Now Reading
Intsha ayibe ngabangani nenhlabathi – IMeya
Dark Light

Intsha ayibe ngabangani nenhlabathi – IMeya

Inxuse ukuba kusetshenziswe umhlaba ngenhloso yokulima kukhandwe umnotho wezakhamizi zikamasipala iMeya yaseJozini uMnu uMfananaye Mathe.

Ubethula  inkulumo emcimbini wokwethulwa kwezinhlelo zentuthuko eMasosheni. Ukhuthaze abazali ukuba bafundise izingane ngokubaluleka komhlaba. Uthe ufuna ukuthi yonke intsha ibe ngabangani nenhlabathi.

“IJozini  icebe ngokuba nomhlaba ovuma lonke uhlobo lwezitshalo. Abafisa ukulima umbila ngiyabagqugquzela ukuba baphume ngobuningi babo bayofaka phansi imbewu. Okuthokozisayo wukuthi bayanda abantu abatshala ngenhloso yokuthengisa. Kuyangikhathaza ukuthi liphansi izinga labantu abasha abasemkhakheni wezolimo. Ngicela abazali ukuba babambisane nami silwisane nale nkinga yokushoda kwabantu abasha ezinhlelweni zezolimo,” kusho uMathe.

Ube esethula  izinhlelo ezahlukahlekene okukhona kuzona ucingo lokubiyelwa kwamasimu, amapulazi kanye nezingadi zamalungu omphakathi abe ephuma kuwona wonke amaWadi angaphansi kwalo mkhandlu.

“Ngaphambi kokuba sethule lolu cingo, izingodo zokubiya okuhambisana nalo gandaganda ozohambela kuwona wonke amaward aseJozini siqale ngokwethula uhlelo lokufakelwa kukagesi izakhamizi ezingaphezulu kwama-200. Ngakolunye uhlangothi sethula uhlelo lwezokuphepha emigwaqweni yalapha. Sifisa nokuthi abantu abanesifiso sokuvakashela indawo yethu bangakungabazi lokho ngoba ezokuphepha ziqiniswe ngokwanele emadolobheni ethu,” kwenaba yena.

See Also

UMnu Almon Gumede oyilungu lomphakathi uthe ziningi izinselelo ababhekana nazo uma sebeqede ukulima. Uthe ezinye zazo zigcina seziholela ekutheni isivuno sabo sibolele emasimini.

“Siyakuzwa okushiwo yimeya kamasipala wethu futhi ukhuluma iqiniso uma ethi kufanele kutshalwe ivangeli lezolimo kubantwana emakhaya. Inkinga izingane ziyalushalazela uhlelo lwezolimo. Zikhona izinselelo kodwa inkinga esihlala ngokubhekana nayo ngabantu abafika basiphoqe ngenkani ukuba sibanike imikhiqizo yethu ngemali encane. Bafuna ukuthenga ngemali ethandwa yibo. Sikholwa wukuthi izinkinga zethu zingaxazululeka kalula uma singathola indawo eqondile esizohambisa kuyona imikhiqizo yethu. Silwemukela ngezandla ezimhlophe uxhaso lukamasipala ngokusithengela izinsiza ikakhulukazi ugandaganda”.

Scroll To Top