kuhlale kusemqoka ukuqwashisa izingane ngamalungelo azo


Imfundo wuhambo lwempilo yonke, ukufunda akupheli. Kuhlala kunezinto ezintsha esingazithola, izindlela ezintsha zokubhekana, nezinselele, kanye nokuzithuthukisa ezintsha ngemfundo. “Imfundo ukuhamba usuka ebumnyameni uye ekukhanyeni.” –Allan Bloom. Kuke kwaba nesithombe sentombazane yesikole ekhulelwe igqoke umfaniswano wesikhole.
Lesithombe kade kunombhalo obhalwe ukuthi KwaZulu Natal, kubikwe ukhukhulelwa kwabesifazane abayizi-26 515 phakathi kuka nyakenye. Kanti bekuyizingane ezingapantsi kweminyaka eli-14 noma ngapansi kuka-1 254. NgoNcwaba ingane ibhale emsakazweni yathi, ineminyaka eli-15 ubudala ilungiselela ukushada umshado wesintu njengonkosikazi wesithathu. Isidingo sokuthi umthetho ungenelele futhi uvikele izingane uyinselela enkulu esisabhekene nayo. Kungalesi sizathu umthetho kufanele udlale indima yawo futhi zonke izinhlangano zisukume ziqale ukubhekana nezinkinga njengoba zinjalo, ikhakhulukazi lapho kuthinteka khona ilungelo lengane.
I-LASFI Legal Advocacy Forum To End Social Injustices), iyinkundla yokumela ezomthetho ukuqeda ukungabi nabulungisa. Yinhlangano engenzi nzuzo ezinikele ekufukuleni intsha kanye nabafundi ngokubafundisa ngamalungelo abo omthetho. Bakholelwa ukuthi ulwazi lwamalungelo omuntu angokomthetho lubalulekile, ikakhulukazi phakathi neminyaka yokukhula komuntu omusha.
Bahlose ukuya ezikoleni kuzo zonke izifunda, kusukela KwaZulu-Natali, behlinzeka ngamaseshini afundisayo kanye nemihlangano yokucobelelana ngolwazi ukuze basize abantu abasha baqonde amalungelo abo ngaphansikohlaka lwezomthetho. Bafuna ukweseka ngokuthatha amacala avela kulezi zikhathi, baqinisekise ukuthi abafundi banosizo oludingekayo lapho bebhekene nezinselele futhi ikakhulukazi lapho amalungelo abo enyathelwa.
Le nhlangano iyiqembu labantu abahlukene abavela kuzo zonke izigaba zokuphila abazimisele ukusiza lezi zingane ngazo zonke izindlela ezingase zikwazi ukuvala izikhala, lapho amalungelo ezingane ethinteka ngokuqondile noma ngokungaqondile. Bahlanganisa abameli, odokotela, othisha, abasebenzi beminyango eyahlukene, abathuthukisi bomphakathi nosaziwayo. Inhlangano isadinga kakhulu abantu abaningi abanikelayo kanye nokuchayeka.
Isebenza emazingeni aphansi, isebenzisana eduze nezikole, othisha, ochwepheshe bezomthetho kanye nabo bonke ababambiqhaza abafanelekile. kanye nabo bonke ababambiqhaza abafanelekile, okungukuthi, uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi, uMnyango Wezasekhaya, Uphiko Lwezokushushisa Kazwelonke, Usizo LwezoMthetho eNingizimu Afrika kanye noMnyango Wezobulungiswa ukubala nje abambalwa,ukuze kwakhiwe izinhlelo eziphelele ezizobhekana nezidingo ezithile zezingane.
Ngezikhathi zokuxoxisana, bahlanganisa izihloko ezifana neMishado Yezingane Ehleliwe, Udlame Olusekelwe Kubulili, Umthetho Wamacala Ocansi Ukuvikelwa ekuhlukunyezweni, UmthethoWezingane, Amalungelo Abazali Nezibopho, Ukukhulelwa Kwentsha, imali yesondlo nesibonelelo sikaHulumeni, Umthetho Wesondlo, ukucwasa okufanelekile kanye nokuxazululwa kwezingxabano, ukuhlinzeka izingane ngamathuluzi ngezomthetho, ukuzikhuthaza ukuthi zimelele ilungelo lazo futhi zethembe uhlelo lwezobulungiswa.
I-LAFSI ihlose ukwandisa umthelela wazo nokwenza umehluko ohlala njalo ezimpilweni zalezi zingane. Ukunikeza ulwazi olufanele. “Imfundo iyisikhali esinamandla ongasisebenzisa ukushintsha umhlaba.” –Nelson Mandela. Ukweseka izinhlelo ezifana ne-LASFI, kungaba nomthelela omuhle ekuthuthukisweni kwabafundi futhi kukhuthaze nomphakathi ngokuhlonipha amalungelo ezingane, ubulungiswa, ukulingana, nokuqwashisa ngezomthetho. Ngokubambisana, singakha ikusasalapho abantu abasha behlonyiselwe ukwenza izinqumo ezinolwazi futhi bazimele bona kanye nabanye. ILAFSI ihlose ukwenza izikole indawo ephephile yezingane zethu lapho zingakwazi ukubika noma yikuphi okuyinto engenabulungiswa ekhaya noma emphakathini ezingase zibhekane nakho.
Mhla zingama-27 kuMfumfu wezi-2023 babe nohlelo lwabo lokuqala eMachobeni High School nolube yimpumelelo enkulu njengoba nothishanhloko evumile ukuthi njengoba sebenabameli kuzoba lula ukuthi izingane ziwabike lamacala. Enye yezingane exoxe nabe-1KZN TV ijabule kakhulu futhi yathi bayaluthokozela uhlelo yathi izingane zibhekene nezinselelo eziningi futhi lolu hlobo lohlelo luzozisiza ukuthi zikhululeke futhi zibe sesimweni esingcono sokubika amacala anjalo kothisha bazo ngoba bayazibakhona abazobasiza manje.
Omunye umfundi ugqugquzele ukuthi bavakashelwe ezikoleni noma kanye ngenyanga ukuze kube lula ukubika amacala futhi bathole usizo nokuthi ngempela bayaludinga lolu hlelo. Uma kuwukuthi izingane ngokwazo, ziluthakasele lolu hlelo futhi zibheke ngabomvu ezinhlelweni zalolu hlobo kukhombisa ukuthi imphela uhlelo lwezobulungiswa lolu.Inhlangano idlulisa ukubonga kuwo wonke umuntu oweseka uhlelo lwangomhla zingama-27 kuMfumfu wezi-2023 eMachobeni High School futhi ikakhulukazi abaQondisi be-LAFSI, Amalungu eBhodi layo, othisha baseMachobeni High School, uThishanhloko (Nkk Majozi), uMnu. Sangweni, Selby Mkhize, Nduduzo Khowa, Cebo Mthembu, Dr N.E Shabalala, VB Mthembu Attorneys, SSH Attorneys, Mathenjwa Attorneys, Caw Jijana Attorneys, Sethabile Development Community Development, Ayanda Msweli Foundation, Mafiki Dube, and 1KZN TV.
Inhlangano idinga ukwesekwa ngazo zonke izindlela, okuhlanganisa amaphakethe ahlonishwayo ezingane, izambulela njengoba imvamisa zisebenzisa indawo yokuhlangana ezinhlelweni zazo, amatafula, izihlalo nezinto zokubhala ukuze kuboniswane, ukubala nje okumbalwa. Badinga futhi izinhlangano ezengeziwe ezizobambisana nabo ukuze balethe imfundo edingeka kakhulu kanye nabameli ukuze bajoyine ithimba labo. Kuphinde kugqugquzelwe abantu ukuthi baxhumane nenhlangano ukuze babambe iqhaza njengoba abazali, abafowethu nodadewethu nabo begqugquzelwa ukweseka lezi zinhlelo ukuze kuvalwe igebe kuqedwe ukungalungi kwenhlalo izingane zethu ezibhekene nakho.
Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, ukwesekwa, iminikelo, ungathintana ne-LAFSI ku-legalafsi@gmail.com noma ku-061 539 1940 njengoba futhi bahlose ukufundisa okungenani izikole ezi-2 ngenyanga nokusekelwa kanye neminikelo isadingeka kakhulu. Ukufundisa umntwana ngamalungelo akhe kuyindlela yemfundo okumele ithathelwe phezulu njengoba abantwana bengabaphathi bamalungelo oluntu, izakhamizi ngokwazo. Izikole nezikhungo zemfundo ziyimiphakathi efunda lapho izingane zifunda noma zehluleka ukufunda izimiso nezinqubo zamalungelo abantu kanye nokuba yisakhamuzi ezibalulekile.
Lombhalo awusona iseluleko ngezomthetho kodwa ulwazi olujwayelekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.
