Now Reading
Kulindwe isinqumo sodokotela ngoMvala
Dark Light

Kulindwe isinqumo sodokotela ngoMvala

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uhlalelwe ovalweni lokuthi imiphumela eqhamuka kodokotela ngesithenjwa sakhe uMothobi Mvala.

Lesi sitobha kuvela ukuthi sinenkinga yegroin (unyonga), okwenza kube nongabazane sokuthi singagcina siphuthwa ukuya e-Ivory Coast lapho kunemidlalo ye-African Cup of Nations (Afcon) ezoqala ngempelasonto.

UBroos akakufihli ukuthi uMvala ungomunye wabadlali athembele kubona, njengoba ethi uhlezi ezimisele ukulwela izwe.

“Inkinga enkulu lena esibhekene nayo ngoMvala, ngoba ulimele unyonga. Lokho kwenza singabi naso isiqiniseko sokuthi sizohamba yini naye. Uma imiphumela yodokotela ithi ngeke akwazi ukuzilolonga izinsuku ezili-10 ezizayo kosiphoqa ukuba simushiye. Ngethemba ukuthi akukubi kangako. Ungomunye wabadlali ebengithembele kubo mese sidlala neMali kowokuqala kwi-Afcon. Koba buhlungu makungagcina ngokuthi akahambi nathi” kusho uBroos.

Uma kungathiwa uMvala usala ngaphandle, uThapelo Xoki ongumdlali we-Orlando Pirates uyena ozobe esengena esikhaleni sakhe.

UXoki ungomunye wabadlali uBroos owabamemezela ukuthi uma kukhona olimalayo ekhempini, bese eyabizwa.

See Also

Abanye abadlali abathintekile ekhempini yeBafana Bafana uThemba Zwane noRonwen Williams. Ngeke babe yingxeye yomdlalo wesihle ozokuba namhlanje neLesotho, ngaphambi kokuthi iBafana Bafana ifulathele elakuleli.

“Inkinga encane ebhekene noWilliams, ongazange azilolonge nathi ezinsukwini ezine ezedlule, kodwa umbiko kadokotela uthi uzobe eseluleme ngesonto elizayo.
NoZwane ngesifanayo, unenkinga encane bobabili ngeke badlale namuhla” kusho uBroos.

Ukungabibikho kukaWilliams namuhla kuzomele uBroos aqoke ukuthi uvimbisa bani phakathi kukaVeli Mothwa noRicardo Goss.

Scroll To Top