Awusekho u-Alubhadwa kumfoka Samuel
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Okwaqala ngowezi-2005 KwaZulu-Natal sekushabalele, uRamaphosa kasadudulwa
Igama elithi ‘alubhadwa’ lilunjaniswa nezigameko ezinzima kuleli ngesikhathi umkhonto ugwaza ekhaya, kulwa amalungu eNkatha nalawo kaKhongolose. Kuthiwa kalubhadwa nje yingoba abangakolunye uhlangothi babevinjelwa ukuba bahambele noma bachanase endaweni ethathwa ngokuthi iyisizinda solunye uhlangothi. Kuthe noma selwedlule udlame lolu lweNkatha noKhongolose lachuma leligama selikhulunywa esimweni esehlukile.
Enhlanganweni ebusayo kusuka ngonyaka wezi-2005 phambi nje kancane kokuxoshwa kwaloyo owabe elisekela Mengameli uZuma nguMengameli uMbeki. Lesi simemezelo saphuma intsha engaphansi kweSouth African Youth Council ihlangene ehholo leTheku (City Hall). Kwanede nje kwazwakala ukuthi uZuma usexoshiwe wabhidlika umhlangano intsha oningi layo lalivela kuKhongolose nabadlenana nabo ingasalawuleki. Akuphelanga zinsuku zingaki lentukuthelo yakapakela komunye wabaholi bakaKhongolose okwakukholelwa ukuthi uhambisana noMbeki lo iningi lamalungu kaKhongolose labe limsola ngokuxosha uZuma.
Ezinkundleni zemidlalo KwaMashu kusikhumbuzo sesibhicongo sase-Soweto uNdebele wahlangabezana nolaka lwamalungu eqembu. Wathi angena nje ezinkundleni kwaqala amahubo, kwanesiphithiphithi esalandelwa wukujikijelwa kukaNdebele ngamabhodlela amanye okwabe kuthiwa ayenomchamo. Lesi sigameko sashaqisa kakhulu ngoba kwase kusho ukuthi uNdebele owabe engumholi wesifundazwe kasamukelekile. Ephawula ngalesi sigameko owayenguNobhala kaKhongolose KwaZulu-Natal , uMnu uSenzo Mchunu wakuvuma ukuthi wawukhona umoya wokuchitha ubuholi bukaNdebele, kodwa wathi lokhu kwabe kuncike kubantu ngendlela ababebuka ngayo isimo. “Izitatimende ezazikhomba ngomunwe uNdebele zimhlukanisa nabanye abaholi esifundazweni nokunye okwabe kwenzeka zazingabambeki. Ungomunye wabaholi abangenankinga esikhundleni sokuba ngusihlalo ezweni futhi uyesekwa ubuholi besifundazwe nezinhlaka zezifunda,: kusho uMchunu.
Nokho uMchunu waphoxeka ngoba kuwo lowo nyaka enkonzweni yokuthunwa kabusha komholi wamaKhomanisi uMoses Mabhida zahubha yena uMbeki qobo. Abantu ababelapho nokukholelwa ukuthi ngamalungu kaKhongolose bamhahameza uMzizi. Lesi sigameko esingenhla sabe silandela esenzeka lapho kunomcimbi wokuhlonishwa komholi wamaNdiya, uGandhi . Lomcimbi wabe uhanjelwe nguNdunankulu wase-India uMnu uManmohan Sigh . Lapha iqulu labantu elibalewa ema-200 lanyomfa umcimbi. Kulaba impendulo yabe isobala ukuthi uMbeki kadingeki, iKwaZulu-Natal kuye isingu alubhadwa.
Impela uze wehla esikhundleni uMbeki ‘engachanasi’ kweleNdlovukazi uMthaniya. Lesi sihlava siqhubekile nangesikhathi sokubusa kukaRamaphosa naye njengoMbeki wabe esolwa ngokushishibeza uZuma. Uvuthondaba kulokhu lwaba ngesikhathi kukhona izidubedube zikaNtulikazi emuva kokuphuma kwesigwebo sokuboshwa kukaZuma. URamaphosa okwakumele ahambele ezinye zezindawo ezabe zikhahlamezeke kakhulu KwaMashu , eNanda nase Phoenix kwadingeka ukuba avikelwe nangamagumgedlela kwesatshelwa ukuthi ulaka lwabatu ngokuboshwa kukaZulu lungahle lukapakele kuyena.
Khona lapho ehambele ingqugquthela yobuholi besifundazwe wahlangabezana nezinkinga uMengameli njengoba abeseka uZuma babefunge phansi ukuthi ngeke akhulume. URamaphosa wagcina ngokuba ashushunjiswe aphume ngesamagundwane esabela abalandeli bakaZuma njengesethembiso.
Namuhla sekungokunye
Konke lokhu sekungumlando njengoba uRamaphosa engasapheli KwaZulu-Natal. Uhola umkhankaso omkhulukazi weqembu elibhekene negcindezi njengoba izimbangi zalo okuyi Inkatha Freedom Party (IFP) zize kabi. Okunye okumise kabi leli qembu zinhloso zamanye amaqembu aphikisayo athi nakanjani ngale kokhetho azoba lumbimbi oluzoginga uKhongolose. URamaphosa uqale umkhankasio weqembu KwaDukuza kanti nakulempelasonto uKwaZulu-Natal cishe izinsuku ezine.
Ubuholi bumhambisa zonke izinkalo ukuze ubuso bakhe bujwayeleke futhi nesithombe lesiya esidala sendoda ; engavumelekile ukuba ilubhade’ sicishe kumalungu kaKhongolose . Okubukeka kuyisifiso sabaningi wukuthi uZuma noRamaphosa babesekhaleni lomkhankaso wokuvikela isifundazwe ukuba sithathwe ngaphikisayo. Ungathuki uma usubona uRamaphosa ngakini , abakwabo sebeyamamukela , usenguMengameli wabo nabo.