Now Reading
Imiphakathi kumele ichazelwe ngezinsuku ezili-16 zokulwa nodlame olusekelwe ngokobulili
Dark Light

Imiphakathi kumele ichazelwe ngezinsuku ezili-16 zokulwa nodlame olusekelwe ngokobulili

Njengoba kulezinsuku sigubha izinsuku ezili-16, zokulwa Nodlame Olusekelwe Ngokobulili (GBV). Abanye abantu abazi ukuthi zisho ukuthini izinsuku ezili-16 zokulwa nodlame olusekelwe ebulilini futhi abazi ukuthi kufanele kwenzakaleni.

Umuntu uvamise ukuzwa umbuzo owodwa nofanayo kubantu abaningi othi “Ziyini Izinsuku Ezili-16 Zokulwa Nodlame Olusekelwe Ngokobulili?” Impendulo yalo mbuzo ithi i-16 Days of Activism for No Violence against Women and Children Campaign, ingumkhankaso weNhlangano Yezizwe Ezihlangene, obanjwa minyaka yonke kusukela ngowe-1991, kuqalwa zingama-25 kuLwezi (Usuku Lomhlaba Lokungahlukunyezwa Kwabesifazane) kuya kumhla ziyi-10 Zibandlela (Usuku Lomhlaba Wonke Lwamalungelo Abantu). Umlayezo osabalaliswayo uthi “Ukuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane, sidinga ukubhekana nezinselelo, izimo zengqondo ezinomthethelela, kanye nezimo ezibhebhethekisa lolo dlame, futhi siqaphele ilungelo labesifazane lokuphepha.

Abesilisa yibo abahlukumezayo ezimweni eziningi ngokobulili. Ukuze sibone ushintsho kumele siqale siguqule izimo zengqondo zabesilisa nabesifazane. Ukwabelana ngolwazi mayelana nohlelo Lwezinsuku Ezili-16 nokuba nengxoxo nomunye umuntu ngokuthi kungani kufanele sonke sisebenzisane ukuze sinqande futhi siqede olusekelwe ngokobulili okuwudlame Lwasekhaya kubalulekile.”

Udlame Olusekelwe Ngobulili (GBV) lwenzeka ngenxa yokungalingani phakathi kobulili emphakathini. Kuyadabukisa ukuthi kulezi zinsuku sigubha lezizinsuku ezili-16  kube kunamacala afana nalawa…, eThekwini muva nje kuhlaselwe onogada besifazane abathathu (3) badlwengulwa bekhonjwe ngezibhamu begaselwa edepho yomnyango wezokuthutha KwaZulu-Natal eMerebank.

Amaphoyisa aseFree State afuna usizo lokuthungatha umshayeli wemoto ongaziwa owadlwengula umfundi wamatikuletsheni oneminyaka eli-18 ngoMfumfu. Lokhu kukodwa nje kukhombisa ukuthi abenzi bobubi abahloniphi izisulu, izwe lethu kanye nohlelo lwezobulungiswa. Yizindaba ezinjengalezi zowesifazane obona sengathi ngisho uphiko lwezobulungiswa uhlelo alwenzi okwanele njengoba udaba lwakhe lokudlwengulwa luthathe iminyaka eyisithupha (6) ukuthi luphothulwe. Lowesifazane wayeneminyaka eyisikhombisa (7) ngenkathi uMnu Mazamela waqala ukumdlwengula, lomlisa kanye nomkakhe ababengabazali bakhe bokutholwa futhi abamkhulisayo. Uthe esemncane wayecabanga ukuthi ukuhlukunyezwa nguyise omkhulisayo kwakuyinto evamile futhi kwenzeka ezinganeni eziningi. Wabona ukuthi akulungile lapho esekhulile futhi wamcela ukuba ayeke.

Lowesifazane uthi uMazamela wayeka ukumdlwengula izinsuku ezimbalwa kuphela, futhi ngemva kwalokho waqhubeka emdlwengula. Uthe osonhlalakahle bebevakashela ekhaya bezobheka ukuthi zazinjani izimo zakhe zokuphila kodwa babethi mabefikile bahlale kanye nomenzi wobubi baphuze itiye bazidlele ingevu bahleke kuphela. Uthe lowesifazane watshela othisha esikoleni ukuthi kwenzakalani ekhaya, yebo uMazamela wabizwa esikoleni, kwangaba namphumela.

“Angazi ukuthi yini okwaxoxwa ngayo nezisombululo, ngoba ngangingeyona ingxenye yaleyo mihlangano,” etshela inkantolo. Uthe waphinde wababikela omakhelwane ngesimo sakhe, kodwa bacheme noMazamela ngisho nasekhaya bazama ukumvimba ukuthi angabikeli amaphoyisa ngokudlwengulwa kwakhe. Manje lowesifazane uneminyaka engama-23 ubudala, abangani bakhe bamanje abawazi umlando wakhe, ngisho nokuthi kade ethula ubufakazi enkantolo njengoba enqume ukungabatsheli njengoba engafuni bamzwele noma bambuke ngenye indlela.

Yebo, kusekude phambili futhi kusekuningi okudinga ukwenziwa. Uhlelo lwezobulungiswa lwenza konke olungakwenza ukulwa nokubhekana ne-GBV futhi ngeke sihlale sisola ohlelweni lwezobulungiswa njengoba baningi ababambiqhaza futhi nabathintekayo emiphakathini yethu.

Uhlelo lwezobulungiswa alusebenzi ngokuzimela kodwa ludinga bonke ababambiqhaza abafanelekile ukuthi benze ingxenye yabo. Njengabantu baseNingizimu Afrika singabungaza ukwenziwa ngcono kwemithetho yethu nje ngokuthi zisingathwa kanjani izindaba ze-GBV ezinkantolo zethu.

Uhlelo lwezobulungiswa isithuthukile ekuzameni ukubhekana nezinkinga zomphakathi ze-GBV, isibonelo ukuthi Udlame lwasekhaya seluchitshiyelwe ukuze kuvunyelwe umuntu wesithathu ongabika uma ebona ukuthi othile uyisisulu se-GBV noma isisulu sodlame lwasekhaya. UMthetho wokuchitshiyelwa Kwamacala Obugebengu manje ufuna ukuba imantshi ibambe uphenyo ngodlame lwasekhaya uma kukhona ubudlelwano basekhaya phakathi komenzi wobugebengu kanye nomhlukumezi. Siyabona futhi ukuthi izinkantolo zethu sezikhipha izigwebo zodilikajele emacaleni lapho izisulu kuyizingane noma abesifazane.

See Also

Umdlwenguli, uSolomon Mazamela, oneminyaka engama-58 ubudala ugwetshwe udilikajele. Owesilisa, oneminyaka engama-36, wase-Etwatwa, eKurhuleni, ugwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka emihlanu.

Ugwetshwe udilikajele oneminyaka engama-60, laKwaZulu-Natal owashada nengane encane (ineminyaka eli-17) yasebandleni lakhe ngowezi-2019, ngokuyihlukumeza nokuyidlwengula ephindelela. Umdlwenguli oneminyaka engama-49 ubudala waseVredenburg eWestern Cape ugwetshwe iminyaka engama-30 ebhadla ejele emva kokuthu elahlwe amacala amathathu okunukubeza ngokocansi, amabili okusebenzisa izingane ezithombeni zocansi zezingane.

Okubuhlungu wukuthi sisadinga ukwenza okwengeziwe ukuze silwe nalesi silwane esibizwa nge-GBV. Udlame olusekelwe kubulili lusaqhubeka nokuba yinkinga enkulu. Labo ababeyizisulu ze-GBV badinga usizo olusezingeni eliphezulu emikhakheni eminingi ezobhekana nezidingo zabo zempilo, yomzimba kanye nengqondo, futhi zinikeze isivikelo nokuphepha ngendlela eyimfihlo, nangendlela enenhlonipho. Abantu bayakhuthazwa ukuthi bazifundise ngolwazi olufanele olumayelana ne-GBV kanye nokuqwashisana ngodlame lwasekhaya.

Imiphakathi ingahlanganyela ndawonye ukuze ibhekane ne-GBV emiphakathini yayo nje ngokubanemibhikisho emelene nodlame lwasekhaya kanye nolusekelwe kubulili ezindaweni zabo, (2) Imikhankaso yezemfundo nokwazisana ngodlame lwasekhaya kanye nodlame olusekelwe kubulili, (3) Ukusungula Izindawo Eziphephile Zokusekela izisulu zodlame lwasekhaya kanye nodlame olusekelwe kubulili (War rooms), (4) Ukubandakanya Abesilisa Nabafana ezinhlelweni zabo, kanye (5) Nokuqinisa Izinhlaka Zomthetho ngokubika amacala odlame lwasekhaya futhi bangawahoxisi amacala abo lapho bezwa ukuthi umenzi wobubi usexolisile kubo kodwa bayekhele uhlelo lwezobulungiswa lubhekane nodaba. Kufanele kwethulwe izinhlelo lapho abesifazane kufanele beseke abanye besifazane, ikhakhulukazi izisulu zodlame lwasekhaya.


Lenkulumo akusona iselulekho ngezimithetho kodwa ulwazi olujwayekile. abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabammeli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona.

Scroll To Top