Now Reading
NaboHlanga bangabantu: Uhulumeni uncelisa amawele odabeni lwasePhoenix
Dark Light

NaboHlanga bangabantu: Uhulumeni uncelisa amawele odabeni lwasePhoenix

Umlando othinta aboHlanga nomphakathi wamaNdiya awukaze ungabi nokungaboni ngaso linye. Lokhu ezikhathini ezedlule kudalwe yizizathu ezahlukene kepha ezigqame kakhulu izinsolo zokucwasa kanye nomnotho. Emlandweni kuke kwaba neziqubu ezimbili lapho ukungaboni ngasolinye kwalemiphakathi kwaba nezidumbu phansi kwacekeleka nempahla.

Esokuqala saba ngonyaka we-1949 nokwathinta inkaba yedolobha namuhla elibizwa ngeTheku kanye nendawo yaseMkhumbane. Kwaphinda futhi kwaba ngesifanayo ngeminyaka ye-1980 lapho kwaba nokuthintana ezindaweni ezizungeze iPhoenix neNanda. Nhlangothi zombili kwaba nokusolana ekutheni ngubani oqalile, kuyilowo naloyo evikela iso lakhe.

Isigameko sakamuva kube yileso esenzeke ngesonto eledlule lapho kube nemibiko ethi umphakathi wamaNdiya ubulale aboHlanga nobubasola ngokuthi bayingxenye yequlu labantu abebelutha. Lokhu umphakathi nabaholi bamaNdiya bamile ekutheni abebekwenza bebevikela imphahla kanye nemindeni yabo. Khona lapho basola uhulumeni ngokuthi baze baphoqeleka ukuba benze njalo nje yingoba uhulumeni wehlulekile ukubavikela ‘kosidlame’ abebefike njengesikhonyane ezindaweni ezithile bashiya umonakalo. Bathi noma bayakhuluma akukho monakalo ezindaweni zabo yingoba bona njengomphakathi bame ngezinyawo kungekho phoyisa nagumgedlela.

Ngakolunye uhlangothi aboHlanga bakhala ngokuthi ababulewe babulawe ngabantu ababenonya nobandlululo. Bathi vele umphakathi wamaNdiya uyabacwasa yikho namanje aboHlanga kubo bephenduke izinyamazane, baqothwa ngenhlamvu abanye bahlukunyezwa. Lesi yisimo esibucayi kuhulumeni namaqembu epolitiki njengoba bonke becophelela ukuthi bathini ngoba ukugeja umgodi kungahle kusho ukuhamba kwamavoti kulemiphakathi yomibili kuye ngokuthi ungakuphi.

Okunye okufaka ingcindezi wukuvela kwemibiko ngalokho okwenzekayo nendlela okuthiwa kwenzeka ngayo. Kunemibiko yenqwaba yezidumbu okukholakala ukuthi ngezabantu abalinyazwa ngesandla samaNdiya. Yize kusanokuphikisana ngesibalo esiphelele kepha kunokuvumelana ukuthi ababulewe kabekho ngaphansi kwama-20. Imifanekiso ebivela ezinkundleni zokuxhumana zabantu ababulwe kanjalo nokubalisa kwamalungu emindeni ebithi ilinyalelwe ngabantu abanye badukile kubukeka kuyiyo ecije imikhonto.

UMengameli wenhlangano yabangcwabi iNafupa SA uMnu uMuzi Hlengwa uthe kubaphatha kabi ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal azame ukufihla ukuthi ukugcwala kwezidumbu emakhazeni kahulumeni asePhoenix kuhlobene nezibhelu ezisuke phakathi kwamaNdiya naboHlanga.

“Yebo siyavuma njengoba usho uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukuthi izidumbu ezilapha zibalelwa e-128, leso isibalo esikhulu kunesijwayelekile njengoba izidumbu ezivamise ukuba sePhoenix ngesonto ziphakathi kwama-60-70, futhi kungokokuqala ukuthi amakhaza asePhoenix agcwale abe nezidumbu ezingama-500.

Yebo siyazi ukuthi bangosopolitiki bazama ukuthi kungabi khona umsindo kodwa akumele kuthi kube kufe abantu bakithi kwenziwe sengathi lokhu okushiwoyo kuyihhaba akwenzakalanga lutho. Lokho kusiphatha kabi futhi kuyasiphoxa ngoba mina ngiyakholelwa ekutheni bangaphezu kwama-20, abantu ababulawe ePhoenix njengoba noNdunankulu uMnu Sihle Zikalala eshilo ukuthi kuphenywa amacala okubulala angama-38,” kusho uHlengwa.

Ukubulawa kwaboHlanga ePhoenix njengoba kwenzekile ngezibhelu kufice uhulumeni engazelele. Lokhu kubonakale ngendlela aphendule ngayo kusuka kuMengameli noqale watusa ukuphakama komphakathi uvikele impahla. Nokho okuthe kungavela izindaba zokufa kwabantu kwabe sekuba ngokunye.

Uhulumeni uzame konke ukuba angenelele kuleyandawo njengoba kujusthwe uNgqongqoshe uCele ukuba ayovukuza inhlabathi ukuze okungenani kube nokubonisana phakathi kwalemiphakathi engaboni ngaso linye nokuyinto ebukeka iselukhuni njengoba ukubulawa kwabantu ePhoenix sekungeyona indaba yakhona kepha isinyakazise izwe lonke nokufakazelwa yimiyalezo kwezokuxhumana.

Ukuqhakambisa loludaba sekukhona negama elisetshenziswayo elithi #PhoenixMassacre neliqhakambisa ukuthi kwaba nesibhicongo nayilapho aboHlanga babulawa khona.

Incazelo engachazeki
Kubukeka umzamo omkhulu kahulumeni kakhulukazi ngakwezokuxhumana kungukuthi kungabe sekuphetha ngokuthi nembala lokhu kubulawa kwabantu kwabe kuqhutshwa yinzondo nokucwasa. Igama okubukeka liqhamuka ngelokuthi kwabe kunedlanzana elithile kumaNdiya elaphula umthetho lazibambela ‘abasolwa’ nokulicala. Inkinga ngalokhu kuchaza yikuthi akukho ukuvumelana ukuthi ababulawa babe ngabasolwa yini noma icala labo kwaba yibala labo nokuba sendaweni engafanele.

Kusobala ukuthi uhulumeni ufisa ukugwema ukuba lime lithi mpo elokuthi lesiya kwabe kuyisibhicongo nokuthi kwabe kunobandlululo ngoba ngokwenza njalo uyobe usezigwaza ngelimabhaxa; kuyothi ephunga ukukhuluma okuthi lisha nje bekuvukelwa umbuso bese kumila okunye ukukhuluma okuthi sekunempi yobuhlanga eNingizimu Afrika.

Ngosuku lwangeSonto uCele uthwale kanzima kuyo yomibili imiphakathi njengoba ibimdikadika nje isola ukuthi kunjena nje nguhulumeni ondondile ukusuka. Emphakathini wamaNdiya isikhalo bekuyikuthi bona bebenqanda amanzi ukuba angangeni endlini , besho khona ukuthi bangenelele. Kanti kwaboHlanga bebesola uNdosi qobo nohulumeni ukuthi bavikela “amaNdiya angababulali”.

Besola nokuthi uma kungaboHlanga isandla siyaqina kepha uma kungamaNdiya atanasa nezinhlokohlela aphule nomthetho ngokwenza izivimba mgwaqo ngaphandle kwamaphoyisa siyathamba. UCele uthe kunethimba elizophenya ngokubulawa kwabantu ukuze kutholakale iqiniso.

Nabaholi nongoti baphawulile
Ngenhloso yokuthola ingqikithi nokuphawula okwehlukene elaboHlanga lixoxe nezinhlangano ezahlukene emphakathini ukuzwa ilaka lazo. Okhulumela i-African National Congress ( ANC) KwaZulu-Natal, uMnu uNhlakanipho Ntombela uthe bayakugxeka okwenzeke ePhoenix.
“Asigcini ngokukugxeka nje kuphela futhi siyalamukela ithimba labaphenyi elisungulwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnu uBheki Cele ngoba sifuna lolu daba luphenywe kuze kufikwe emnyombweni walo. Kuyacaca ukuthi lokhu okwenzeke kule ndawo bekungesikho ukuvikela indawo kodwa bese kuwubugebengu obekugqugquzelwa ubuhlanga ngoba abantu abamnyama lapha bebevinjwa, bahlukunyezwe, bashaywe abanye babulawe bengenzile lutho,” kusho uNtombela.

UMengameli we-Inkatha Freedom Party ( IFP) uMnu uVelenkosini Hlabisa naye uhambe emazwini kaNtombela wathi bayasigxeka isigameko esenzeke ePhoenix. “ Siyi-IFP siyasigxeka isigameko sokubulawa kwabantu abansundu, lesi sigameko sisigxeka ngawo wonke amagama ngoba lesi senzo sibuyisela emuva izwe lethu,” kusho uHlabisa.

UBulawayo uthe njenge qembu bafuna ingalo yomthetho ibabambe ababulali, bagwetshwe banikwe isigwebo esinzima esizothumela umyalezo emphakathini, wengeza ngokuthi ukugwetshwa kwababulali kuzofundisa nabanye ukuthi ukwenza izinto ezifana nalezi akwamukelekile. UHlabisa uthe kube umsebenzi onzima ukuthi izwe liphume kuhulumeni wengcindezelo lingene kwidemokhrasi. “Akukwazike ukuthi ngesikhathi sedemokhrasi singavumela ukuthi kwenzeke izigameko ezifana nalezi,” kusho uHlabisa.

Umholi we-Economic Freedom Fighters KwaZulu-Natal, uMnu uVusi Khoza uthe lento eyenzeke ePhoenix abayamukeli. “Sifuna uhulumeni ayisukumele ngokushesha lento ingaze iphume esandleni, sifuna ababulali baboshwe bajeze ngezenzo zabo akukwazi ukuthi kungabulawa abantu abangenacala kucwebe iziziba noma ingoba impilo yomuntu omnyama ishibhile ngoba ukuba iwona amaNdiya noma abelungu ababulewe ngabe mukhulu umsindo okhona ezweni lonke futhi ngabe sekuboshwe nenqwaba yabantu,” kusho uKhoza.

UMsuthu uthe akukwazi ukuthi abantu abafana noMnu uNgizwe Mchunu abangabulalanga muntu baboshwe kuthi amaNdiya abonakala ngisho kuma-video nezibhamu wona angaboshwa.

Uxwayise ngokuthi uma bebona kunokuhudula izinyawo kuhulumeni bazophoqeleka ukuthi bathathe izinyathelo.

USihlalo we-Pan Africanist Congress ( PAC) KwaZulu-Natal, uMnu uLinda Ndebele uthe bakhathazekile futhi badiniwe ngodlame olwenziwe ngabomdabu baseNdiya belubhekisa kwaboHlanga ePhoenix. “Lokhu sikuhumusha njenge senzo sokulwa, sifuna ukuwuxwayisa umphakathi wamaNdiya ukuba upheze ukuphehla lolu dlame ngoba luzodala ukuthi aboHlanga baphoqeleke ukuba bazivikele,” kusho uNdebele.

Uthe akukwazi ukuthi abanikazi bomhlaba okungaboHlanga bangaphendulwa izifiki ezweni labo. “Kumele sikubeke kucace ukuthi sithukuthele siyaveva ngalento eyenzeke ePhoenix futhi sifuna kuthathwe izinyathelo uma zingathathwa kukhona okuzokwenzeka,” kusho uNdebele. UMazalankosi uthe kubaphatha kabi ukuthi uma kubulewe ezinye izinhlanga kusukunyelwa phezulu kodwa uma kubulewe aboHlanga kube ngathi akwenzekanga lutho.

See Also

INduna yeNjeje yabeNguni uMnu uPhumlani Mfeka ithe: “Sibuhlungu siyiNjeje yabeNguni ngezigameko zokubulawa kwabantu bakithi ngesihluku ngamaNdiya, okubuhlungu kakhulu ukuthi inzondo yamaNdiya sekuneminyaka siyikhuza kepha uhulumeni wesifundazwe kwawuye ohamba phambili wasivulela amacala ethi siphehla udweshu.

Namuhla lichithekile igazi lakithi kepha bamatasa nokwephuca abantu abahlwempu okokumaya beyokushisa, okwegazi lakithi elichithekile kabakunakile. Siyahlela nezinye iziNduna nabanye ozakwethu bezinye izinhlaka ukuba sivakashele eZwelisha, eBhambhayi kanye naseHostela lakwaMashu kesiyolalela ukuthi isizwe sithini. Siyethemba ukuthi uhulumeni wesifundazwe kangeke alinde kuze kubuye inqama ekuhlehleni kwayo kuyima esukumele lenzondo yamaNdiya ebhekiswe kwaboHlanga ezweni lawo khokhomkhulu ngoba mhla inqama ibuya, iyobe isichoboze ngezimpondo zombili!”

UMkhulumeli weMazibuye African Forum uMnu uPhillip Mhlongo naye uxwayise abomdabu baseNdiya wathi abawuyeke lo mkhuba wabo wokubulala aboHlanga uma bengafuni ukuhlangana nemamba iphuma emgodini.

“Omunye wabaholi bethu uMnu uZweli Sangweni uhlaseliwe eseParlock ngabomdabu baseNdiya bashisa nemoto yakhe, ukuhlaselwa kukaSangweni kuwukuhlasela iMazibuye uqobo, lokho okuzosiphoqa ukuba siphindisele kabuhlungu kubhubhe izwe,” kusho uMhlongo. UNjomane uthe kuzoba buhlungu uma aboHlanga sebegadla.

Ingqapheli yodlame kuleli ezinze lapha KwaZulu-Natal uNkk uMary de Haas unxuse amaphoyisa ukuba alusukumele ngokushesha udaba lwasePhoenix, wengeza ngokuthi unovalo lokuthi kungenzeka aboHlanga bafune ukuziphindiselela kwaboMdabu baseNdiya. Uthe uma aboHlanga kwenzeka beziphindiselela kuzophuma izidumbu eziningi ePhoenix.

UNkk de Haas uthe uma lento yasePhoenix ingalungiswa izogcina isikapakela nakwezinye izindawo. “Ingakho ngibhalele uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ngimxusa ukuthi abalubeke eqhulwini udaba lwasePhoenix ngoba ngiyasaba ukuthi kungenzeka sibone ukuchitheka kwegazi okuningi uma lento ingalungiswa ngokushesha,” kusho uNkk de Haas.


Uthe uyakholwa ukuthi lento isengalungiseka inqobo uma kuzoboshwa ababulali.
“Kunezinsolo ezithi kunezinkampani zonogada nazo ezimbandakanyekayo ekubulaweni kwabantu lapha, inhlangano ebhekelele lezi zinkampani kumele yenze uphenyo uma ithola ukuthi lokhu ezikwenzile kuwukuphula umthetho bese zithathelwa izinyathelo,” kusho uNkk de Haas.

Uthe phambilini abomdabu baseNdiya naboHlanga bebehlala ndawonye ezindaweni ezifana naseMkhumbane. “Lento eyenzeke ePhoenix izodala ukuthi kube nokubukana kabi phakathi kwalezi zinhlanga lapho zihlala khona ndawonye, uma inganqandwa lento izohamba ize ifike nasezikoleni nasezindaweni zokusebenzela,” kusho ude Haas. Uphawula kanje, kunemibiko ethi aboHlanga sebeke bazama ukuyongena ePhoenix ngenhloso yokuziphindiselela kodwa baphazanyiswa ukuthi ziqiniswe kakhulu ezokuphepha kulendawo njengoba kukhona amaphoyisa namasosha.

USihlalo wezinduna KwaZulu-Natal uMnu Mbongeni Makhanya uthe lento eyenzeke ePhoenix ibigqugquzelwa inzondo ehambisana nobuhlanga. “Noma ngabe kuthiwa abantu bebenza ubugengu kodwa akukho okunika amaNdiya asePhoenix ilungelo lokuthi abulale abantu ngalendlela enze ngayo, lokhu akwenzile bekuhambisana nenzondo endala ayaziyo wona,” kusho uMakhanya.

Uthe lento eyenzeke ePhoenix icishe ifane nesimo esenzeke eManzimtoti lapho abelungu behlanganile bavimba aboHlanga ukuthi bangabe besangena ezindaweni zabo. “Okusiphathe kabi kakhulu ukuthi kunenduna yasesizweni esakhelene naso ephume nebutho yayosiza amabhunu kodwa lokho akusithusi kakhulu ngoba ngisho nangesikhathi sempi yaseSandlwana bakhona abakithi abahamba bayohlangana nabelungu,” kusho uMakhanya.

Uthe kuyacaca ukuthi lento eyenzeke ePhoenix amaNdiya kade vele ayefisa ukuyenza elinde ukuthola ithuba.

Scroll To Top