Ukuphasa ngamalengiso kwenze namanyuvesi anyusa amaphuzu kwabazobhalisa
Njengoba izikhungo zemfundo ephakeme zivulwa ngokusemthethweni ngesonto elizayo kusenenqwaba yabafundi abaphase umatikuletsheni abasadunguza oswini ngezicelo zabo zokuqhuba izifundo emanyuvesi. Ukwenza kahle kwabafundi bakamatikuletsheni wezi-2023 kwenze nokuthi amanyuvesi amaningi athathe isinqumo sokwenyusa amaphoyinti awumgomo wokwamukelwa emikhakheni ethile.
Abazali babona sizokwanda nesibalo sabafundi abazogcina bengene emikhakheni abebengazange bafake izicelo kuyo ngenxa yokuthi leyo ababeyiqoke kuqala kuminyene utshumo kuyo. Ophenyweni elwenziwe elaboHlanga eNyuvesi iKwaZulu- Natal ophikweni lokufundela ubudokotela iNelson R Mandela School of Medicine, lithole ukuthi inyuvesi iphoqelekile ukuba inyuse amaphuzu kuze kube ngale kwama-85 ngenxa yesibalo esikhulu sabafundi abebefake izicelo zokufundela ubudokotela.
“Ngokujwayelekile umfundi kumele enze kahle kuMaths neScience akwazi ukuthola amaphuzu angama-80 kodwa kulokhu bawanyuse kakhulu ngenxa yokwanda kwesibalo sabafundi abadabulile,” kusho umthombo ongaphakathi kulo mkhakha. Abafundi abaningi abebefake izicelo zokwenza ubudokotela eNyuvesi iLimpopo ophikweni iSefako Makgatso eyayaziwa ngeMedunsa basesebumnyameni njengoba izingcingo nama emails engaphendulwa uma befisa ukwazi ngokuthi sekuhanjwe kwafikwaphi nezicelo zabo, yize sebekhokhile imali eyi-R150 ewumgomo.
Umfundi waseThekwini obefake isicelo sokwenza iziqu zobudokotela kule nyuvesi, uthe uma ebheka ukuthi kubambephi ngesicelo sakhe kuvela ukuthi wamukelwe kepha kuncike ekutheni abanye abafundi banamaphuzu amangaki ezifundweni ezidingakayo.
“Isifiso sami bekuwukwenza iziqu zobudokotela kodwa ngenxa yomncintiswano oqinile, kukhona asebengiluleke ngokuthi ngenze iBachelor of Science in Biological Studies ukuze ngibuye ngixhume emuva kweminyaka emine ngiqhubeke nobudokotela,” kubeka lo mfundi waseMpangeni.
Izinhlangano ezimele abafundi I-EFF Student Command neSouth African Students Congress (Sasco) zithe zizoyiqinisa imikhankaso yayo yokulwela ukwamukelwa kwabafundi nokubatholela izindawo zokuhlala. Ngesikhathi elaboHlanga lihambele ophikweni iHoward College e-UKZN ngoLwesibili ubuholi bezinhlangano zabafundi bebubambe umhlangano nomkhandlu wenyuvesi lapho bekudingidwa khona udaba lwezicelo zabafundi. NgoMsombuluko amalungu oMkhonto Wesizwe (MK) abhikishe ekanye nabafundi baseHoward College babhikishe ngaphandle kwamasango befuna kuphuthunyiswe uhlelo lokusiza abafundi abashintsha imikhakha nokusiza labo abathatha isinqumo sokuzifikela mathupha kule nyuvesi beyobhalisa ngoba bengakutholi ukusizakala kuCentral Application Office.
Ihhovisi lezokuxhumana kule nyuvesi kuze kwashaya isikhathi sokuloba lingawuphenduli umqhafazo nohlu lwemibuzo ngalokhu okushiwo abafundi ngohlelo lokwamukelwa kwabo.