Now Reading
Ake luqonde kuhle kothi lomkhonto ulimi onyakeni omusha
Dark Light

Ake luqonde kuhle kothi lomkhonto ulimi onyakeni omusha

Njalo uma kuzoqala unyaka, abantu baqhubeka nokukhuluma into eyodwa ephikisayo kusukela ekupheleni kwenyanga uZibandlela, baze badlulele nasekuqaleni kwenyanga uMasingana minyaka yonke, benemizwa yemicabango ebaphikisayo noma ephikisayo.Ngesilungu kugqame ngokuthi, banegative.

Ukubona ngokuthi uma useduzane nabo, nalowo noma nalabo, abahlale benkulumo zabo ziziphikisa, zinokuphikisayo phakathi okugcwele iqoma.Kuncane okuhle ongakuzwa bekukhuluma ngokuvumayo empilweni.Bakubiza ngesilungu ngokuthi ukuba positive.

Ukukhuluma okunokuphikisayo kunobungozi empilweni, emndenini, ozalweni, emabandleni,enhlalweni, emphakathini,ezweni nezinye izidawo.Ukukhuluma uphikise,kuchaza ukunaka abanye empilweni nalapho kungafanele khona kuze kweqe kakhulu.Engabe unaka impilo yakho ngokuyicelela kuMdali ukuba ibe ngehlwabusileyo emehlweni akhe uMdali.  

Ukukhuluma kabi okunokuphikisayo ngisho nangenyanga uZibandlela noma iNgcela uma sekuzophela unyaka,ikona kanye okuwukuzidonsela amanzi ngomsele ngezindlela eziningi.Asikuyeke ukunanela nokujobelela ezinkulumweni noma yingxenye yezinkulumo, zabakhuluma izinto eziphikisayo kuqala unyaka uze uyophela,

Izinto zakho ebezinezinhlanhla nezibusiso phakathi obunikwe nguMdali nangabadala bakini zizoqhela. Akulula ukuba ukukhumbule ukuthi konke okubi osekwenzeka, kwakudalwe ukukhuluma kwakho kabi ngabanye,ngezimo empilweni kuqala inyanga uMasingana nasekupheleni kukaZibandlela.

Lomkhuba wokungabi nomoya omuhle novumayo ezimweni usugcwele lonke izwe nasemhlabeni jikelele.Akusekho ukuzazi ubuwena nobobuwena obukuwena bokuba nguwe,ukuthi unguwenguwe, awuyena omunye umuntu.

Kusuke kuwukungazazi ukuthi wena unguwena okanye kuwukuphikisa ubuwena nobuwena, bobuwena, bokuba nguwena, uma uvamise ukukhuluma kanjalo,uma sekukhulume abanye minyaka yonke.Kuthi lapho kungakusahambi kahle, bese uyahamba uyofuna ukuzwa.Ngiyakholelwa,kanti futhi angiphikisani nokuhamba uyozwa, uyohlola, uyobhula, uyoprofethelwa nokunye.Bese kuthi phakathi nonyaka sijahe ukuyozwa uma kungahambi kahle ikakhulukazi.

Kuvamisile ukuthi ukhuluma uphikise njena, ingoba awuwazi noma awunawo amaqhaza amahle owabambile kwalungela abanye ngenxa yakho.Uze ugcina nawe usujobelele ezakho izinkulumo eziphikisayo phezu kwalezo zabahlale njalo bekhulumabephikisa. Awukwazi ukuhlukanisa noma awuwazi umehluko phakathi komuntu noma kwabantu abakhuluma kahle empilweni ngoba nawe ufana nabo labo.

See Also

Kuzodalwa ukuthi wena (mina) uqobo, ngokuhlale ulindele abanye ukuba babe kuwena bengabanabagxathu avumayo ekusizeni wena. Ngamanye amazwi ukuba uhlobo olungakwazi ukufaka ukucabanga okuhle, olungakwazi ukuba neziyalo ezakhayo kwabanye, ngoba ulindele ukuthi,sengathi kungaba iziyalo ezakhayo ezibhekiswe kuwena wedwa,hhayi kwabanye.

Kanti kunaloluhlobo lwabantu oluzokhuluma ngokukuzwela kanti aluzizwa ukuthi izinkulumo zalo,zinokuphikisayo phakathi.Ngoba vele sekwaba yisejwayezi (wumthetho wabo) ukungakwazi okuyingxathu elivumayo noma eliphikisayo empilweni.Ingoba nabo bayingxenye yegxathu eliphikisayo ngezinkulumo zabo ezingenakho nokuncane okwakhayo.

Ubungozi balokho kukhulumuphikise,wukuthi kuzobaleka imimoya emihle ekuwena eyakusingatha kahle mzukwana uzalwa.Kuzobaleka amadlozi amahle akuwe,izingelosi ezinhle ezikuwe ngemimoya emihle.Abanye kade yabalahlekela lemimoya emihle.Abanye kuqhela wonke amadlozi akade emusingethe,izingelosi ebezikade zimusingethe.Kuhle kabi ukuba ngozama ukukhuluma okunempilo kwabanye njengoba nawe ufuna babe nokukhuluma okunempilo kuwena.

Ubungozi balokho bugqama lapho abadala sebekufaka ngisho nasezinganeni zincane ngeminyaka emine ubudala.Lezozingane zizobe zingasondlekile ngokomqondo wokuba yizingane kodwa zizobe sezimqondo ungowabantu abadala.Bese ziba yinkinga kithina zisencane.

Scroll To Top