Isizwe sakwaMngomezulu eNgwavuma sidala kakhulu
USolwazi uMaphalala ungungoti womlando kaZulu nama-Afrika nombhali wamabhuku.
Mngomezulu! Mdluli! Mafu! Malinga! Dlakadla! Zondiwe! Msuduka. Lubelo! Mbikiza, Zombizwe, Ntunja, Khethwayo, Mndeni.
Isizwe sakwaMngomezulu esithathwa njengesinye sezizwe ezibalulekile eNgwavuma, sidala kakhulu kodwa okwenza sibe nohlonze ukuthi bonke abantu ababesuka eNingizimu Africa sebephindela enyakatho lapho sasikade sidabuke khona babedlula kulesi sizwe sakwaMngomezulu. Umuntu wokuqala oqavile mayelana nokusunguleka kwalesi sizwe nguye uMngomezulu igama lakhe elagcina seliyisibongo.
Esendeni likaMngomezulu kwavela uMdluli naye owagcina eyisibongo. AbakwaMdluli esizweni saseMangwaneni kwaHlongwane yibona abathuna inkosi yakhona uma isishonile kwazise ithi ingashona bese iyobekwa ehlathini laseNgobe khona eMangwaneni eduze kwalapho sekuse-Emmaus Hospital khona. Abantu bazi ukuthi nxa inkosi isibekwe lapho kusa isidumbu sayo singasekho sesinyamalele kanti empeleni ngabakwaMdluli abasithathayo bayosingcwaba ebusuku. Sikhona nesinye isizwe sakwaMdluli esibalulekile esibizwa ngokuthi kuseManyavwini eduze kwasePhithamarizbheki. Esinye isizwe sakwaMdluli sikwaNibele ngaseHluhluwe.
Esendeni likaMdluli kwavela uMafu. Esizweni saseMangwaneni eduze kwase Bergville kunesikole esaziwa ngokuthi kuseMafu esaqanjwa ngenye inkosi yaMangwane uMafu. Akuqondakali kahle ukuthi lowo Mafu wehluke kanjani kulo oxhumene nabakwaMngomezulu. Indlalifa kaMafu nguMalinga owazala uDlakadla okunguyena odume kakhulu nabathakazelana ngaye kakhulu abakwaMngomezulu uma behloniphana bethophana. Yena wazala uZondiwe noMsuduka. Indlalifa kaZondiwe ayizalelwa nguMsuduka nguLubelo ozala uMbikiza yena wazala uZombizwe.
INgonyama uShaka ingakazihlanganisi izizwe zamaZulu ukuba yimbumba isizwe sakwaMngomezulu sasikhonze kwaNdwandwe okuyisizwe esasakhe eMagudu okuyizintaba ezengamele uPhongolo. Ngemuva kokukwehlulwa kwempi kaZwide ngeyeNgonyama uShaka, isizwe sakwaMngomezulu sagcina sizimbandakanye namaZulu wonkana.
Kuthe sekubusa uLubelo kaZondiwe wasihola isizwe wayokwakha eSwazini. Ngaleso sikhathi uLubelo wabe esenqobe izizwana eziningana ezazakhe ezintabeni zoBombo naseNingizimu yoMfula owawubizwa ngokuthi kukwaVuma manje osekuthiwa yiNgwavuma.
Ngenkathi ephikelela eSwazini uLubelo wayekade ehlasele isizwe sakwaMathenjwa eManyiseni. Leso sizwe sasikade sakhe kule ndawo isikhathi eside kakhulu. Ngemuva kokudumelana ngezihlangu namaklwa isizwe sakwaMathenjwa sehlulwa sagcina sibalekile sayobhaca esizweni sakwaHlabisa ngegunya leSilo uMpande owasicelela esikhulwini sakhe uMbopha kaWolizibi Hlabisa. Wakwenza lokho uMbopha wanikeza abantu bakwaMathenjwa iziza zokwakha. Abanye basakhe khona kuze kube namuhla lokhu. Ngemuva kwesikhathi abanye abantu bakwaMathenjwa bacela uMbopha ukuba ayobakhulumela eSilweni ukuthi bafisa ukuyokwakha emanxiweni abo eManyiseni ayengakhile abakwaMngomezulu. INgonyama uMpande yabavumela ngakho-ke enye ingxenye yaphindela emanxiweni okhokho bayo kodwa abanye basala kwaHlabisa
INkosi uLubelo yafa ngendlela eyaba yisidididi eSwazini. Kwaqale kwaba namahemuhemu okuthi ukufa kwayo kwalandela uzungu lokubulawa kwakhe olwenziwa yiNgonyama yamaSwazi uMswazi. Kodwa le nkulumo yabe yedusa kwazise ngaleso sikhathi kwakungekho mingcele eyabe isidwetshwe ngamazwe asentshonalanga afana noNgilandi. Lonke izwe ekufikeni kwamaZulu evela eNkabazwe lalikade lingaphansi kweNgonyama uMnguni kaNtu owazala uLuzumane, uNdebele, uXhosa noMswati. Lonke lalibizwa ngezwe labeNguni kususelwa egameni likaMnguni.
Kukhona inkulumo ethi uLubelo wahlasela uNtini wambulala. Lo Ntini wabe ezwana noSambane Nyawo isizwe sakhe esiseningizimu yabakwaMngomezulu. Ngakho-ke uSambane wathukuthela waphaka impi eyophindiselela ukubulawa kukaNtini.
Leyo mpi yagcina ingenwe ngabakwaMathenjwa bona abasenyakatho yabakwaMngomezulu. Ngakho-ke uLubelo wazithola esebhekene nempi eyayimkakile, wagcina ethathe inqola yomlungu wabaleka ngayo ephikelele eSwazini kodwa uMswazi wahlomisa ibutho lakhe iziNyathi lamlalela unyendle lagcina lithelekele impi yakhe lambulala. Nokho umlungu owayesize ngenqola lamyeka. Isizwe sakwaMngomezulu sahlakazeka abanye bacasha emahlathini nasemaweni ukuziphephisa.
INkosi uLubelo walandelwa yindlalifa yakhe uMbikiza owabaleka wayobhaca eSwazini emva kokubulawa kukayise. Kwathi uma sekuthule wabuya wayohola isizwe sakhe lapho sakhe khona nanamuhla lokhu. Zonke lezi zizwe: esakwaMathenjwa, esakwaMngomezulu, kwaNyawo nesakwaTembe zazihlanganiswe yiNgonyama uShaka ngenkathi ehlanganisa wonke amaZulu ukuba yimbumba. Izwe elikhulu lesizwe sakwaMngomezulu laqolwa ngabelungu. Lokhu kwenzeka ngesikhathi seKhomishane kaCharles Saunders iZululand Lands Delimitation Commission 1902-1904.
Isizwe sasala nendawo encane eyayingakulungele ukulima nokugcinwa kwemfuyo. Lokhu kwalandelwa nguMthetho weNtela yezindlu ngonyaka we-1903 lapho bonke abantu babephoqwa ukuthi bathelele izindlu zabo imali eyi-R1-25 indlu iyinye. Uma bengenayo kwakudingeka bathengise imfuyo yabo ngoba le ntela yabe iyimpoqo yize abantu babengenalo ngisho ilungelo lokuvota lodwa leli kwazise abantu abathela intela babenelungelo lokuvota nokuvotelwa.
Izindlu ezazihlala abantu esizweni sakwaMngomezulu esasiholwa nguMbikiza ngowe-1903 ngenkathi isizwe sikhokhiswa intela zazingama- 403. Zonke lezo zindlu zathelelwa ngemali engama-345.2.0 opondo ngemali yaseNgilandi okwakuyiyona eyayisebenza lapha kusaphethe amaNgisi.
- Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando waMakhosi Esifundazweni SakwaZulu, Umqulu 1. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.