Now Reading
ISO NGESO: Impi yabasePalestine no-Israeli Kuvuthondaba
Dark Light

ISO NGESO: Impi yabasePalestine no-Israeli Kuvuthondaba

Intabamlilo ebikade ibila igcine idubulile ngoMgqibelo owedlule. Izakhamuzi zakwa-Israyeli ezakhele umgcele owehlukanisa lelizwe kanye neGaza ehlala amakhulu ngamakhulu abaPalestine zivuswe yinganono nokuqhuma okulandelwe yisililo esethusayo. Yize lokhu kugcine sekusabalale ezindaweni lapho kunezakhiwo ezihlala abantu indaba iqale endaweni lapho bekunejadu i-Nova Festival. Kuleli jadu iningi bekuyintsha yamaJuda ebibungaza iholidi lamaJuda (Sukkot).

Lentsha ibihlele ukuba ijadu leli ebelihlelwe endaweni evulekile linqamule ubusuku nokho izinto kazihambanga ngohlelo. Ezikhathini zasekuseni kugamenxe elesithupha kuzwakale ngokuqhuma nokudubula. Lokhu kube yisiqalo sokuwa kwabantu njengoba ibutho lamaPalestine i-Hamas belingagayelwe mphako lidla kwasani eliJuda ebiphambi kwalo. Kumakhulu ngamakhulu amaJuda beyingekho indlela yokucasha njengoba leli beluliqele nje. Lokhu kwenze kwabalula ukuba i-Hamas ibazungeze ibaqothe ngenhlavu. Kulendawo kusale enhlabathi abangama-260 ngokombiko wabezimo eziphuthumayo kwa-Israeli i-Zaka.

Credit the photos to : Aljazira

Ibutho le-Hamas liqhubekile ladlulela ezindlini nayilapho lenze okufanayo laqoba ngenhlamvu lathumba nabantu. Lezi ziwombe zithuse hhayi kuphela abakwa-Israyeli kepha nomhlaba. Ukungena kweHamas kwa-Israyeli kudale imibuzo ngezokuphepha nobunhloli kuleli yazwe nokwaziwa ngokuthi kusezingeni eliphezulu. Ngakolunye uhlangothi kuveze isithombe sokuthi i-Hamas isithole amava enele ukuba izamazamise izitha zayo ezinamandla njengohulumeni wakwaIsrayeli.

Ukuhleleka kokugasela kwe-Hamas okwenzeke phansi olwandle nasemkhathini nayilapho bekuqhamuka khona intuluntulu yemicibilisholo yomlilo kwenze kwakhona ukusola kakhulu kwi-Melika ekutheni iHamas kayisahambi yodwa. Abasolwa ngokuhamba nayo yi-Iran eyisitha esifungelwe sika-Israyeli nengakufihli ukweseka kwayo iHamas nawo onke amabutho ama-Arabhu alwisana nokuba khona kuka Israyeli. Elinye nje lamaphephandaba aseMelika i- Wall Street Journal ngokwaleliphephandaba emhlanganweni obuseBeruit abathile embuthweni wezempi wase Iran bahlalile neHamas kuxoxwa ngezindlela zokugasela kwa-Israyeli. Nokho lokhu kuphikiwe yi -Iran.

Credit the photos to : Aljazira


Phezu kwalokhu kuphika kwe Iran umbuzo kuzingqapheli ukuthi kwenzeke kanjani ukuba i-Hamas ikwazi ukuba nemicibisholo yomlilo eminingi kangaka eduze nomgcele izinhloli zakwa-Israyeli zingakwazi ukuhogela? Akugcinanga lapho ngoba omunye umbuzo uthi ngabe ihawu elivikele u-Israyeli emkhathini (Iron Dome) lehluleke kanjani ukuvikela ngoba kukhona lapho ivimbe khona kepha kukhona lapho ibhoboke khona. Impendulo yalokhu kwabaningi ithi i-Hamas kulokhu kayiyodwa futhi ihlome iyizingovolo. Kwabanye lokhu kwehluleka kwezinhloli nokuhleleka kwe-Hamas bakulinganise nokwenzeka eMelika nosekwaziwa nge 9/11 lapho isitha seMelika sagasela phakathi ezweni kwabhubha inqwaba.

Kulokhu kuhlasela kwe-Hamas kubikwe ukuthi abantu abayi-1200 babulewe ngasohlangothini luka-Israyeli. Khona lapho kuvele ukuthi abantu abali-150 balimele.

Njengoba bekulindelekile

See Also

Akuphelanga mahora amangaki kube nokuhlasela kweHamas phakathi kwa-Israeli- abakhuzi bempi be -Israel Defense Force ( IDF) umbutho wezempi kubizwe amagumgedlela abalelwa kuzi-300 000 ezweni lonke nokubandakanya noqonda, labo abaqeqeshiwe yize bengeyona ingxenye yombutho nsukuzonke. Enkulumweni yakhe yokuqala esizweni emuva kwesigameko uNdunankulu wakwa-Israyeli uNetanyahu uvumile ukuthi impi isingene ngakho amaJuda kawame ngomumo azilungiselele ukuba sempini. Emuva nje kwaleyo nkulumo kube nomnyakazo ezweni lapho kuthuthwa izikhali nabantu kuphikelelwe emgceleni yeGaza no-Israyeli.

Kusuka ngempelasonto iGaza ingaphansi kokuhlaselwa njengoba ngokwemibiko yabezempi kwa-Israyeli izindawo ezedlule kuma -200 nezihlonzwe ngokuthi ziyizizinda zeHamas zihlaselwe ngamabhomu ngoLwesithathu nje kuphela.
Abombutho wezokuvikela kwa-Israeli bathe sekuhlaselwe abeHamas abayi-2 300 kulandela ukuhlasela kwangempelasonto edlule okudlule nemiphefumulo, kube nemicibisholo engama-4 500 ebonakale iqhamuka ngasohlangothini lweGaza. Lesi sibalo kungenzeka ukuthi sesikhuphukile njengoba siqoshwe elaboHlanga lingakashicilelwa.


Kungekudala kulindeleke ukuba umbutho wezempi wakwa-Israyeli ugasele ngeziyawo eGaza nokukhona ukwesaba ekutheni lokhu kungenza isibalo sikhule nhlangothi zombili . Siye koshicilela becela kwi-1000 abasePalestime asebebulewe.

Scroll To Top