Imbokodo ibaqwaqwade emakhanda emncintiswaneni wabalimi



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.



IsiZulu sithi ubucu obuhle obuhamba ngabubili. Lokhu kusebenzele ababili
abanamabhizinisi ezolimo eMandeni eNyakatho Nogu esiFundazweni saKwaZulu Natal.
USilondiwe Nxumalo noNtwenhle Linda abangabanikazi be Lunginhlanhla Projects t/a Qandalami Eggs badle umhlanganiso kwi The Entrepreneur Competition 2023.
Lezizintokazi zigxilile kwezolimo. Azigcini njengokufuya izinkukhu zamaqanda
eziyizinkulungwane ezili-10, ziphinde zilime umoba. Izimpande Cooperative inabesifazane ababili nabesilisa abathathu.
Indlela yalezizintokazi ezisezintsha ayibanga lula. “Ngaphandle kwamaqanda, sike
sazama ukutshala amaklabishi kodwa kwangalunga ngenxa yokushisa. Manje sesihlela ukutshala ubhatata”, kuchaza lezizintokazi.
Izingqinamba ababhekana nazi zibandakanya imililo eshisa umoba eqalwa abantu
endaweni abalima kuyo, ukungabi nemishini yokusebenza kanye nokungenzeki
kwemisebenzi ngesikhathi esifanele. Kwezolimo, ukwenza izinto ngesikhathi kubaluleke kakhulu ngoba uma sesidlulile lesosikhathi kuba lulkhuni ukulungisa isitshalo.
Uma isikhuthazi noma amakhemikhali engafakwanga ngesikhathi umoba uyadodobala.
Lesisitshalo sithatha izinyanga ezsukelwe kwezili-12 kuya kwezili-16 ezindaweni
ezisogiwini. Kulezizinyanga kunesikhathi esibalulekile ekufanele kufakwe ngaso
amakhemikhali okubulala ukhula nokufaka izikhuthazi.
Ngasohlangothini lokukhiqiza amaqanda, ukushisa sekuke kwababulalela izinkukhu
ezili-1534.
Lokhu kudalwa ngukuthi yize iziphephethimoya, kabakwazi ukulawula
ukushisa nokubanda njengoba izindlu zabo zinamakhethini.
“Sikhala kakhulu nangemigwaqo emibi. Uma lina asikwazi ukuhambisa amaqanda nokwamukela izinto ezibalulekile ebhizinisini lethu”, kusho labodade ababambisene.
Umoba bawuqale ngowezi-2018 kanti ukufuya izinkukhu zamqanda bakuqale ngowezi-2022. Amaqanda bawadayisela abantu abaphinde bawadayise, amabhikawozi kanye namaholisela. Kuyisifiso salezizintokazi ukuthi kwande umthamo abawudayisela amabhizinisi anjengezitolo, namanye ngoba kuyokwandisa umthamo.