Abesibonelelo sama-R350 bazibona uhulumeni uzobagila nabo
Ukubheda kwezinhlelo ekuholelweni kwabahlomula isibonelelo sikahulumeni sezingane sekufake ingebhe iningi labahola isibonelelo sabangasebenzi sama-R350 ezweni.
Sekuyisonto lesibili kucwebe iziziba ngalesi sibonelelo kodwa kungekho izwi elizwakalayo eliqhamuka kwaSouth African Security Agency (Sassa) kuzwelonke, yize kwezinye izikhungo ezweni kukhona abaholeliwe.Kusuka ngeledlule abazali bezingane bebevuka kusempondozankomo beyobamba olayini ezikhungweni zokuholela babuye belambatha ngaphandle kwezincazelo.
Emahhovisi akwaSassa ePinetown namanje abaholela izingane basavukela khona ngethemba lokuthi bazoholelwa. Abazithola bebhekene nalesi simo sebekhale ezinhlangweni ezimele imiphakathi njengeBlack Sash ekutheni babe yizwi labo. Abaholela izingane bakhala ngokuthi njengoba izikole zizovulwa ngesonto eledlule bazoythwala kanzima ngoba yize incane imali yesibonelelo kepha iyawenza umehluko. Imali yesibonelelo sezingane ingama-R510 ngenyanga. Ngokwezibalo izingane ezithembele kulesi sabelo zingaphezulu kwamaphesenti angama-60.
Izolo okhulumela iSassa uPaseka Letsatsi uvumile ukuthi kunabantu abangaphezulu kwama-70% abangakwazanga ukuholelwa isibonelelo sezingane ngenxa yocwaningo olwenziwe oluveze ukuthi kukhona ubugebengu obuqhubekayo. “Empeleni logcobho wabonwa uMcwaningi Mabhuku. Kwavela ukuthi kunabantu abaningi abavula ama-akhawunti ebhange elithile, okuthi lapho sekumele abantu bayohola bangakwazi ukuyithola imali yabo ngoba isiholwe ngabanye abantu”. kusho uLetsatsi. Uqhube wathikungalesi sizathu bethathe isizathu sokukumisa ukuholela abanye abantu, kodwa isimo siyalungiswa. Abahola isibonelelo sama-R350 bathi abangabazi ukuthi nakubona kuzoba yisimo esifanayo uma kuphela inyanga.
Abahola lesi sibonelelo bathi sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi zinyangazonke batshelwe ukuthi kumele bavuselele okungezinye izindlela zokuthi bangaholelwa. Ngasekuqaleni konyaka odlule abantu abayizigidi ezintathu bakhishwa ngaphansi kohlelo lwesibonelelo ngoba kuthiwa isimo sabo sezimali asibavumeli ukuba bahole ama-R350. Kwenzeka konke lokhu nje abahola isibonelelo bathi balindele ngabomvu ukuthi uMengameli uRamaphosa akhulume ngokuthi kuzokwenzekani ngesibonelelo uma esethula inkulumo engobume besizwe ngoNhlolanja. URamaphosa uzokwenza le nkulumo nje ungaphansi kwenkulu ingcindezi ngezinselelo ezibhekene nezwe njengokunqanyulwa kukagesi, ukuntuleka kwemisebenzi, muva nje inkohlakalo ebikwa esikhwameni esixhasa abafundi bezikhungo eziphakeme ngemali yokuqhuba izifundo iNsfas.
Ingcindezi enkulu ukulinganisa phakathi kwezinselelo zezwe nokugwema ihlazo elingehlela iqembu aliholayo okhethweni njengoba kunezinkomba lokuthi liya ngokuhlehlelwa zikhuni ngenxa yezinkinga. Ukukhuluma ezinhlakeni ezahlukene kuthi okungasindisa uKhongolose ukuqhubezela phambili lesi sibonelelo esaqala ukuholwa ngokuhlasela koKhuvethe ngowe-2020. Ngokukahulumeni isibonelelo sizogcina ngoNhlaba nonyaka. Kukhona nokukhuluma okuthi uRamaphosa kungenzeka akuqhubezele ukuholwa kwesibonelelo kuze kube siyatholakala isixazululo sangunaphakade sokubhekana nezinselelo zabantu abangasebenzi.

