Incazelo ngemishado nokwehlukahlukana ngezinhlobo zayo


Asiyivale inyanga yothando ngothando lweqiniso. Yebo inyanga yothando kuningi esingakusho ngayo noma angithi ngothando. Abanye ibaphathe kahle lenyanga, abanye bathole ngisho amaringi esethembiso somshado. Abanye ayibhaphathanga kahle neze, ngoba bayehla beyenyuka ezinkantolo kuyimanje, bebophana, sebeshayene abanye, kufunwa izondlo, abanye bayadivosa kanti futhi abanye basele bencele iziithupha. Kuyaphithizela nje kuyehla kuyenyuka nina boHlanga. Uthando luyinto enhle futhi kufanele lugujwe.
Umshado akuwona umcimbi wokushada, kepha umshado uwubudlelwane besikhathi eside phakathi kwabantu ababili. Uthando yebo luyisisekelo somshado kodwa ucwaningo luthi, izimfuneko ezintathu eziyisisekelo zomshado ngokombono wabesilisa yinhlonipho, ukukhulumisana kanye nokuzidela. Ngakho nina boHlanga ngivumeleni mangithi, uthando lulodwa alwanele kodwa ulwazi lungamandla. Kwingosi yethu yanamhlanje asiqwashisane ngezinhlobo ezahlukhene zemishado. Umthetho waseNingizimu Afrika uthi “umshado uyisibopho sokuzithandela phakathi kwabantu ababili, noma ngaphezulu njengomshado wesithembu”. Kunezinhlobo ezintathu zemishado eyaziwayo eNingizimu Afrika. Lena imishado yeCivil, Customary kanye neyobulili obufanayo. Imishado yamaSulumane isivumelekile kepha inemibandela wokuthi labo abashadile bahambisane nezidingo ezibekwe nguMnyango Wezasekhaya.
Ukuze umshado weCivil usebenze, kufanele uhambisane nalokhu okulandelayo:
Zombili izinhlangothi kumele zivumelane ukushada. Abashadile kufanele babe neminyaka eyi-18 nangaphezulu futhi umshado ubhaliswe emahhovisi oMnyango Wezasekhaya. Asikho isithembu kumshado weCivil, kuwukuhlangana kwendoda eyodwa nowesifazane oyedwa.
Bese kuba umshado ywbulili obufanayo. Ukuze usebenze lona umshado kufanele uhambisane nalokhu okulandelayo. Abashadile kufanele babe neminyaka engu-18 nangaphezulu. Bangakhetha ukubhalisa umshado wabo njengomshado noma iCivil Partnership. Umuntu oshade naye angaba umlingani emshadweni owodwa noma i-Civil Partnership. Asikho isithembu kulabobobulili Obufanayo. Abashadile abakwi-Civil union noma i-Civil Partnership abavunyelwe ukuthi bangene emshadweni ngaphansi koMthetho Wokushada (Civil marriage) noma uMthetho womshado Wesintu.
Abantu uma bethembisene ngomshado noma bebona ukuthi sebekulungele ukushada akufanele bajabuliswe imizwa yothando ize ibabuse ngoba kusuke kusenezinqumo ezibaluleke kakhulu okudingeka banqume ukuthi iyiphi iMarriage Property System ezobusa umshado wabo. Kunezinhlelo ezintathu zeMpahla Yomshado eNingizimu Afrika, okuwumshado ohlanganisa amafa (okwam okwakho), umshado ohlukanisa amafa (okwakho okwakho) umshdo ohlukanisa amafa kodwa uhlanganise ifa elenziwe emshadweni.
Umshado Wesintu umshado okungenwa kuwo futhi uphethwe ngokuvumelana noMthetho Wesintu. Umthetho Wesintu usho amasiko kanye nokusetshenziswa ngokwesiko phakathi kwabantu abamnyama baseNingizimu Afrika futhi okuyingxenye yamasiko alabo bantu. Ukuze usebenze lona umshado kufanele, kuxoxiswane imideni yalabo abalungele ukushada (ukucelwa, nezinxoxo zamalobolo) noma kugujwe ngokuhambisana nomthetho wesintu. Abantu abashadayo kumele babe neminyaka eyi-18 noma ngaphezulu. Labo abathintekayo kumele babe namandla okushada, okusho ukuthi akumele babe yizihlobo zegazi. Ukungabhaliswa kwawo awushintshi ukuthi bashadile ngomthetho
Indaba yemishado nina boHlanga iyindaba ejulile futhi ende ngoba omunye uzozibuza ukuthi thina boHlanga nje siyesibe nezingxoxo zamalobolo kuqala bese sishada umshado omhlophe manje ichaze ukuthini lenkulumo. Ubani okwazi ukuthi akushadise leziz inhlobo semishado? Isithembu senziwa kanjani, Ummeli onjani ushadisayo, ingabe wonke umfundisi oshadisayo uvumelekile ukuthi ashadise. Ngingasho okuningi ngemishado. Ukushada nengane, ingane yokutholwa yona kwenzakalani uma umzali eseshada. Khona lapho kukhona abahlalisana isikhathi eside, impesheni yona ithinteka kanjani?. Lolu udaba lwangelinye ilanga kwenye ingosi lapho esobe sesichaza kabanzi ngayo yonke lemishado futhi kuyofanele ingosi ixoxe ngomshado owodwa ngesikhathi ukuze siyiqonde kahle lenkulumo.
Ngakho-ke ngincoma ukuthi ngaphambi kokushada thatha othandiweyo wakho uhambe uyobonana nommeli ukuze wenze ukwehlukana unolwazi ngokusekelwe ezisekelweni zothando lweqiniso
Le nkulumo akusona iseluleko ngezemithetho kodwa ingzlwazi olungajwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukithi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilonalona.
Lombhalo awusona iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.