafa wafa. Umdlalo uyaqhubeka.

Scroll To Top