Now Reading
Senyukile isibalo sabavukuzi abaphangalele 
Dark Light

Senyukile isibalo sabavukuzi abaphangalele 

Kubikwa ukuthi sesinyukele kwabali-12 isibalo sabasebenzi abashonile emayini i-Implats (Impala Platinum) eRustenburg ngesikhathi kunenhlekelele, eyenze kwaba nomgodi okugcine kulimala abantu abangaphezulu kwabali-70. Ngokombiko kuthiwa iningi lilaliswe esibhedlela. 

Lesi sigameko esenzeke ngoMsombuluko, siphoqe ukuthi kume ukusebenza kule mayini.

UMnuz uJohan Theron okhulumela lemayini uthe bazokwenza konke ukulekelela laba abathintekile ngesikhathi senhlekelele. 

“Sizoqinisekisa ukuthi ozakwethu laba abadlule emhlabeni imindeni yabo siyayilekelela ngokubafihla. Ngaphandle olujwayelekile lwenkampani, sizophinde sifundise izingane zabo kusukela emabangeni aphansi kuze kube ziya kwimfundo ephakeme” usho kanje. 

Yize kunjalo kodwa i-Association of Mineworkers and Construction Union (AMCU), umunwe iwukhomba kuyo le mayini ngobudedengu. 

UMnu uJoseph Mathunjwa onguMengameli we-AMCU uthe lenhlekelele ibingagwemeka, kungaze kube khona abantu abashonayo. 

“Le ngozi ibingagwemeka, lawa makheshi adinga ukuhlolwa njalo. Sifuna abaphathi bezinkampani baziphendulele, babekwe amacala okubulala ngokungenhloso” kushl uMathunjwa. 

See Also

Kuvela ukuthi emasontweni amabili edlule kwasho izisebenzi ezimbili eSibanye, kwangaba khona mnyakazo owenziwayo.

“Kunenye izimayini okwavaleleka izisebenzi ezintathu emgodini. Abaphathi bayo bahlulwa ukukhipha ikhonteyina enabantu abathathu” kubeka uMathunjwa. 

Nehhovisi likaMengameli libhonge emswaneni: “UMengameli udlulisa amazwi enduduzo emindenini yabasebenzi basezimayini abashonile.Uphinde wafisela abasebenzi abalimele ukululama 

Scroll To Top