Now Reading
Imali ingamqoka uMengameli weNingizimu Afrika?
Dark Light

Imali ingamqoka uMengameli weNingizimu Afrika?

Njengoba yakwazi ukuguqula inqubomgomo ngowe-1996 ingasiqokela yini iqembu nomuntu ongasihola?

Umufi uSolwazi uSolomon Johannes “Sampie” Terreblanche wake wabeka iphuzu elimqoka lapho ethi “umnotho (imali) yiyo eyenza ipolitiki igeleze, akuyona ipolitiki eyenza umnotho ugeleze”. Lokhu kuba sobala kuleli lapho amandla erandi kuyiwo aveza isithombe sokuthi izwe liphethe ngokuyikho na. Uma like langumbuqeka irandi kuba yisimayemaye kubaholi bepolitiki okumele bazichaze ekubeni kuyibo abaphethe. 

Ngenxa yamandla emali kusuka ababusi bakuleli bayogoqa izandla hayi kuphela kuzinhlaka ezifana ne-World Bank , International Monetary Fund, G7 kepha baze bayozilahla nakuzinkampani ezingamaqhude ukuzibeka ezifana no Fitch Ratings Inc., iModddy kanye ne  Standard & Poor’s. 

Amandla emali kwipolitiki yamaqembu kuleli asobala. Ngesikhathi elakuleli liba nokhetho lokuqala iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) labe linabaxhasi abaningi lapha kuleli nangaphandle. Lokhu kwenza umkhankaso walo ube ngonohlonze ukwedlula amanye amaqembu ombangazwe anjenge Pan Africanist Congress ( PAC) ngaleso sikhathi. Ngase maqenjini aphikisayo iDemocratic Alliance ( DA) yesekwe kuleli nangaphandle kwenzinye izingxenye ibiyesekwa ukwedlula ngisho i-ANC. 

Lokhu kwesekwa uyakubona ngezikhathi zomkhankaso kusuka kuzingqeembe nezikhangisi emaphephandabeni, emsakazweni nakuthelevishini. Lokhu kwehluka kwamaqembu akwenziwa yinqubo mgobo kakhulu kepha ngamandla emali. 

Amandla emali ayakwazi nokuqoka inqubomngomo yezwe kungabi ndabazalutho. Isibonelo nje uKhongolose ngokhetho lokuqala lwedemokhrasi wathembisa ngohlelo olwabe laziwa ngele Reconstruction and Development Programme ( RDP). 

Lolu hlelo lwabe lusekwa zinhlaka eziningi ngaphakathi nangaphandle kweqembu.  Nokho yanede yanqoba ukhetho i-ANC abanikazi bemali bashaya amakhala, akuthathanga sikhathi esingakanani kusuka ngowe-1994 kuya kowe-1996 baphoqa ukuba kukwezwe uhlelo olusha olwaziwa nge Growth, Employment, and Redistribution (GEAR).  

Izinhlangano njengobuso bemali 

Kuyimanje buningi ubufakazi bokuthi amandla emali yiwo aba yingxenye yokushaywa kwemithetho kuleli. Lokhu ukubona ngezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni. Lezi zinhlangano zincane kakhulu kunabavoti kepha ngamandla emali ziyakwazi ukwenza iningi labavoti boHlanga abangeke bakwenza , ukuyisa uhulumeni enkantolo . Ezinye zalezi zinhlangano azikho emiphakathini kepha zisemadolobheni amakhulu. Phezu kwalokho ukukhuluma kwazo kwakha isithombe sokuthi zingezomphakathi. Ingxenye yazo icosha uxhaso ezinhlanganweni zangaphandle noma kumabhzinisi athize asuke nawo enombono kulokho okukhulunywayo. 

Muva nje eNingizimu Afrika sekuno mthetho wokuxhaswa kwamaqembu nayilapho njalo ngonyangantathu amaqembu adalula ku-IEC ukuthi ngubani owaphakelayo. Lokhu esimweni esejwayelekile kulekelela ukuba kube sobala ukuthi amaqembu lawa axhaswa ngubani. 

Embikweni wokuqala ngaphansi komthetho omusha  kwavela ukuthi uxhaso lolu luvela kubaxhasi abathathu nokuthi phakathi kwemali abahlukane nayo encane iyizigidi ezili-R15.  Kubaxhasi kwabalulwa i United Manganese of Kalahari, Chancellor House kanye  the Batho Batho Trust.  Bakhona nabanye okungenzeka ukuthi yize bexhasa kepha abakuphosayo kungaphansi komklamo. 

Ukhetho oluzayo

See Also

Ngonyaka ozayo elakuleli lizoya okhethweni . Okwamanje abukeka emathathu amahhashi ensimini; yiqembu elibusayo uKhongolose , yi Multi Party Charter nelumbimbi lwamaqembu aphikisayo ahlangene ngenhloso yokwehlisa izibalo zabavotele uKhongolose kanye ne-Economc Freedom Fighters ( EFF) ethi ayimbimbi namuntu. Kulawa alumbimbi kunezinkulumo zokuthi zihlanganiswe wuxhaso oluhlanganiswe ngabathi  bafuna izinguquko kuleli . Ngokweqhingasu lombimbi lwalamaqembu kuyothi kungaphela ukubalwa bese behlanganisa ezabo izibalo abakholwa wukuthi zizobe zingaphezu kweze-ANC. Ngaleyo ndlela kuyosho ukwakha uhulumeni ohlanganisa lamaqembu. Kuyothi kuwo kuphume umengameli omusha. 

Okwamanje leli kuseliphupho kepha uma liphumelele kuyisho ukuguquka kwendlela leli elibuswa ngayo. Ngakolunye uhlangothi kuyosho amandla okusebenzisana kwamaqembu kepha ngakolunye uhlangothi kungahle kusho ukuthi ngisho i-ANC inqobile abantu befuna yona, umbimbi lwamaqembu ngezinombolo lungakuguqula lokho.  Umbuzo kwabanye uyothi lokhu kuzobe kuseyiyo yini idemokhrasi noma sekuyintando yamaqembu onhloso yawo wukuphatha? 

Ngempelasonto esivela kuyo obengusihlalo wakwa FirstRand , uMnu uRoger Jardine wethule ngokusemthethweni inhlangano ebizwa ngele Change Starts Now. Yize lomholi ekuphika ukuthi iqembu lakhe liyikha ngamafosholo zide zikhona izinkulumo ezithi lakhiwe ngabanikazi bemali abanombono wokuthi sekuphelile ngoKhongolose. 

UJardine uthi lokhu ukwenza ( ukuvula iqembu ) ngoba uhlale wahlala wazibuza ukuthi njengoba izwe likutavatava nje yini yena angayenza. Uthi kananazanga ukwenza isinqumo athi isikhathi saso bese sifikile. 

Kahambi yedwa ngoba ibutho lakhe linalamagama ; uMnu uMark Heywood, usihlalo we-Helen Suzman Foundation okuthiwa usezoshiya uNks u Nicole Fritz, ilungu le-Progressive Health Forum uDr uAslam Dasoo kanye noMnu  Murphy Morobe wodumo lwe -UDF. Bambalwa abakholwa ukuthi leliqembu elisha liza nje alinabo abazolixhasa kwezamabhizinisi. Nokho umbuzo uthi engabe lesi sithebe sizokwanela yini njengoba kukhona abanye abakhona nabo okuthiwa bayizithandwa zosozigidi. Phakathi kwalaba kukhona i DA, iRise Mzansi kanye ne Build One South Africa. Khona lapho kukhona nombimbi olwakhiwe yi-Multi Party Charter. 

Okusobala wukuthi iqembu elibusayo, lizoshishibezwa ngelimabhaxa. Akusezoba amanye amaqembu ajwayelekile ngokhetho kepha nabanikazi bemali abanombono wokuthi ukungenzi kahle kwe-ANC kuyabalimaza nabo sebemi ngomumo ukuqinisekisa ukuthi leli libuswa ngobani ngale kokhetho lwezi-2024. 

Scroll To Top