Now Reading
Uginqigonqo wabangaya ePhalamende naseziShayamthetho, kweqana izibiba
Dark Light

Uginqigonqo wabangaya ePhalamende naseziShayamthetho, kweqana izibiba

Usuku lwangoLwesihlanu luzoba ngolimqoka kuwo onke amaqembu abhalisele ukhetho lukazwelonke nolohulumeni bezifundazwe. Lolu suku ngokohlelo lwabakwa-Independent Electoral Commission (IEC) ngolwamanqamu lapho amaqembu kulindeleke khona ukuba anike le nhlangano uhlu lwamalungu azowamela ephalamende kanye nakuzishayamthetho.

Lesi yisigaba esimqoka nokungathi uma singasingathangwa kahle kumaqembu sidale ingxabano yangaphakathi. Kusuka ekuqaleni kwesonto iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) belinomhlangano wokubuka uhlu lolu. Kuwo bekukhokhona namalungu angewona awesigungu esiphezulu ngakho belu ngoba umhlangano ubuzodinginda okukhulu. ElaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi ne-Inkatha Freedom Party (IFP) nayo ibe nomhlangano ofanayo ibukisana ngamagama lawa.

Ngokomlomo kaNobhala Jikelele we-ANC okungenani amaphesenti angamashumi amahlanu ababesePhalamende nasezifundazweni bazobuya. Lokhu uthe kwenzela ukuqinisekisa‘ ukuqhubeka’ okungephazamise umgqimgqo nokusebenza kwangaphambilini. Leli qembu lihlanganisa uhlu nje lubhekene nenjolozela ekutheni ngabe labo abanye babaholi abasolwa ngomsanka ngokweKhomishini kaZondo bazobuya yini. Ngisho nalabo abanamacala.

Le ngcindezi abanye basola yona i-ANC ngokuzifaka kuyo ngoba yiyo ngomlomo kaMengameli uRamaphosa eyasho esidlangaleni ukuthi umsaka uqala kuyo.  Kuyimanje injolozela ikuSekela Mengameli weqembu uMashatile okuvunana imilomo ekutheni kumele ayozikhulumela ekomitini langaphakathi elibheka ubugwegwe nesimilo. Amanye amagama abaholi abaphezulu nokulindeleke ukuba nakanjani abe sohlwini ngelikaMnu uMantashe, uKodwa naye uRamaphosa luqobo okunokukhuluma lapha phandle ukuthi kukhona okunuka santungwana ngabo nemindeni yabo.

See Also

Elinye iqembu okulundeleke ukuba liqhamuke namagama nguMkhonto Wesizwe (MK). Lisha leli qembu kepha lakhiwe ikakhulukazi yilabo abake baba ngamalungu e-ANC. Amehlo azobe ethe njo ekutheni leli qembu lizofaka obani. Sekukhona ukukhuluma ekutheni kukhona abanye abazosula noma asebesulile ku-ANC bese beqhamuka kuMK.  Omunye wabaholi ukusula kwakhe kuKhongolose okuphakamise amehlo nguMnu uNkosinathi Nhleko othe usula ku-ANC kulandela ukunukwa nguNobhala Jikelele weqembu uMbalula odabeni oluthinta owayengumengameli, uMnu uZuma. Usula nje uNhleko kuthangi lokhu omunye umholi we-ANC eMsunduzi uMnu uMervyn Dirks usululile engafihli ke yena ngoba usula nje uvele useqome kuMK.

Abanye abaholi kakhulu labo abadala nabesilisa balala bengalele njengoba izinhlangano sezathatha isinqumo sokuthi ohlwini kuyomele kube khona owesifazane noma umuntu omusha. Lokhu kwenza noma umuntu eqokiwe kepha igama lakhe lehliswe kwenzelwa ubulili kanye nabantu abasha. Ngenxa yalesi simo akekho owazi ukuthi kuyothi kushaya uLwesihlanu uyobe ekuphi ohlwini lweqembu ngaphansdle kwabaholi bamaqembu ngoba bona baphezulu le.

Scroll To Top