Kosala oyedwa: Magaia


Umgadli weBanyana Banyana uHilda Magaia usongela iBurkina Faso abazohlangana nayo emlenzeni wesibili womdlalo wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuWomen’s Africa Cup of Nations ezobanjelwa kwelaseMorocco ngonyaka ozayo.
IBanyana ibambane ngo 1-1 neBurkina Faso emlenze wokuqala obungoLwesine ekuhambeni.
UMagaia nguyena ovalele enethini igoli leBanyana kulo mdlalo. Namuhla ngo-3 ntambama, iBanyana izothala phezulu neBurkina Faso emlenzeni wesibili.
“Emlenzeni wokuqala sibathathe kancane sizitshela ukuthi umdlalo uzobalula. Besingazi ukuthi badlala kanjani. Emlenzeni wesibili angingabazi ukuthi sizobashaya,” kubeka uMagaia.
Iqembu elizophumela kulo mdlalo lizozibekisela indawo ku-Wafcon kwelaseMorocco.
IBanyana iyona evikela isicoco esinqobe ngonyaka odlule khona eMorocco ishaya bona osokhaya kowamanqamu.
“Ngijabule ngokuthola igoli (emdlalweni odlule). Bese siside isikhathi ngingadlali namagoli ngingawatholi. Igoli lasekuhambeni limqoka kakhulu yize singathola umphumela ebesiwubhekile emlenzeni wokuqala,” kuchaza uMagaia.
IBanyana ibheke ukuvala unyaka ngenothi eliphezulu. Ubenonyaka omuhle. ENdebeni yoMhlaba ifinyelele ku-last 16. Iqophe umlando ngoba ibiqala ukudlulela esigabeni somkhumulajezi koweNdebe yoMhlaba.
“Abantu abafike ngobuningi babo. Ngeke size sibaphoxe. Ukubakhona kwabo kuyasigqugquzela kuphinde kusifake ugqozi uma singena enkundleni.” kusho uMagaia.