UMbalula: UNobhala-Jikelele noma inganekwane?



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
UMbalula usolwa ngokuba wugedegede nokuba nomlomo omanzi.
Umlando walabo abake baba ngoNobhala Jikelele be-African National Congress (ANC) ngezikhathi zombangazwe ucebile. Phakathi kwamagama abaholi abanohlonze abake baba ngoNobhala Jikelele kukhona uMnu uSol Plaatjie (1912-1915), uMnu uSelope Thema (1915-1917), uMnu H.I Bud M’belle (1917-1919), uMnu uSaul Msane (1919-1923), uMnu uT.D Mweli Skota (1923-1927), uMnu E.J Khaile (1972-1930), uMnu u-Elijah Mdolomba (1930-1936), uMnu uJames Arthur Calata (1936-1949), uMnu Walter Sisulu (1949-1955), uMnu Oliver Tambo (1955-1958), uMnu uDuma Nokwe (1958-1969) noMnu u-Alfred Nzo (1969-1991).
Nokho kulezi zinsuku lomlando omuhle nokuhlonishwa kwehhovisi likaNobhala Jikelele weqembu elibusayo uya ngokushabalala. Lokhu kwenzeka kakhulu ngesikhathi sikaMnu uFikile April Mbalula osolwa ngokwehlisa isithunzi sehhovisi. UMbalula usolwa ngokuba wugedegede nokuba nomlomo omanzi.
Okwaka muva kube wukuphawula kwakhe ngodaba oludala lwaseNkandla noluthinta uMnu uZuma owayengumengameli wezwe neqembu. Lolu daba kwabe kuwukwakhelwa kukaZuma umuzi wakwabo kwaDakw’udunuse eNkandla . Udaba kaluhlukanisanga kuphela isizwe phakathi kepha lwaze lwafika nakuMvikeli woMphakathi lwadlulela naseNkantolo yoMthethosisekelo. Laqala ngoshisa uZuma langcina selifake nephalamende nelasolwa ngokungawezi umsebenzi walo esinqumweni senkantolo.
Enkulumweni obekusobala ukuthi uhlasela uZuma osanda kuveza ukuthi ngeke ayivotele ‘i-ANC kaRamaphosa’ kepha usehamba neqembu elisha uMkhonto Wesizwe, lomholi uvumile ukuthi njengeqembu baqamba amanga ephalamende ngenhloso yokuvikela uZuma. Kule nkulume ufake negama laloyo owayengungqongqoshe uMnu uNathi Nhleko.
Lokhu kukhuluma kukaMbalula kusolwe nxa zonke. Bebekhona abamsola ngokuvula inxeba okuyothi bonke labo abalwa ne-ANC nababeyisola ngokuvikela uZuma babuye mawala. Okunye akwenzile mhlawumbe engaqondile uMbalula wukubeka icala ubuholi bonke be-ANC nokufaka inhlangano ehlazweni lokusebenzisa iphalamende ukufeza izinhloso zeqembu. Lokhu kwenza kukholakale ukuthi lokhu athi uMbalula bakwenza odabeni lukaZuma babuye bakwenza sebevikela uRamaphosa kwelasePhala Phala.
Ephawula ngalokhu loyo owayengu ngqongqoshe wezamaphoyisa ngaleso sikhathi (uMbalula ambize ngegama), uMnu uNathi Nhleko uthe isenzo sikaMbalula sitshengisa ukungakhuli ngokomqondo, umfanise nesiginqa thuvi esikhuluma kuqala sicabange kamuva. UNhleko uthe uMbalula ulichilo futhi uletha ichilo ehhovisini likaNobhala Jikelele.
Omunye ophawule ngalokhu nguMnu uGwede Mantashe onguSihlalo we-ANC nothe kwabezindaba lokhu akwenzileyo uMbalula bekungafanele. Uthe ukwenze nje ngoba efuna ukubukwa ngoba nakhu kwakukhona abezindaba.
Akuqali ukuba uMbalula asolwe ngokuba lichilo, ukwehlisa isithunzi sehhovisi nokuba nomlomo omanzi. Ngonyaka owedlule uMakade ebona uMnu uMavuso Msimango wakhwela wadilika kuye emsola ngokuba yihlazo enhlanganweni nasehhovisi likaNobhala Jikelele , wabuye wamcela iqhude ngenkulumo yakhe ( uMbalula ) eyabe isola uMsimango ngokufunjathiswa ukuze ashiye iqembu. Noma loludaba lwaphela kwaba ngenxa yokungenelela kwabaholi abadala nokwenza uMbalula axolise noMsimango abuyele eqenjini.
Ngawo futhi unyaka owedlule uMbalula uphawule ngodaba oluthinta isikweletu seqembu sezigidi nayilapho aphika walala ngomhlane ukuthi kunesikweletu. Okwaba yihlazo kulolu daba wukuthi ekugcineni i-ANC yalivuma icala yaqala izingxoxo zangaphandle kwenkantolo nalabo ebakweletayo. Lapha udaba lwabe selungenelelwe nguMengameli weqembu uRamaphosa.
Olunye udaba olukhomba ukwehluleka kwehhovisi likaMbalula wukubhaliswa kweqembu uMkhonto Wesizwe ku-IEC i-ANC engakaze ikuphikise lokho. Okuthe lapho selethulwa iqembu kwaba yihhovisi likaMbalula elisola into engabe kade layelusa laphinde layilungisa. Ngamafuphi kulokhu ihhovisi likaMbalula lehluleke ukuvikela ifagugu lenhlangano.
Nabantu ezinkundleni zokuxhumana kabamshiyanga uMbalula nabamsola ngokukhulumisa ‘okwenina’ , ukungakhuli ngokomqondo nangokwepolitiki kanye nokuba liphixiphiphixi. Ukuphawula kukaMantashe esola uMbalula kusho ukuthi kungenzeka udaba lukaMbalula luhlale ezithebeni zobuholi obuphezulu. Nokho inkinga enkulu ebhekene ne-ANC wukubuyisa isithunzi sehhovisi likaNobhala Jikelele kancane kancane njengoba seliba yinhlekisa, kanti yena uMbalula uma engaqaphele angaphelelwa wukuhlonishwa nokuba yinganekwane.