Now Reading
Akukho ukungabaza: UMkhonto Wesizwe usudunge amanzi
Dark Light

Akukho ukungabaza: UMkhonto Wesizwe usudunge amanzi

Kulawo maqembu ahlelekile izinhlelo zawo bese zimi ngononina. Kwazeka ukuthi kusongwa unyaka owedlule nje, komusha bazoqala ngeshodi. Phakathi kwalawo maqembu singabala i-African National Congress (ANC) i-Inkatha Freedom Party (IFP), i-Economic Freedom Fighters (EFF) ne Democratic Alliance (DA). Okube sobala ngase kupheleni konyaka owedlule wukuthi wonke lamaqembu abenezinhlelo eziqondile ngesifundazwe iKwaZulu-Natal.  

Umlayezo wabaholi namalungu e-IFP ubuqondile, ukuthi bayayiginga i-ANC bazophatha isifundazwe. Lokhu bekusho bebuka imiphumela kweminye imikhandlu emqoka nayilapho bebe yidudula. Abe DA bona baze benza okungajwayelekile ukuveza igama laloyo ozomela esika ndunankulu, uMnu uPappas. Ukwethulwa kwakhe kusasele izinyanga kuqale imikhankaso kuveze isithombe sokuthi iqembu lakhe lihlose ukuba nesikhathi esanele sokumethula kubantu bazo zonke izinhlanga. 

Abe EFF bona baziveza izinhloso zabo ngesikhathi okokuqala bexosha inqwaba yabaholi abavela kwaZulu-Natal njengesijeziso. Phakathi kwalaba baholi baxosha uMnu uVusi Khoza. Lesi senzo saveza ukuzethemba nokuthumela umlayezo wokuthi injolozela iKwaZulu-Natal. Kabagcinanga lapha kepha basondeza uMnu uLinda Sibiya owabe engumsakazi wo-Ukhozi FM. Lokhu kwaba zinkomba zokuthi bafuna ukusondela kubantu abasha. 

Isenzo saleli qembu sokusuka endaweni ekukholakala ukuthi kulula ukwenza izinto nokuthi linamandla khona, eGoli lizokwethula umkhankaso walo eThekwini sisho okusobala- ukuthi lizibona linevenge kweleNdlovukazi uMthaniya. 

UKhongolose wona kuphele unyaka owedlule usuqala ukuhleleka njengoba bese kunezinhlelo ezisobala lapho ibidlisela abe-IFP ogageni. Abaholi abafana noMnu uBheki Mtolo bese beqala ukungenisa nase zinkundleni zokuxhumana emizamweni wokuyibuyisela kubantu i-ANC. 

Inkunzi entsha esibayeni 

See Also

Nokho izinto ziqale ukuguquka ngomhla zili-16 kuZibandlela. Ngalolu suku loyo owayengumengameli wezwe kanye ne-ANC uMnu uZuma umemezele ukuthi usezovotela iqembu elisha uMkhonto Wesizwe. Yize leli qembu lamanyezelwa njengelikazwelonke emuva kwesimemezelo sikaZuma injolozela ibe kwaZulu-Natal lapho kukholakala ukuthi uthandwa kakhulu khona. Kusuka ngalelo langa i-ANC kwaZulu-Natal yaba kwelinye igiya. Yazithola sekumele ide ikhuluma njalo ngalembangi entsha. Kayigcinanga lapho kepha yaqala ukumnyundela uZuma isusa amehlo ayo kuzimbangi ezindala, i-DA ne-IFP. 

I-DA yona imane yashona phansi ngoba imkhankaso kaPappas ube sewehlelwa yinjolozela. Nabe IFP kubukeka kwenzeke okufanayo njengoba besashone phansi emuva kokuba uZuma enkulumweni yakhe yangoZibandlela athatha inkulumo ye-IFP ngaMakhosi wayenza eyoMkhonto Wesizwe. 

Yize kusase kuseni ngokhetho naneqiniso lokuthi uMkhonto Wesizwe ngaphandle kwezinkulumo zikaZuma awukasho ukuthi umeleni, kusobala ukuthi ukwethulwa kwawo kuphazamise izinhlelo. Kuzophoqa amaqembu angenhla ukuba aqhamuke namaqhinga amasha okukhankasa kwazise sekunenye inkunzi esibayeni. 

Scroll To Top