UNdunankulu wesishiyagalombili: Uzoba yini umsebenzi wakhe?
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kwabaningi igama elithi Ndunakulu kaZulu liyaziwa kepha okungaziwa ngokulinganayo wumsebenzi wakhe esizweni. Ekubukeni umlando weSihlalo njengokuhlelwa kwaso yiLembe okuba sobala wukuthi ziba ziningana izizathu ezenza umuntu aqokwe njengoNdunankulu. Esinye salezi zizathu yisimo sezwe noBukhosi ngaleso sikhathi. Uma iLembe lifika KwaZulu isimosezwe sasikhomba isidingo sokuba kwakhiwe isizwe esisha, isizwe esingale kukaZulu ngokuzalwa. Kulokho iLembe labona ukuthi aligawule ngaphandle kwegceke langaqoka owalapha ekhaya kepha laqoka insizwa ebukhali eyabe isuka nalo oYengweni, uNgomane kaMqomboli eMdletsheni.
Kwaba ngokufanayo ngesikhathi uNjunju woHlanga, iNgonyama uDingane iqoka uNdlela kaSompisi. Lolu khondolo lokubekwa ngezizathu zezwe nobukhosi luqhubekile mhla kubekwa abanye oNdunankulu abafana noMasiphula kaMamba, uMnyamana kaGqengelele, uMankulumane kaSomaphunga, uMathole kaTshanibezwe noMangosuthu Buthelezi. Kumqoka ukuqaphela ukuthi uBhejane kamqokanga uNdunankulu wakhe kepha wabe esedondolozela ngoMntwana wakwaPhindangene owabe eqokwe nguyise. Lokhu kufakazelwa nguye uMntwana wakwaPhindangene uma nxa njalo ekhumbuza ISILO esidala nalesi ukuthi zinelungelo lokuba ziqokwe loyo ezimthandayo.
Kulokhu iNdlulamini yenze okuhlukileyo nokuhambisana nesimo sezwe noBukhosi. Siqoke uNdunankulu nesekela. Lokhu ngesikhathi sakho besingaqali ngoba senze okufanayo nangesikhathi siqoka umdidiyeli wempi esamethula nesekela lakhe. Ngesikhathi uNdunankulu umfundisi Buthelezi enza isifungo kuqgame amaphuzu ayisishagalolunye nangathathwa ngokuthi ngumsebenzi wakhe. Ngaphandle nje kokuba ngumeluleki omkhulu weSILO nomkhulumeli waso kanye nosingethe ubudlelwane beSILO neNdlunkulu. OnguNduankulu unikwe umsebenzi wokuqinisekisa ukwakhiwa kweSigodlo seSILO. Lesi sigodlo kuyoba ngesokuqala njengoba zonke ezikhona kusuka oNdini kuya eMachobeni ngezeSILO esidala.
Omunye umsebenzi omqoka kaNdunankulu wokuxhumana kanjalo nokuqhamuka nezinhlelo ezithinta aMakhosi nezinhlanga zoBukhosi. Odabeni lokubekwa kwaMakhosi ezizwe , izingxabano kanjalo nezindaba ezithinta umhlaba nokuphathwa kwawo.
Okunye okulindeleke ukuba kwenziwe ngokushesha nokwabe sekuvele sekuqalile wukuhlelwa kabusha kwehhovisi likaNdunankulu neleSILO. Emasontweni ambalwa kulindeleke ukuba kumenyenzelwe izinguquko ezinqala nezizokhomba ukuthi ISILO siwuyisaphi uZulu.