Now Reading
Yini eyenza lube ngolumqoka uhlelo lokunakekelwa kwezingane
Dark Light

Yini eyenza lube ngolumqoka uhlelo lokunakekelwa kwezingane

Sisekuyo inyanga yothando nina boHlanga Njengoba nganginithembisile ukuth sizokhuluma ngoSection 7 kanye nohlelo lokunakekelwa kwengane, kwingosi yethu yaleli viki sekunjalo. Umthetho wezingane iwona olawula zonke izindaba nezomthetho wezingane eNingizimu Afrika.

USection 7 ukhuluma ngentshisekelo encono kakhulu ngezingane. Uthi yilezi zinto ezilandelayo ekufanele sizibeke emnqondweni uma sikhuluma (ikakhulukazi inkantolo) ngentshisekelo yezingane noma angithi yini ethathwa inkantolo uma idingida udaba lwengane:- 

  • Uhlobo lobudlelwano phakathi kwengane, nabazili kanye noma lona oyinakekelayo;
  • Ingane kanye nanoma yimuphi omunye umnakekeli;
  • Isimo sengqondo sabazali
  • Ukusetshenziswa kwezibopho namalungelo obuzali maqondana nengane;
  • Amandla abazali okuhlinzeka ngezidingo zengane okuhlanganisa                nemizwa kanye nengqondo;
  • Umphumela ongabakhona enganeni wanoma yiluphi ushintsho ezimweni zengane okuhlanganisa umphumela ongase ube khona enganeni wanoma yikuphi ukuhlukana:
  • Ubunzima obungokoqobo kanye nezindleko zengane ethintana nomzali othile nokuthi lobo bunzima noma izindleko zizolithinta kanjani ilungelo lengane lokuba nobuhlobo nomzali;
  • Isidingo sengane sokuthi ihlala inakekelwe ngumzali wayo, umndeni kanye nozihlobo zayo;
  • Ukugcina ukuxhumana nomndeni wayo, izihlobo zayo, usiko;
  • Iminyaka kanye nokuvuthwa kwayo kwengqondo, ubulili, imvelaphi, ubukhulu ngokomzimba, okomoya kanye nangokozwelo;
  • Izifo ezingamahlalakhona, ubuhlakani ukulondeka ngokozwelo, imizwa, ukuthuthukiswa komphakathi namasiko;
  • Ukukhuliswa kwengane endaweni yomndeni ezinzile;
  • Isidingo sokuvikeleka kwengane, kuhlanganisa nodlame lasekhaya;
  • Izinyathelo noma ukuxoxisana okungaba khona ukuzama ukunciphisa ukuhamba izinkantolo

Uhlelo lokukhulisa izingane lusiza ekuxazululeni izingxabano ezizayo. Kuye kubencono ukuthi lwenziwe lolu hlelo abazali bengane besazwana. Khona uma sekufika isikhathi sokuthi bayahlukana lube lukhona lolu hlelo ukuthi lubasize futhi ingane ingezukulimala. Ummeli womndeni ulubiza lolu hlelo ngokuthi uhlelo lokulamula ukungezwani kwabazali ngamalungelo abo enganeni.

Uma abazali behlukana,  kusemqoka futhi ngokusobala ukuthi ukuncipha kwengxabano emndenini ngesikhathi esinzima, kuba gcono kakhulu. Isigaba somthetho esikhuluma ngohlelo lokunakekelwa kwezingane uSection 33 woMthetho Wezingane uthi, lesi sigaba somthemthetho sikubeka ngokusobala ukuthi abazali bayakwazi ukwenza isivumelwano mayelana nohlelo lokunakekelwa kwengane kokukhuliswa kwengane. Uhlelo lokukhulisa ingane lusiza nasekutheni ingane ikwazi ukuba nezwi elizozwakala njengoba lokho kugcizelelwa umthetho.

Uhlelo lokukhulisa ingane ludingida lokhu okulandelayo:-

  •   Izohlala kuphi ingane  namuphi umzali;
  •   Ukondliwa kweNgane nokudlinzeka kwezidingo zayo;
  •   Ukuxhumana phakathi kwengane nanoma yimuphi wabathintekayo nanoma yimuphi omunye umuntu;
  •   Ukufunda nokukhuliswa kwengane ngokwenkolo;

Ukwenziwa kohlelo lokukhulisa izingane njengoba kuhlongozwe kusemqoka ukuthi  abathintekayo kumele bathole usizo lukammeli womndeni, usonhlalakahle noma isazi sokusebenza kwengqondo noma omunye umuntu oneziqu ezifanele.

Uhlelo lokukhulisa izingane kumele lubhalwe phansi futhi lusayinwe abazali esivumelwaneni. Kanti futhi angabhaliswa nommeli womndeni noma enze iziphakamiso enkantolo bese inkantolo ithatha iziphakamiso lezo izenze umyalelo wenkantolo.

Uhlelo lokukhulisa ingane alugcini ngokwenziwa, lusayinwe nje kuphela kufanele libe umyalelo wenkantolo. Ukuze uma oyedwa wabazali engasenzi ngendlela noma engasalandeli imigomo yalo lolu hlelo, umthetho uzodlala indima yawo futhi nina Bohlanga benazi ukuthi inkantolo ingakugweba izinyanga ezili-12 ejele uma ungawuhloniphi umyalelo wenkantoto ophathelene nokulandela uhlelo lokukhuliswa kwengane.

See Also

Isicelo sokubhaliswa kohlelo lokukhulisa izingane noma ukuze lwenziwe umyalelo wenkantolo kumele libe ngendlela enqunyiwe futhi iqukethe imininingwane enqunyiwe. Kufanele futhi ihambisane nekhophi yohlelo.

Uhlelo lokukhulisa izingane olwenziwa umyalelo wenkantolo lungachitshiyelwa noma lunqanyulwe kuphela ngomyalelo wenkantolo. Luqanyulwa ngesicelo sabazali ababevumile ukuthi uhlelo lokukhuliswa kwengane lwenziwa umyalelo wenkantolo. Hayi ukuthi sebexoxisene, baxolelene, bakhetha ukubuyelana noma bathandane kakhulu kunakuqala bese bekhetha ukukhohlwa ngohlelo lokukhulisa ingane olwenziwe umyalelo wenkantolo. Kufanele bafake isicelo futhi enkantolo ukuthi uhlelo lolo lunqanyulwe noma lungachitshiyelwa. Abangafaka isicelo kungaba abazali, ngababambisene bezibopho namalungelo abazali. Kanti futhi ngengane, ngokugunyazwa yinkantolo noma ngokwentshisekelo yengane, nganoma yimuphi omunye umuntu osebenza ngemvume enkantolo.


Lombhalo  awusona  iselulekho ngezomithetho kodwa izi zolwazi olungwayekile. Abafundi balenkulumo bayagququzelwa ukuthi baxhumane nabameli ukuthola iseluleko ngezomthetho nolwazi okuyilona lona.

Scroll To Top