Now Reading
Ubesekwenze konke uBongiwe ebholeni lomnqakiswano kuleli
Dark Light

Ubesekwenze konke uBongiwe ebholeni lomnqakiswano kuleli

Emva kokudlala iNdebe YoMhlaba amahlandla amane, imidlalo yamaCommonwealth Games kathathu ukaputeni weSpar Proteas uBongiwe “Bongi” Msomi usememezele ukuthatha umhlalaphansi. 

UBongiwe uqale ukugqoka imifaniswano yeqembu lesizwe ngonyaka wezi-2011 lapho wayeneminyaka yobudala engama-23. Kuthe ngonyaka wezi-2016 waqokwa njengokaputeni. 

“Isinqumo sokuthatha umhlalaphansi siza ngemuva kokucutshungulwa kahle. Kuyangijabulisa ukuthi ngenze lesi simemezelo inhliziyo yami ithokozile ngoba, ngishiya iSpar Proteas kanye neNetball yaseNingizimu Afrika linyukile izinga. Ngibonga angiphezi kubo bonke abaqeqeshi, nozakwethu abadlale indima enkulu ohambeni lami. Baningi kakhulu engingababala kodwa ngeke ngikhohlwe uThisha wami uSG Mncwabe ngokuthi abone ithalente kumina nokuthi enze isiqiniseko sokuthi ngiba ngaphezulu kokuba umdlali nje” kusho uBongiwe.

UBongiwe uthatha umhlalaphansi nje ubesedlale imidlalo eli-171, uyena mdlali odlale imidlalo eminingi ukubadlula bonke abadlali emlandweni. 

Akugcinanga ngokudlala lapha eNingizimu Afrika kuphela kodwa ukewayaphesheya lapho afike adlala kwi-Adelaide Thunderbirds yase-Australia, waya e-England wadlalela iSurrey Storm neWasp.

Emvakwalokho ubuyile wazoqeqesha i-University of Johannesburg (UJ), wadlalela  iGauteng Golden Fireballs edlala kwiTelkom Netball League (TNL)

See Also

Ephetha uBongiwe uphethe ngokuthi “Ngithanda ukubalula ngokukhethekile umqeqeshi uNorma Plummer, othathe isikhathi esiningi engekho ezweni lakhe waba  nomthelela omkhulu ezweni lakithi. Ungikhuthaze kakhulu, ungisizile ukuthi ngidlale isikhathi engangaziboni ngisidlala. Kuyena ngifinde indlela yokuba ngumholi, ukuzinikela, ukuqonda kabanzi ukuba ngumqeqeshi nokwazi ezemidlalo. 

Siyambonga ngakho konke akwenzele ibhola lomnqakiswano ezweni lakithi. Yena nethimba lakhe benze umsebenzi oncomekayo. Kumfanele ukubonga okukhethekile. Ngiblnga umndeni wami nomathandana wamk u-Raeesa ongiseke kukho konke”.

“Omunye umlayezo wokubonga uya komunye umndenk wami i-Roc Nation Sports International, ngokukholelwa kimi kusukela osukwini lokuqala.  Ukubonga okukhulu kufanele uye kwiNetball SA ngokungeseka nokungihlonipha njengokaputeni wama-Spar Proteas eminyakeni edlule. Kube uhambo oluhle kakhulu, ngizohlezi ngithobekile” kusonga uBongiwe. 

Scroll To Top