Ukhala ngokubondelana kwemidlalo uMokwena



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena uthe imidlalo esondelene yenza kube nzima abadlali ukuthi badlale kahle.
ISundowns izolo ngeSonto idlale ngokulingana nePyramids emdlalweni wamaqoqo eCAF Champions League kobubanjelwe eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Idlala ngokulingana nje kodlule wayo iCaf Champions League ihlulwe ekuhambeni iTP Mazembe, akuphelanga nsuku ezingaki yabuya kuleli yazodlala naMaZulu FC koweDStv Premiership nalapho yanqoba ngegoli elilodwa eqandeni.
Kumdlalo olandelayo iSundowns izobhekana neCape Town Spurs edonsa kanzima eLoftus Versfeld Stadium ngoLwesithathu koweligi.
Kwizinsuku ezingama-20 ezisele ngaphambi kokuthi kusongwe unyaka leli qembu lasePitoli lizodlala imidlalo emihlanu. Kuyo lemidlalo izoya nase-Egypt iyodlala umlenze wesibili nePyramids.
“Kunzima kakhulu kubadlali ngoba imidlalo yethu isondelene kakhulu, kodwa angifuni kuthiwe uRhulani uyazivikela mhlambe” kusho uMokwena.
Lo mqeqeshi uphinde waphika ukuthi abadlali basabuswa ukuthi emasontweni edlule banqobe i-African Super League (AFL), eyabe ihamba nesizumbulu semali.
“Okusihlalele ukulungisa iqembu lenze kahle, ngoLwesithathu sibheke nomdlalo onzima kakhulu weDStv Premiership. Abadlali kumele baqhubeke nokuzimisela siqedelele imidlalo esele kulo nyaka. Abanye babo basasalelwe ukuthi baye emakhempini ahlukahlukene ukuzilungiselela i-African Cup of Nations (Afcon)” kubeka uMokwena.
ISundowns kwi-Caf ihlezi phezulu kuqoqo A nalapho enamaphuzu amane khona, wonke amaqembu ayalingana ngamaphuzu umehluko amagoli.
Kuligi nakhona izihola phambili ngamaphuzu angama-30 emva kwemidlalo eli-10, iyinqobe yonke.
Imidlalo yeSundowns ngaphambi kokuthi kusongwe unyaka wezi-2023 ihlelwe kanje:
- Cape Town Spurs (13 kuZibandlela)
- Pyramids (19 kuZibandlela)
- Cape Town City (24 kuZibandlela)
- Moroka Swallows (27 kuZibandlela)
- Polokwane City (30 kuZibandlela)