Asizimisele ngokuphuma kusasekuseni isitobha seBafana
Ayizimisele ngokubuyela eNingizimu Afrika ekuseni iBafana Bafana izoshukana neTunisia namuhla ngehora lesi-7 ebusuku emdlalweni wokugcina wamaqoqo e-Africa Cup of Nations, e-Amoan Gon Coulibaly Stadium kwelase-Ivory Coast.
IBafana idinga iphuzu ukuze izibekisele indawo esigabeni somkhumulajezi we-Afcon. Ngemuva kwemidlalo emibili isiqoqe amaphuzu amathathu. Ihlezi endaweni yesibili.
Ngakolunye uhlangothi iTunisia ibhekene nenkulu ingcindezi. Inephuzu elilodwa ngemuva kwemidlalo emibili. Kowokuqala idliwe yiNamibia ngo 1-0 kwathi kowesibili yabambana neMali ngo 1-1.
UGrant Kekana odlala emuva kuBafana utshele abezindaba ukuthi basazimisele ngokuzinza kwelase-Ivory Coast.
“Siwuhlelele kahle umdlalo weTunisia. Wonke umuntu ungumqemane futhi uwulungele umdlalo. Sibhekene nomdlalo omkhulu. Akekho ongawulangazele,” kusho lesi sitobha seMamelodi Sundowns.
IBafana ibheke ukuqeda ishobolo leminyaka engamashumi amabili ihlulwa wukudla iTunisia kuyoyonke imiqhudelwano. Ku-Afcon sekuphele iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili ihlulwa wukuthola iwini uma ibhekene nale lizwe lasenhla nase-Afrika.
“Asizimisele ngokubuyela ekhaya kuseva. Sihlose ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano. Sizokwenza konke okusemandleni ethu ukuthola umphumela ogculisayo osukwini lwakusasa (namuhla),” kubeka uKekana.
IBafana igcina ukudlala ku-Afcon ngowezi-2019 yafinyelela kuma-quarterfinal lapho yakhishwa khona yiNigeria.
Yakhipha osokhaya iGibhithe ku-last 16. Elakuleli selike layinqoba i-Afcon. Layiphakamisa ngowe-1996 ngaphansi kobuholi bukaClive Barker osanda kudlula emhlabeni.
Yaqumba phansi iTunisia ngo 2-0 kowamanqamu eFNB Stadium. UMark Williams wabhakuzisa enethini amagoli amabili. Womabili amagoli aqhamuka kuDoctor “16V” Khumalo. Kusukela lapho iBafana ayikaze iphinde iyinqobe i-Afcon.