UBroos uchaza ngobumqoka bomdlalo weBafana neMorocco ebholeni laseNingizimu Afrika
Uchaza ngobumqoka bomdlalo weBafana Bafana neMorocco ebholeni laseNingizimu Afrika, umqeqeshi welakuleli uHugo Broos.
Namuhla ngo-10 ebusuku, iBafana izodudulana ne-Atlas Lions emdlalweni we-last 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon) eStade de San Pedro kwelase-Ivory Coast.
IMorocco iyona ethwelwe ngeqoma ukuthi izodla ubhedu ku-Afcon. Zonke izinto zivuna yona.
Iqede eqhulwini eqoqweni layo. Injalo nje ikleliswe endaweni yokuqala e-Afrika. Ngaphezu kwalokho isanda kuqokwa njengeqembu lesizwe elivelele e-Afrika.
I-Atlas Lions kusabatshazwa izimanga ezigile eQatar eNdebeni yoMhlaba ngowezi-2022 lapho ifinyelele khona kowandulela amanqamu alo mqhudelwano.
Ngokwenza lokho ibe yiqembu lokuqala lesizwe e-Afrika ukufika kowandulela amanqamu eNdebe yoMhlaba.
UBroos odle ubhedu ku-Afcon neCameroon ngowezi-2017 kwelaseGabon utshele abezindaba ukuthi lo mdlalo umqoka ngendlela eyisimanga ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Kusasa (namuhla) sidlala umdlalo omqoka ngendlela eyisimanga. Uma singanqoba kusasa (namuhla) singahamba size siyofika empumelelweni. Yingakho lomdlalo umqoka kithina. Lo mdlalo ubaluleke kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika. IBafana ike yathi ukwehlelwa yizinga ezingeni lomhlaba. Sekunesikhathi iBafana yagcina ukufinyelela kuma-quarterfinal. Kusasa (namuhla) sinethuba lokuphendula amatafula. Umphumela wakusasa (namuhla) ungahamba ibanga elide ebholeni laseNingizimu Afrika. Uzokwenza abadlali baseNingizimu Afrika banakeke emaqenjini aphesheya okuyinto esiyidinga njengezwe ukuze sikhule.” kubeka uBroos.
IBafana selokhu yagcina ukunqoba i-Afcon ngowe-1996 ngesikhathi idla ubhedu ingosokhaya.
“Into emqoka ngumdlalo olandelayo. Imidlalo eyedlule ayisathi shu. Lapha e-Afrika into engiyibonile wukuthi akubalulekile ukuthi udlala kahle kangakanani. Into emqoka kunazo zonke imiphumela emihle. Kulo mqhudelwano sesidlale izitayela ezintathu. Ngebhadi ngesikhathi sibhekene neMali asizange siphumelele yize sadlala kangcono kunayo. Mina ngincamela ukuthi abantu bababaze ukuthi sidlala kowandulela amanqamu kunokuthi bababaze ukuthi sidlale kahle (kodwa sidliwe),” kuchaza uBroos.
Lo mqeqeshi odabuka eBelgium ugaqele isicoco sakhe sesibili se-Afcon.
“Ayikho ingcindezi yokubhekana neMorocco. Sengibe ngumqeqeshi iminyaka engu-35. Ngidlale kowandulela amanqamu eNdebeni yoMhlaba njengomdlali ngaphinde ngawina i-European Cup. Nginqoba izicoco njengomqeqeshi ngawina nayo i-Afcon. Ngakho anginayo ingcindezi. Ukube benginengcindezi ngabe angikhululekile ngalolu hlobo. Yebo, osukwini kuzoba khona ukuminca okuyinto ejwayelekile. Uma ubhekene nengcindezi owukwazi ukuthatha izinqumo ezifanele.” kuphetha uBroos.