Iphikelelephi iNdlovu: Iqembu Inkatha emzabalazweni onzima kunayo yonke



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Iqembu nomholi walo selidlule kokuningi kepha elibhekene nakho ngalesi sikhathi kubukela kungashabalalisa konke
Emuveni kokuqwala intaba ikwazi ukubuyela ekubeni yiqembu eliphikisayo KwaZulu-Natal, i-Inkatha Freedom Party (IFP) ibukeka ibhekene nokukhulu nokungathi uma kungalungiswa kubhidlize umsebenzi weminyaka. Lokhu kube sobala ngesikhathi kunomhlangano weqembu ngempelasonto nokuyilapho bekukhethwa khona ubuholi besifundazwe Olundi.
Kuningi obekulindeleke kulolu khetho kwazise ngenxa yezizathu ezabikwa wubuholi baleli qembu emphakathini, seluhlehle kaningi. Ngenxa yalokhu bekulindelekile ukuthi amalungu abe magange ekukhetheni ubuholi obusha.
Ngenxa yokude luhlehla belulindelekile uguquko kubaholi obelungenzeka ukuthi esikhathini esedlule bebebekwe eqhulwini kepha kwathi ngokuguquka kwepolitiki ngaphakathi nangaphandle eqenjini kwase kuba ngokunye. Enye into obekusobala ukuthi iguqule izinto yisimemezelo somholi weqembu uMntwana waKwaPhindange sokuthi uyehla esikhundleni. Lesi simemezelo saletha ubunzima kwabathile kakhulu labo abasondelene naye uMntwana. Leli akulona iphutha lakhe (umholi) kepha kubukeka kungelalabo baholi okusobala ukuthi benza iphutha lokungahleleli isikhathi lapho uMntwana engasekho njengomholi.
Laba baholi badlulwe yisikhathi, iminyaka nepolitiki yesimanje ayisekho ngakubo. Ubungozi babo eduze komholi abuyona imfihlo njengoba lokhu akuqali ngoMntwana kepha kwenzeke kubo bonke abaholi obese kusele isikhathi esincane babe semandleni. Nakuye uMntwana abaholi laba bayoqhela. Bayohlala naye bahlele kepha kuthi uma sekusenkundleni bamshiye okhalweni.
Laba baholi, njengabo bonke osopolitiki abasesimweni abakuso, okumqoka kubo akukhona lokhu okushiwo ngumholi kepha wukuthi ngabe uma engasekho bona bayoba ngumtshingo ubethwa ngubani. Ngenxa yalokhu bulindelekile ububhudubhudu nokwesaba wonke umuntu evikela ukuthi uNcwaba okuwusuku lokwedlulisa izihlangu koMntwana lungabafici beze.
Okunye okukhungethe leli qembu wumthelela wepolitiki yangaphandle. Okwenzeka kwamanye amaqembu nangendlela amanye alawa maqembu alusebenza ngalo udaba lobuholi kungenzeka ukuthi kuthola indawo kwamanye amalungu eqembu.
Akuyona imfihlo ukuthi kule minyaka engaphezu kwamashumi amane i-INkatha ibibukeka ‘ivikelekile’ ezivunguvungwini ezikhungethe amanye amaqembu aboHlanga nabezithola esezinkantolo kanye nasemigwaqeni kubangwa ubuholi.
Okwenzeke ngempelasonto eyedlule kukhombe ngokusobala ukuthi kuleli qembu nakuye umholi walo ongama athi Inkatha ngeke izithole isembangweni wezikhundla, empeleni ubufakazi buthi isikhona obishini. Osekungakhulunywa yizinga esingene ngalo. Kulokhu abanye bathi noma ayikangeni kakhulu obishini wubukhona boMntwana. Uma lo mbono uliqiniso kusho ukuthi ngale kukaNcwaba kukhulu okulinde leli qembu.
Umbuzo omqoka ngothi ngabe njengawo wonke amaqembu aboHlanga nalawo ayelwela inkululeko, kungenzeka ukuthi isitha esiyojuqa Inkatha akusona esikude kepha kuyoba ngamadodakazi namadodana eqembu ayekade elivikela yonke le minyaka?