Now Reading
Uzohlonishwa ngendumezulu eMkhonde uMaYende 
Dark Light

Uzohlonishwa ngendumezulu eMkhonde uMaYende 

Yize eyikazela yizindondo aziwola emazweni angaphandle ngenxa yekhono lakhe emculweni, lapho ezalwa khona akukukhulu ukwaziswa nokuchonywa uphaphe lwegwalagwala. Ngempelasonto yeholidi lomhla zili15 kwephezulu uhulumeni wesifundazwe iMpumalanga izohlonipha umzwilili uPretty Yende odabuka eMkhonde. 

Ukungaqhakanjiswa ngendlela elindelekile kwakhe nomculo wakhe eNingizimu Afrika kubonakala kungamtheni amandla, ngoba lapho ephambi kwabalandeli bakhe emazweni kakufihli ukuthi udabukaphi nokuthi noma angabonakala eyisihlabani ngaphandle, ungum-Afrika ngaphakathi. ElaboHlanga laba yiphephandaba lokuqala ukubhala ngaye ngesikhathi kuvela ukuthi uphakathi kwabaculi abazoba yingxenye yokunandisa kwindumezulu yomcimbi wokubekwa kweNkosi yamaNgisi. Kulo mcimbi kuzoba nedili lomculo elihlanganisa abaculi abadabuka kulesi sifundazwe bezinhlobonhlobo zomculo 

Njengoba eyindlala eNingizimu Afrika ngenxa yokufunwa ngapha nangapha, isimemezelo sokuthi uzoba khona yini siqu sakhe lapho ehlonishwa sizokwenziwa ngempelasonto. Le ntokazi esihambele amazwe amaningi ngenxanje yephimbo layo elimtoti yazalwa ziyi-6 kuNdasa we-1985 endaweni eyayibizwa ngePiet Ritief esifundazweni iMpumalanga. 

Emuva kokuphothula ibanga leshumi yabhalisela ukwenza izifundo zomculo eNyuvesi yaseCape Town, yadlulela e-Accademia Teatro alla Scala, yaphinde yaphekwa nasesikhungweni somculo iSouth African School of Music. UMaYende usehambele cishe wonke amatheatre amakhulu emhlabeni, okuhlanganisa neRoyal Opera House, iCovent Garden, i-Opéra National de Paris, iMetropolitan Opera, iTeatro alla Scala eMilan, iDeutsche Oper Berlin eGermany,  iStaatsoper Berlin, iBayerische Staatsoper eMunich, i-Opernhaus Zürich and Gran Teatre del Liceu eBarcelona, neVienna Staatsoper.

See Also

Uma ungeyena umlandeli we-Opera akulula ukwazi izingwazi asesebenzisane nazo kulo mkhakha nokuthi uwaqonde amagalelo akhe, nendlela ahlonishwa ngayo emhlabeni kulo mkhakha. 

Useke washiyelana inkundla nePhiladelphia Orchestra becula izingoma zikaRichard Strauss. 

Scroll To Top