Now Reading
Amabandla ayeholwa ngaboHlanga ayenemibono enzulu ngemiphakathi yawo
Dark Light

Amabandla ayeholwa ngaboHlanga ayenemibono enzulu ngemiphakathi yawo

Kuqhubeka ushicilelo lwangesonto eledlule: Sithola kusukela ekhasini lokuqala kuya kwele-269, lencwadi, uMkhonto weSizwe Fighting for a divided people kaThula Bopela owazalwa ngowe-1944, noDaluxolo Luthuli ngowe-1948, bebalula ngamabandla noma ngamasonto.

Okuwuhlangothi olunye lapho sithola ukuqonda umlando encwadini ebhalwe ngabo noma ebhalwe yibona ukuthi kanti banomuzwa ngamabandla noma ngamasonto. Kwelokuqala ikhasi uThula wasicaphunela ukuthi abaholi bokuqala be-ANC, njengomengameli wokuqala uDkt. uLangalibalele John Dube nabanye, njengoba sazi babedumisa uMdali emabandleni ehlukene.

Basivezela esahlukweni sokuqala ngesihloko: Boys to Men, ekhasini le-13, 14, 15 ukuthi yindaba yabo lena uMfundisi uJaphta Sikhumbuzo Luthuli ubaba kaDaluxolo wayedumisa uMdali, enguMfundisi ebandleni iMethodist Church, iWeseli, enguthisha eFlagstaff eMpumalanga Kapa (eKoloni).Lapho agcagcelwa uNomthandazo uKaMajola, umama kaDaluxolo. Wabuyela eGeorgedale Mission ubaba kaDaluxolo. Wakha isikole ngezikhwepha zakhe. Wayesizwa ngamadodana akhe uJimson, uZeblon, noJaphta. Indlu yesonto ayesontisa, indlu ayehlala kuyona yayisindala,ivuza uma lina.

Wayekade evakashele ebandleni lamaWeseli okukhonza abelumbi bodwa, wabona ukungalingani, ukuthi ayakhiwe kahle lawomasonto. Kusukela lapho, wazakhela indlu yakhe ngemali yakhe hhayi eyeMethodist Church, lapho aze alekelelwa ngumphakathi. Wenqaba ukuthunyelwa yibandla kwenye indawo ngoba akhe umuzi ngaphandle kokusizwa yibandla. Wesula ebufundisini.

Ilapho uDaluxolo eseyingane, aqaphela khona, ukuthi ekuyekeni kukababa wakhe ubufundisi,wayehlale njalo eboshwa. Kwakumxaka uDaluxolo ngoba ubaba wakhe wayengesona isigebengu (wayengeyena umbulali). Ubaba wakhe wayesewuhlobo olwalungathandwa nguhulumeni. Wayeyilunga le-African National Congress noMkhonto weSizwe.

Esahlukweni sesibili ngesihloko: Weapons of Today ekhasini le-17 kuya kwelama-24 lapho kubalulwe ukuthi uMnu uSimo Pascoe Bopela (Bophela) ubaba kaThula wazalwa,wakhulela e-Inanda Mission yebandla iCongregational Church of the American Board Mission (United Congregational Churches in Southern Africa UCCSA) kubusa iNgonyama uDingane ngowe-1835. Encwadini babalule ukuthi kwakungenkathi yokubusa kweNgonyama uShaka. 

Wafunda e-INanda Primary School, waya naseAdams College kwenye yase-America imishini, wazuza iziqu eFort Hare. Wabuya wazofundisa oHlange High School, eyasungulwa nguDkt uLangalibalele John Dube naye owayengowebandla lase-American Board. Ubaba kaThula wayezidingisele eRhodesia (Zimbabwe) ngowe-1961, wabuya eZimbabwe ngowe-1993, washona ngowe-1996 eNanda, ngokushayiswa yimoto eyamhudula ibanga elide kwayima ima.

Bayakuveza ukuthi abamhlophe bezimishini zobuKhrestu babedelela okwaboHlanga ngokuthi yizindlela zobumnyama, zobuqaba (zokunqaba inkolo yobuKhrestu), izithixo zamanga ezingabonwa okuwuMvelinqangi. Kodwa Okhona, nowayekhona ekuqaleni uNkulunkulu. Kuyaxaka ngoba noNkulunkulu akabonangwa ngamehlo. 

See Also

UThula Bophela wabhabhadiswa ngaphansi kwebandla iAmerican Board bametha elobuKhrestu uPercy Osborne. Abantu baseNanda babeya emabandleni ngamasonto.

Kwakuse-Inanda Mission, aboHlanga bakhona babenombono omuhle nowawunzulu. Kwakungowentuthuko eyehlukene emphakathini (kusukela kowe-1835 cishe kufike kowe-1970). Kwakungezemfundo, Inanda Seminary School, isikole samantombazane wodwa semishini yase-America, no-Dkt. uInnes Gumede nabanye. 

Kwakungezemidlalo iNatal Cannons Red and Blue ikilabhu yebhola unobhutshuzwayo, ikilabhu iLilies yebhola itennis nenkundla yokudlala umphebezo eyayingemuva kwebandla iAmerican Board Church. Kwakunemiculo eyayehlukene. Kwakunabanini bamabhasi ayebizwa Ukuthuthuka kwamaQadi. Kwakunobaba uAWG Mahlathi Mhlongo (Champion) nabanye abaningi abangabhalwanga.

Lowombono nge-Inanda noma ngeNanda, waphela ngokushona kweningi lalesosizukulwane saboHlanga nalaba ababalulwe ngenhla. Njengamanje Inanda seyiyesabeka ngenxa yobugebengu obehlukeneyo, yize kunesiteshi esizimele Inanda 88.4FM, esisakaza ngolimi lwebele lwesiZulu.

Scroll To Top