Ababhalisa amaqembu epolitiki amasha baqhutshwa yindlala noma uthando lwabantu?
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Angahle acele ema-600 amaqembu azongenela ukhetho ngonyaka wezi-2024
INingizimu Afrika iyizwe elehlukile kokuningi. Abavoti balelizwe oningi labo kungaboHlanga kabakwazi ukuvotela umuntu abamthandayo kunalokho umthetho ubavumela ukuba bakhethe iqembu elithize. Ngamafuphi noma ngabe umuntu othile awumfuni ephalamende kepha uma uvotele iqembu lakhe, kuba yilo elinquma ukuthi uyaya yini ephalamende noma cha.
Lokhu kwehlukile kunalokho okwenzeka ezweni elifana ne-United State of America ( USA) lapho abavoti bekwazi ukuvotela ngqo loyo abafisa abe ngumengameli wezwe. Kumqoka ukusho ukuthi yize manxa ukude ungakholwa wukuthi okwenizwa eMelika kuhle uma ususondele kukho kuyavela ukuthi kukhona lapho kunenkinga khona.
EMelika kumele ube nemali noma uxhaso oluthile ukuze ungenele isikhundla sokuba ngumengameli wezwe. Lokhu eNingizimu Afrika kungasho ukunqundwa ilungelo lakho elikumthethosisekelo lokuzibandakanya. Leli lungelo lenza noma ngubani eNingizimu Afrika engaba ngumengameli ufundile noma kafundile, uyinjinga noma cha. Inqobo nje uma iqembu lakhe liqoke yena. Lesi simo sidala isiminyaminya samaqembu abhaliswa cishe nsuku zaphuma.
Ngonyaka wezi-2020 abenhlangano eyengamele ukhetho okuyi -Independent Electoral Commission baphoqeleka ukuba basule amaqembu abalelwa e-138. Lama qembu kwakuthi asulwa nje kumele alandele umthetho wokuqinisekisa ukuthi asekhona kungenjalo ayasulwa emabhukwini. Ngaleso sikhathi emaqenjini angama-450 ayesohlwini angama-93 kuphela ayemelelekile kuzwelonke, kuzifundazwe nako hulumeni bendawo. Lesi sibalo noma usibuka ngaliphi iso yisibalo esikhulu.
NgoMfumfu nonyaka abe-IEC bathe iphepha lokuvota lingahle lande njengoba sekukhona amaqembu angama-70 asefake izicelo zokwamukelwa ngokusemthethweni . Ngaleso sikhathi angama-60 ayesephumelele kusele alishumi. Lesi sibalo sengeza kulawo angama -500 asevele engaphakathi. Kulamaqembu angama-200 azongenela kuzifunda ezithile kuthi angama-300 wona azongenela kuzwelonke nakuzifundazwe.
Phakathi kwamaqembu angavunywanga kube yilawa alishumi:
- African Independent National Congress (AINC)
- Azania Youth in Action (AYA)
- Economic Freedom Party (EFP)
- Familist Movement for Change (FMC)
- Friends of SA (FOSA)
- Lesedi La Dichaba Movement (LLDM)
- Movement For Change (MFC)
- New Force (NF)
- Open Democracy (OPEN)
- SA National Civic Organisation (SANCO)
Kulawo amasha asanda kwamukelwa singabala : iRise Mzansi, Xilavu eholwa ngobeyimenya yeDemocratc Alliance uMnu uBongani Baloyi, uMkhonto WeSizwe ( MK) ebunjwe ngumakadebona woMkhonto weSizwe uMnu uJabulani Khumalo, iOperation Dudula kanye ne- African Congress for Transformation (ACT) eqalwe ngowayengunobhala kazwelonke kaKhongolose , uMnu uMagashule.
Umbuzo omqoka
Esimweni esejwayelekile ukwakheka kweqembu lepolitiki kusho ukwanda kwezixazululo ngoba abasha kuyenzeka beze nezimpendulo ezintsha. Nokho ezweni elinjengeNingizimu Afrika lapho izibalo zokungasebenzi ziphezulu likhona iqiniso ekutheni abanye osopolitiki noma abantu nje ababhalisa amaqembu abo basuke bengenampendulo yezwe kepha bephendula isimo sendlala ababhekene naso.
Lesi simo sendlala sifakazelwa wukuthi abanye basuke bexoshwe ngamaqembu abo kade behola njengamalungu ephalamende, isishayamthetho noma umkhandlu. Bathi bangaxoshwa nje bese beba nevuso lokusiza abantu abathi ngabakubo, okungabavoti.
Yize kunjalo bakhona abathi bephuma nje bese beqhamuka nemibono eyehlukile kuqembu umuntu abekulo nokukhomba ukuthi ushiye ngoba sekuphambana imibono. Iqiniso elizobhekana nawo onke amaqembu azongenela ukhetho ngelokuthi ukwanda kwawo akusho ukwanda kwezitulo, zona isibalo sisamile okuyikuthi ngeke bangene bonke.